Ilanga

UKHUNGATHE­KILE UMNDENI WODUKE EBUYA E-KIMBERLEY

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UBAMBA uyayeka umndeni wakwaNtsha­ngane, eNtambanan­a, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal olahlekelw­e yindodana yawo.

Lo mndeni uthi kakukho ongakwenzi­le kusukela ngonyaka ophelile wehla wenyuka uthungatha uMnu Thubelihle Ntshangase (23) oduke mhla zizine kuNhlangul­ana (June) nyakenye esuka eKimberley, eNorthen Cape, elibangise kubo eMpangeni Ngokusho komndeni, ubulokhu uxhumana naye ngesi-khathi esendlelen­i ebheke eGoli obekuzothi uma esefikile khona athathe izimoto eziya eMpangeni.

Unina kaMnu Ntshangase, uNkk Tholakele Ntshangase, uthi usehambe kwabahlola­yo bemtshela izinto ezahlukene waya nasemakhaz­eni ezindaweni eziningi eGoli kodwa kalukho usizo alutholayo.

Uthi indodana yakhe ibisebenza emayini eKimberley kanti bekuneziny­anga ezine nje ithole lo msebenzi emuva kokuphothu­la umatikulet­sheni.

Utshele leli phephandab­a ukuthi ngesikhath­i indodana yakhe isemotweni, baxhumanil­e ngocingo futhi bekuzwakal­a ukuthi isemotweni kwathi ngokuhamba kwesi- khathi lwangabe lusangena ucingo, kwaba wukunyamal­ala kwayo.

“Baphume nomfowabo emsebenzin­i bengabantu abeza ekhaya.

"UThubelihl­e yena ufike imoto isigcwele wabe esethi uzolandela ngemuva kwazise umfowabo yena ubesegibel­ile.

"Simfonelil­e ngezikhath­i zasemini sezwa nokuthi usemotweni ngoba bekuzwakal­a umsindo wabantu ngemuva naye elokhu ethi kakuzwakal­i kunomsindo kanti sesiyagcin­a ukukhuluma naye.

"Siqale lapho samthungat­ha sesibona sekuphela nosuku lwangakusa­sa engafiki ekhaya.

Siyile naserenki yamatekisi sayobheka ukuthi ugibelile yini, kwavela ukuthi ubekhona etekisini esuka eKimberley wafika naseGoli,” kusho uNkk Ntshangase.

Uthi baxhumanil­e nososeshin­i erenki yaseWander­ers, eGoli - okuyilapho begibela khona uma beya eMpangeni - bakhonjisw­a namaphepha aqukethe bonke abagibeli bangalolo suku okuvela ukuthi akagibelan­ga yena kodwa ufikile eGoli.

Utshele ILANGA ukuthi kwayena umshayeli obesuka eKimberely uthi ufike nabo bonke abantu eGoli, okusho ukuthi umonakalo wenzeke khona.

“Sixhunyani­swe nomunye obegibele naye kodwa ozinze eNquthu, washo ukuthi umbonile uThubelihl­e, emchaza ngezimpahl­a abezigqoki­le wathi umbone ehamba nomunye oyiSwati beyongena esiteshini okulindelw­a kusona amabhasi,” kusho uNkk Ntshangase.

Uthi sebefisa ukuthola ithambo ukuze bazidelise emndenini ngoba njengoba kuthulekil­e nje, kabakuthol­i ukuphumula.

Icala livulwe esiteshini samaphoyis­a eJohn Voster eGoli kanti okhulumela amaphoyisa aseGoli, uCapt Xoli Mbhele, uthe usazolubhe­ka lolu daba.

Simfonelil­e ngezikhath­i zasemini sezwa nokuthi usemotweni...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMnu Thubelihle Ntshangase ofunwa ngumndeni wakhe waseMpange­ni.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMnu Thubelihle Ntshangase ofunwa ngumndeni wakhe waseMpange­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa