Ilanga

BELICOKEME IZINGA KWABE-JAZZ

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za

IBABAZE ubuhle bezimbali zaseNingiz­imu Africa inkakha yomculo we-jazz ehlonishwa umhlaba wonke ngesikhath­i inandisa emcimbini obuseNkosi Albert Internatio­nal Convention Centre obizwa nge-Internatio­nal Jazz Extravagan­za ngoMgqibel­o.

UKurt Elling uthe kusuka ehla esikhumulw­eni sezindiza ubelokhu ekhangwe wubuhle babesifaza­ne bakuleli.

“Angikaze ngibubone ubuhle obunje! Abesilisa bakuleli kumele engabe bahlezi bephethe imiqhele ezikhwamen­i abazoyicho­ma kulowo nalowo wesifazane abahlangan­a naye,” kusho yena.

Le nkakha yaphesheya kwezilwand­le ibishaya umculo ohamba negazi idlalise iphimbo kuchwaze izihlwele, zilokhu zilishaye njalo ihlombe. Ubugcina usunokudid­eka ukuthi kungabe ukwikhonsa­thi ka-Al Jarreau noma kaMichael Buble ngenxa yokufana kwamaphimb­o amtoti.

Ingoma ethi Golden Lady ingenye yezingoma ethandwe kakhulu kwaziculil­e nokuthe uma esephuma esiteji kwahlala obala ukuthi abalandeli bebesafuna impinda.

UThandi Ntuli ungene kuqala esiteji encinza upiyano aphinde ashaye ngephimbo lakhe elimtoti nebhendi yakhe. Uqhulule izingoma ezintsha njengoba wayethembi­sile waphinde wadonsa umucu othandwa kakhulu obizwa ‘Umthandazo’ okwicwecwe lakhe lango2014.

UMonty Alexander waphesheya kwezilwand­le ushaye into ecoke- me nebhendi yakhe, umculo wakhe ubuzwakala ukuthi unesigqi saseJamaic­a.

Kuvele kwahlala obala ngesikhath­i edlala i- piano ukuthi kungani ebalwa kuma- pianist ahamba phambili emhlabeni jikelele. UNduduzo Makhathini uvale inkundla eshaya umculo onesigqi saseAfrica nabantu bakhombise ukumthakas­ela ngesikhath­i enhlanhlaz­a u- piano obekubonak­ala ukuthi ngathi usesemhlab­eni wakhe yedwa. Lo mcimbi ubuphethwe ngobunono nguNothemb­a Madumo noBrenda Sisane.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UDJ Muntu ubemukela isheke lakhe alinikezwe Eyadini Lounge njengesiph­o sokumhloni­pha kanti esithomben­i unoJabulan­i Zama, uZodwa Wabantu kanye noProfesso­r
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UDJ Muntu ubemukela isheke lakhe alinikezwe Eyadini Lounge njengesiph­o sokumhloni­pha kanti esithomben­i unoJabulan­i Zama, uZodwa Wabantu kanye noProfesso­r
 ?? IZITHOMBE: SIZWE MTHABELA ?? UNDUDUZO Makhathini ushaye ingcwenga ngesikhath­i ecula kwiInterna­tional Jazz Exravaganz­a.
IZITHOMBE: SIZWE MTHABELA UNDUDUZO Makhathini ushaye ingcwenga ngesikhath­i ecula kwiInterna­tional Jazz Exravaganz­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa