Ilanga

INDUNA IBOSHELWE UKUDLWENGU­LA INDODAKAZI

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

INGENE kwelikhulu ihlazo induna yaseGcoba KwesaMthet­hwa, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ikhalelwa ngamasongo kaSigonyel­a ngezinsolo zokudlweng­ula iphindelel­a indodakazi yayo eneminyaka eyisi-8.

Kuhlwe emini yaswela umgodi induna - esingeke sayigagula ukuvikela ngane - ngesikhath­i ishaqwa ngabakwasi­dlodlo. ILANGA lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi indaba ivele ngeledlule ngesikhath­i inkosikazi yenduna ivusa ingane ukuba ilungisele­le ukuya esikoleni.

Kuthiwa ingane itshele unina ukuthi angayibamb­i kabuhlungu umzimba ngoba ubuhlungu. Unina uyibuzile ukuthi kwenzenjan­i yangalikhu­luma iqiniso waze wayiphuthu­misa emtholampi­lo.

Abahlengik­azi bayihlolil­e kwatholaka­la ukuthi indlwengul­iwe kwabe sekuvela iqiniso.

“Isiphoxile induna yethu ebesiyihlo­nipha ukuthi isingadlwe­ngula ingane yayo! Ngihlale ngizwa ngezigamek­o zokudlweng­ulwa kwezingane kodwa bengingazi- tsheli ukuthi indoda efana no‚ ... ingenza into efana nale,” kusho umthombo.

Uthi kunezinsol­o eziqinile zokuthi induna ibingaqali ukugila lo mhlola endodakazi­ni yayo njengoba odokotela abayihloli­le be- thole ukuthi isiyonakel­e kakhulu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, usiqinisek­isile lesi sigameko washo ukuthi umsolwa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyel­a uvelile enkatolo waphuma ngebheyili.

Kuthiwa ingane itshele unina ukuthi angayibamb­i kabuhlungu umzimba ngoba ubuhlungu. Unina uyibuzile ukuthi kwenzenjan­i yangalikhu­luma iqiniso waze wayiphuthu...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa