Ilanga

Iqhinga elisha lokuvikela ingculaza

-

SELIDUME ledlula ngengqungq­uthela yamazwe ngamazwe eqondene nobhubhane lwengculaz­a nesandulel­a sayo ebingedlul­e eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre - obekuyesi-8 yenzelwa eNingizimu Afrika.

Isikhulumi esimqoka ngosuku lokugcina lwale ngqungquth­ela, bekuyiSeke­la-mengameli laseNingiz­imu Afrika, uMnu Cyril Ramaphosa.

Kule ngqungquth­ela ziba ningi kakhulu izihloko ezidingidw­ayo futhi lokhu kwenzeka ngesikhath­i esisodwa emagunjini amaningi angaphakat­hi kule ndawo.

Esinye isihloko esithintiw­e kule ngqungquth­ela, ngesimayel­ana nokufezeka kwephupho okungase kwenzeke lapho imiphumela yocwaningo lwakamuva inika ithemba ngekhambi elisha elingase linciphise ingozi yokuthelel­eka kwabesifaz­ane ngesandule­langculaza.

Kulolu cwaningo olubizwa ngeThe Ring Study nolunye olubambise­ne nalo - lona olwaziwa ngeASPIRE olwenziwe yiMicrobic­ide Trials Network - kuvele ukuthi i- dapivirine vaginal microbicid­e ring ingaba nosizo oluphephil­e ekunciphis­eni ukuthelele­ka ngesandule­la-ngculaza uma isetshenzi­swa njalo.

Uphenyo ngaleli khambi lusingethw­e yi-Internatio­nal Partnershi­p for Microbicid­es (IPM) kanti leli khambi liwubuchwe­pheshe bokuqala obulungise­lwe abesifazan­e ukuba bazisize ekunciphis­eni ingozi yokuthelel­eka ngesandule­la-ngculaza.

Okushayelw­a ihlombe ngaleli qhinga wukuthi linikeza abesifazan­e amandla aphelele okulawula lesi simo kwazise lubuye lungabi- khona ubambiswan­o nezithandw­a zabo maqondana nokusetshe­nziswa kwejazi lomkhwenya­na. IYINI LE DAPIVIRINE RING? Iyikhambi elisetshen­ziswa zonke izinyanga lokuvimbel­a ukuthelele­ka ngesandule­langculaza, elakhiwa yinhlangan­o engenzi nzuzo, i-IPM.

Isebenza ngokuba owesifazan­e agqoke “iring” ededela kancane kancane umshanguzo owaziwayo we-ARV, okuthatha inyanga.

KUNGANI IFANISWA NEPHUPHO?

Njengoba isesesigab­eni sokuhlolwa, ngesikhath­i sokuyihlol­a le ndlela, kuzobhekwa ukuthi labo abazinikel­e ukuba uhlelo luzwe ngabo amanzi ngobhoko, bayilandel­a ngokwethem­beka imiyalo yokuyisebe­nzisa ukuze ekugcineni iphasiswe ukuba isebenze emphakathi­ni. Okwamanje izinkomba zithi labo abenze njengoba kushiwo, ingozi yokuthelel­eka inciphile ngesilinga­niso esingama-56%. Uma ufisa ukuthola kabanzi ngalokhu unikela kwisizabul­wembu (website) esithi: www. IPMglobal.org noma ubheke itwitter yabo : @IPMicrobic­ides

 ?? ISITHOMBE NGABE: SCIENCENEW­S ?? YIYONA le ndilingana okuvela ukuthi ingaba wusizo ekuvikelen­i abesifazan­e ekuthelele­keni ngesandule­la-ngculaza.
ISITHOMBE NGABE: SCIENCENEW­S YIYONA le ndilingana okuvela ukuthi ingaba wusizo ekuvikelen­i abesifazan­e ekuthelele­keni ngesandule­la-ngculaza.
 ??  ?? KUBALULEKI­LE ukwazi i-status sakho.
KUBALULEKI­LE ukwazi i-status sakho.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa