LUSHAYELWE IHLOMBE UHLELO LWAMABHIZINISI
SISHAYELWE elikhulu ihlombe ngosomabhizinisi abagxile kwezokuvakasha isinqumo soMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal sokwethula umkhankaso obizwa nge-Operation Vula, owethulwe ngoLwesine eNatal Sharks Board, eMhlanga, enyakatho yeTheku.
I-Operation Vula kuhloswe ngayo ukuvula amathuba okungena emabhizinisini kubantu abamnyama, okubalwa kubona abesifazane, intsha nabakhubazekile ukusimamisa umnotho waKwaZulu-Natal.
Ekhuluma nabanikazi bezinkampani emkhakheni wezokuvakasha, ezohwebo nabasezimbonini zendwangu uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZuluNatal, uMnu Sihle Zikalala, uthe i-Operation Vula yiyona ndlela uhulumeni ozoyisebenzisa ukufaka abebencishwe amathuba phambilini emnothweni.
“Akekho ongazi ukuthi ngezikhathi zobandlululo umnotho ubusezandleni zabamhlophe, abantu abamnyama bebencishiwe amathuba. Uma sifuna ushintsho lwezomnotho, kufanele sibhekane ngqo nokushintsha lapho konakale khona ekuqaleni. Abantu abamnyama kumele bangene emabhizinisini babe ngosozimboni, bakhiqize.
"Ngikhuluma nje kunesitolo esithengisa ukudla sesizibophezele ukuthi sizoweseka lo mkhankaso, osekusele nje wukuba abantu basho ukuthi bazokhiqiza ini ithathwe leyo mikhiqizo ifakwe ezitolo.
Sifuna abantu bangazami uku- khiqiza yonke into. Omunye angakhiqiza amaqanda, omunye inyama, omunye ubisi njalo njalo, “kusho uMnu Zikalala.
Usihlalo wezinkampani ezinkulu ezithengisa ukudla, iMassmart noWalmart, uMnu Kuseni Dlamini, uthe zonke izitolo ezingaphansi kwabo okubalwa kuzona uCambridge noShoprite zizoyeseka i-Operation Vula. Kumanje zivele seziqalile zixhasa izinkampani zosomabhizinisi abancane esikhwameni esaziwa ngokuthi yiSupply Development Fund.
"Kumanje sinezinkampani ezingama-33 esizixhasile kanti lezi zinkamnpani sezisungule amathuba emisebenzi kubantu abayi-135. Sifuna osomabhizinisi abazokhiqiza umkhiqizo osezingeni eliphezulu futhi omningi,” kusho uMnu Dlamini.
UMnu Paul Ngema ongusomabhizinisi onepulazi eShowe, enyakatho-mpumalanga yeKwaZuluNatal, uthe bakujabulele ukuthi uhulumeni ube nalolu hlelo akholwa wukuthi luzobasiza kakhulu ekubeni bakhiqize kangcono.
“Sibhekene nenkinga yokuhluleka wukwenelisa amakhasimende ethu njengosomabhizinisi ngenxa yokukhiqiza umkhiqizo omncane. Sithi sisalindele ukuvuna sekufika inqwaba izofaka ama-oda bese sihluleka ukubasiza bonke, okwenza sigcine sesinegama elibi,” kusho uMnu Ngema. Nabamahhotela okubalwa kuwona iTsogo Sun neHilton Group, kabasalanga ngaphandle kulolu hlelo njengoba besho ngazwilinye ukuthi bazolweseka.
Bathi izinkampani zabamnyama ezikhiqiza amaphepha asendlini encane, mazingahambeli kude nabo ngoba bazimisele ngokusebenzisana nazo ukuze le mikhiqizo bayithole KwaZulu-Natal. KUVELE isikhalo ngomphakathi waseNtuzuma, enyakatho yeTheku, okuthiwa kawusithandi isikole samabanga aphansi kule ndawo, iNdabomuhle Primary njengoba kuthiwa usigqekeza mihla namalanga, untshontshe izinsizakusebenza.
UNkk Makhosi Hlela ongusihlalo wesigungu esilawula isikole eNdabomuhle, uthi abazali abaningi sebeyazikhipha izingane zabo kulesi sikole ngenxa yesakhiwo saso esingagculisi, okudalwa yiwona ngqo umphakathi ucekela phansi isikole.
Lokhu ukusho ngoLwesine emcimbini wokugubha usuku lwentsha kulesi sikole. Utshele ILANGA ukuthi ucingo lokubiya isikole umphakathi uyaluqaqa, izihlalo ezindlini zangasese ziyantshontshwa nokunye okuningi. “Uhulumeni usinikeze imali eminyakeni edlule wathi makulungiswe isikole.
"Zithengiwe izinto kwabakhona abaziqaqayo kwaphinda kwabanjwa inkunzi nezisebenzi khona ngaphakathi. Konke lokhu kuyasihlupha, kwenza isikole singayi phambili,” kusho uNkk Hlela. Uthi ukwehla kwesibalo sabantwana kulesi sikole sekwenza nesabelomali sishone phansi ekubeni iNdabomuhle yiyona ehamba phambili ngemfundo esezingeni eliphezulu ezikoleni ezingomakhelwane. Unxuse umphakathi ukuba usivikele isikole sawo ukuze kuhlomule izingane zawo, kunqandwe nezinswelaboya.
Kulo mcimbi bekukhona inhlangano yomama ebizwa ngeSouth African Women in Construction (SAWIC) ebiyonikelela izingane ezinhlwempu ezingama-30 ngemifaniswano yesikole. Usihlalo wale nhlangano, uNkz Lungile Mthalane, uthi bakhethe lesi sikole ngoba bebona singekho esimeni esihle kanti nezingane eziningi ezifunda kusona bese bezwile ukuthi zidonsa kanzima.
“Singomama abazimisele ngokubuyisela emphakathini, yingakho sicele othisha ukuba basihlonzele zonke izingane ezingenawo umfaniswano sizigqokise kusukela phansi kuyophuma phezulu. Lolu hlelo lwethu silwenza iNingizimu Afrika yonke, “kusho uNkz Mthalane.
Uthi njengoba besebenza umsebenzi wokwakha, kuyenzeka bathole ithenda yokwakha izikole bese bebona inqwaba yabafundi ehluphekayo kanjalo nezikole ezidinga ukulekelelwa.
Uveze nokuthi kwesinye isikhathi bayaxhasa ezikoleni ngokuzipenda uma bebona udonga selugugile. UNkk Thoko Mabaso (67), okuhlomule umzukulu wakhe ngomfaniswano, uthi ukunikelelwa kwakhe kususe utalatiya kuyena ngoba ubengenawo amandla. “Ngihlala nezingane eziningi, kangikwazi ukuzenelisa zonke. Ngijabule kakhulu namhlanje. UNkulunkulu uvele akwenzele izimanga.
"Kangizange ngikholwe ngesikhathi ngithola incwadi ethi ngiyabizwa esikoleni. Ngifisa uNkulunkulu abanikeze amandla laba bantu besifazane baqhubeke noku siza abaswele,” kusho uNkk Mabaso.
ISAWIC isungulwe ngonyaka we-1998 kuzwelonke kanti KwaZulu-Natal iqale ukusiza umphakathi ngowezi-2004. Lolu suku lugujwe ngezindlela ezahlukene njengoba namaphoyisa abekhona efundisa abafundi ngokubaluleka kokuvikeleka kwabo, abaxwayisa nengezigilamkhuba ezintshontsha izingane.