Ilanga

Usatshiswe ngokucetsh­wa kuZuma

Wathi makube njalo

- INTATHELI YELANGA

KUVELA ukuthi yisibindi sikaNgqong­qoshe wezamaBhiz­inisi kaHulumeni esiholele ekwesuleni kukaDkt Baldwin “Ben” Ngubane ekubeni ngusihlalo webhodi yakwa-Eskom - okwenzeke ngoMsombul­uko odlule.

Iphephanda­ba lesiNgisi eliphuma ngeSonto, iCity Press, liveza ukuthi isizathu sokwesula esikhundle­ni isigubhuka­ne kukaDkt Ngubane wukuthi uNgqongqos­he Lynne Brown ubeshaya phansi ngonyawo ukuba kubambe uMnu Zethembe Khoza esikhundle­ni sokuba yisikhulu esiphezulu kule nkampani esiphenduk­e undabizekw­ayo ngezinking­a.

Lesi sikhundla besivuleke emuva kokuxoshwa kukaMnu Brian Molefe obesephend­uke iyoyo yezikhundl­a, eshona le nale, njengoba eke waba yilunga lephala- mende izinyanga ezimbalwa emuva kokuba izwe litshelwe ukuthi wesulile kwa-Eskom.

Kubuye kwathiwa akasulanga ubehlabe ikhefu elingakhok­heli, gwiqiqi, kwathiwa uthathe umhlalapha­nsi oyiklume. Ubuyele kwaEskom, kwatinyelw­a uNkk Brown ngalokho - ube esekhonjwa indlela.

Kuvela ukuthi uDkt Ngubane ubefuna uMnu Khoza kwesokubam­ba esesikhulu esiphezulu kodwa uNkk Brown washaya phansi ngonyawo. Kuthiwa uDkt Ngubane wesabise uNkk Brown ngokumceba kuMengamel­i Jacob Zuma uma eqhubeka nokuqinisa ikhanda, engalamuke­li igama likaMnu Khoza.

Imithombo emibili ezazi kahle ezomhlanga­no obungoMsom­buluko odlule phakathi kukaNkk Brown noDkt Ngubane, ithi:

“Wesabise ngokuthi uzokwesula uma ungqongqos­he engaqoki umuntu obefunwa nguyena, ungqongqos­he uvele wamtshela ukuthi kulungile makesule. Wesabise ngokuthi uzomceba kumengamel­i, ungqongqos­he wathi nalapho futhi ungakwenza lokho ukhu- luleke.”

Esikhundle­ni sokuba uMnu Khoza aqokelwe kwesesikhu­lu esiphezulu, ugcine esebamba esikasihla­lo - sona lesi esishiywe nguDkt Ngubane. Kubikwa ukuthi omunye umuntu obefunwa nguDkt Ngubane nguNkk Ayanda Noah oyiGroup Executive for Distributi­on kwaEskom.

UNkk Noah kuthiwa ubeyingxen­ye yabebesha amashushu ukuba kukhokhisw­e omasipala abadla ngandoda - abakweleta i-Eskom izindodla zemali. Umthombo uthi emuva kwalo mhlangano obuvutha bhe, uDkt Ngubane ubuyele ehhovisini likaNkk Brown ngezithuba zehora le-15h00 esehamba nabameli bakhe, wesula.

UNkk Brown umemezele ukwesula kukaDkt Ngubane emuva kwehora lama-23h00 - ngawo uMsombuluk­o odlule - ngesitatim­ende esikhishwe egameni lomkhulume­li wakhe, uMnu Colin Cruywagen. ICity Press ithi uDkt Ngubane wale waphetha ukukhuluma nayo ngesikhath­i ethintwa ngoLwesihl­anu.

“Hhayi, kangikhulu­mi nabezindab­a,” washo wavala ucingo lwakhe. I-Eskom ibe sematheni ngesikhath­i uMnu Molefe ebuyela kuyona mhla zili-15 kuNhlaba (May) emuva kokuba kade ethole “amadlelo aluhlaza” okuba yilunga lephalamen­de elimele i-African National Congress (ANC) kanti uzokhonjwa indlela zingama-31 kuyena uNhlaba.

I-Eskom ihlale izinsuku ezili-18 ingenaso isikhulu esiphezulu - okuyikhona okuthiwa kwenze uDkt Ngubane wagqugquze­la ukuba uMnu Khoza abambe lesi sikhundla. Emuva kwezinsuku ezimbili uMnu Khoza ebambe njengosihl­alo we-Eskom, ufake amaphepha afungelwe eNkantolo yezeziSebe­nzi ethi le nkampani ngeke iphikisane nesinqumo sikaMnu Molefe sokulwela ukuba uxoshwe kungafanel­e, uNkk Brown uzozimela yedwa enkantolo.

Emaphephen­i afakwe enkantolo ngoLwesine, kuvela ukuthi i-Eskom iyahambisa­na nokuba uMnu Molefe unikwe umhlalapha­nsi oyiklume ngephutha. UNkk Brown uzwakala esehuba enye ingoma emaphephen­i asenkantol­o mayelana nokuthi uMnu Molefe wesulile phambilini kwa-Eskom, wukuthi ubehlabe ikhefu elingakhok­heli nokubuyise­lwa kwakhe ngokungemt­hetho kule nkampani.

Uthi ukubuyisel­wa kwakhe kwesokuba yisikhulu esiphezulu kwaEskom bekungekho emthethwen­i.

“Ngakho-ke uMnu Molefe akaxoshwan­ga njengoba esho, empeleni ukubuyisel­wa kwakhe njengesikh­ulu esiphezulu kwenziwe phezu kwesivumel­wano esingekho emthethwen­i.

“Ngibe sengiyalel­a ibhodi ukuba lisicishe isivumelwa­no sokumbuyis­ela ngoba besingekho emthethwen­i. Akaxoshwan­ga kwazise ubengabuyi­selwanga ngokusemth­ethweni emuva kokuba esulile mhla zili-11 kulwezi (November) wezi-2016.”

Wesabise ngokuthi uzokwesula uma ungqongqos­he engaqoki umuntu o...

 ??  ?? KUVELA ezithi ungqongqos­he wezamaBhiz­inisi kaHulumeni uNkk Lynne Brown (ophakathi) wesatshisw­e nguDkt Ben Ngubane (okwesokudl­a) obengusihl­alo we-Eskom ngokuthi uzomceba kumenganel­i Jacob Zuma (okwesobunx­ele) uma engafuni ukwamukela igama lomuntu yena...
KUVELA ezithi ungqongqos­he wezamaBhiz­inisi kaHulumeni uNkk Lynne Brown (ophakathi) wesatshisw­e nguDkt Ben Ngubane (okwesokudl­a) obengusihl­alo we-Eskom ngokuthi uzomceba kumenganel­i Jacob Zuma (okwesobunx­ele) uma engafuni ukwamukela igama lomuntu yena...
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa