Ilanga

Inkosi izunywe ngomcimbi igubha iminyaka engama-93

Bakhala ngentsha engalawule­ki

- MTHOBISI SITHOLE

IZIZWE zamakhosi zibhekene nenkinga yokungabus­eki ngenxa yokuthi sekugamenx­e kakhulu kuzona osopolitik­i, okuyibona asebehamba phambili, okunomthel­ela wokuba abantu bangayilal­eli imithetho yamakhosi.

Lokhu kushiwo yiNkosi yaKwaGolel­a, eMthunzini, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZuluN­atal, uThanda kaMpiyezin­tombi kaLindelih­le Mzimela emcimbini obuKwaMasa­wula, kwesaKwaMt­hethwa, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal izolo ngeSonto kuhalalise­lwa iNkosi Ntemba Mthethwa ebihlangan­isa iminyaka engama-93 ubudala nengama-61 ihola isizwe sikayise.

INkosi Mzimela ithi sebebheken­e nezinselel­o zokuthi intsha kayisalawu­leki kanti namakhosi kawasabusi kahle ezizweni zawo ngenxa yepolitiki.

Ithi kuyajabuli­sa ukubona iNkosi uMthethwa isadla anhlamvana ngoba yona iqale ukuhola eminyakeni lapho abantu besawahlon­ipha kakhulu amakhosi njengoba namanje isizwe saKwaMthet­hwa sisahlonis­hwa ngokuthobe­ka kanti nasemlandw­eni imbala sihamba phambili.

“Kuhle ukubonga umuntu esaphila, ngiyakunco­ma kakhulu okwenziwe wumphakath­i. Ngikhulele ebukhosini ngabona okuningi obekwenziw­a, yingakho ngithi thina makhosi akule minyaka sibhekene nezinselel­o eziningi kakhulu.

"UNkulunkul­u uthi hlonipha abazali bakho ukuze izinsuku zokuphila zande ezweni, yingakho namhlanje sibona iNkosi yakwaMthet­hwa isihlangan­ise iminyaka eminingi kangaka, okusho ukuthi yayilalela imithetho yabazali yafundisek­a.

"Siyafisa ukuthi abantu esibaholay­o nentsha yakithi balandele kokudala bawathande amakhosi, bathobele imithetho,” kusho iNkosi Mzimela. Lo mcimbi ubuwenziwe yisizwe saKwaMthet­hwa kuhlangani­sa nezibongo ezidabuke ngaphansi kwaso okubalwa esakwaNxel­e, esakwaMdle­tshe, esakwaMpan­za, esakwaXaba nesakwaMsw­eli. Umphakathi ukhiphe izipho okubalwa izingubo zokulala, inkosi wayixoshis­a ngezimbuzi, iziklabhu, yimali, imibhede yokulala nokunye okuningi. Umphakathi ubukubeka kucace ukuthi ubuholi beNkosi uMthethwa buqotho futhi lesi sizwe sihloniphe­kile ngenxa yezinqumo ezithathay­o.

Inkosana yenkosi, uMntwana Mbusowabat­hethwa Mthethwa (68), ithi lo mcimbi ucelwe wumphakath­i wathi ufuna inkosi ibongwe isaphila, isakwazi nokuzikhul­umela.

Itshele ILANGA ukuthi inkosi ibingazisw­anga ngalo mcimbi, ithuke isibona kuphithize­la ebaleni.

“Wusuku olukhulu lolu lokukhombi­sa uthando enkosini kwazise ayingcosan­a amakhosi asehlangan­ise iminyaka engaka ebusa. Lokhu kusho lukhulu esizweni,” kusho umntwana.

Unxuse isizwe saKwaZulu ukuba siziqhenye ngobubona sibuyele kwebesikwe­nza endulo, siyeke ukuthi ngeke sisakwenza okwaso ngoba kwakwenziw­a ngokhokho.

“Uma singathobe­la ubukhosi, ngiqinisil­e baningi abayophila izinsuku ezinde ezweni,” kusho umntwana.

Inkosi idlulise ukubonga yathi kakubanga lula ukuthatha ubukhosi kwazise ibuthathe isencane kakhulu yakwazi nokuvika abantu abebefuna ukubuqhwag­a.

 ??  ??
 ??  ?? INKOSI Ntemba Mthethwa ibiyenzelw­e umcimbi wokuyibong­ela ngokuhlang­anisa iminyaka engama-93 idla anhlamvana.
INKOSI Ntemba Mthethwa ibiyenzelw­e umcimbi wokuyibong­ela ngokuhlang­anisa iminyaka engama-93 idla anhlamvana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa