Inkosi izunywe ngomcimbi igubha iminyaka engama-93
Bakhala ngentsha engalawuleki
IZIZWE zamakhosi zibhekene nenkinga yokungabuseki ngenxa yokuthi sekugamenxe kakhulu kuzona osopolitiki, okuyibona asebehamba phambili, okunomthelela wokuba abantu bangayilaleli imithetho yamakhosi.
Lokhu kushiwo yiNkosi yaKwaGolela, eMthunzini, ogwini olusenyakatho yeKwaZuluNatal, uThanda kaMpiyezintombi kaLindelihle Mzimela emcimbini obuKwaMasawula, kwesaKwaMthethwa, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal izolo ngeSonto kuhalaliselwa iNkosi Ntemba Mthethwa ebihlanganisa iminyaka engama-93 ubudala nengama-61 ihola isizwe sikayise.
INkosi Mzimela ithi sebebhekene nezinselelo zokuthi intsha kayisalawuleki kanti namakhosi kawasabusi kahle ezizweni zawo ngenxa yepolitiki.
Ithi kuyajabulisa ukubona iNkosi uMthethwa isadla anhlamvana ngoba yona iqale ukuhola eminyakeni lapho abantu besawahlonipha kakhulu amakhosi njengoba namanje isizwe saKwaMthethwa sisahlonishwa ngokuthobeka kanti nasemlandweni imbala sihamba phambili.
“Kuhle ukubonga umuntu esaphila, ngiyakuncoma kakhulu okwenziwe wumphakathi. Ngikhulele ebukhosini ngabona okuningi obekwenziwa, yingakho ngithi thina makhosi akule minyaka sibhekene nezinselelo eziningi kakhulu.
"UNkulunkulu uthi hlonipha abazali bakho ukuze izinsuku zokuphila zande ezweni, yingakho namhlanje sibona iNkosi yakwaMthethwa isihlanganise iminyaka eminingi kangaka, okusho ukuthi yayilalela imithetho yabazali yafundiseka.
"Siyafisa ukuthi abantu esibaholayo nentsha yakithi balandele kokudala bawathande amakhosi, bathobele imithetho,” kusho iNkosi Mzimela. Lo mcimbi ubuwenziwe yisizwe saKwaMthethwa kuhlanganisa nezibongo ezidabuke ngaphansi kwaso okubalwa esakwaNxele, esakwaMdletshe, esakwaMpanza, esakwaXaba nesakwaMsweli. Umphakathi ukhiphe izipho okubalwa izingubo zokulala, inkosi wayixoshisa ngezimbuzi, iziklabhu, yimali, imibhede yokulala nokunye okuningi. Umphakathi ubukubeka kucace ukuthi ubuholi beNkosi uMthethwa buqotho futhi lesi sizwe sihloniphekile ngenxa yezinqumo ezithathayo.
Inkosana yenkosi, uMntwana Mbusowabathethwa Mthethwa (68), ithi lo mcimbi ucelwe wumphakathi wathi ufuna inkosi ibongwe isaphila, isakwazi nokuzikhulumela.
Itshele ILANGA ukuthi inkosi ibingaziswanga ngalo mcimbi, ithuke isibona kuphithizela ebaleni.
“Wusuku olukhulu lolu lokukhombisa uthando enkosini kwazise ayingcosana amakhosi asehlanganise iminyaka engaka ebusa. Lokhu kusho lukhulu esizweni,” kusho umntwana.
Unxuse isizwe saKwaZulu ukuba siziqhenye ngobubona sibuyele kwebesikwenza endulo, siyeke ukuthi ngeke sisakwenza okwaso ngoba kwakwenziwa ngokhokho.
“Uma singathobela ubukhosi, ngiqinisile baningi abayophila izinsuku ezinde ezweni,” kusho umntwana.
Inkosi idlulise ukubonga yathi kakubanga lula ukuthatha ubukhosi kwazise ibuthathe isencane kakhulu yakwazi nokuvika abantu abebefuna ukubuqhwaga.