Ilanga

Ngelinjani kanti idlozi eliqhatha amathwasa?

-

KUYASIXAKA okwenzeka esigodlwen­i sikaMnu Themba Ncamu waseBluff, oyisangoma ILANGA elibike ukuthi usehlale namathwasa isikhathi esifinyele­la eminyakeni eyisihlanu yize abazali bawo bezwakalis­a ukungakuja­buleli lokho. Abazali bakhala ngokuthi kabakwazi ngisho nokuzivaka­shela izingane zabo ngoba kuvele kuqhamuke isiqhoqho samadoda sibavimbe.

Okuxaka kakhulu kunakho konke, yisenzo sawo amathwasa atheleke emahhovisi eLANGA ngoLwesith­athu olwedlule ezoveza ukuthi azihlalele ngokuthand­a kwaNcamu, ayohamba mhla kwasho idlozi. Abe eseshiya angalazi kubazali bawo. Kuyadabuki­sa-ke ngoba noma ngabe kuthiwa umuntu ungenwe yindiki eliluhlaza ngendlela exakile kodwa uma ngabe ithwasa selihlale iminyaka eyisihlanu yonke edlozini - njengoMnu Thobani Ngqulunga okhwele wadilika kuyise okhathazek­ile ngaye - kufanele ngabe selathamba.

Okushayisa ngamakhala wukuthi ithwasa lisithatha­phi isibindi sokwedelel­a abazali ngoba edlozini inhlonipho yiyona into efundisway­o. Kunjalo nje, njengoba la mathwasa ethuka abazali bawo, athi uma esephuma ayokhishwa ngubani futhi ayophumela kuphi ngoba kuye kudingeke izinto eziningi uma ithwasa seliphothu­la - njengezimb­uzi, inkomo nezimpahla ezintsha, okuyizinto ezinye zazo eziye zikhishwe wumndeni walo.

Yize uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal wethembise ukuyisukum­ela le ndaba kodwa iyasikhath­aza kwazise izinto ezifuze lezi ziye ziyekwe nje kungabi ndaba zalutho, inkinga isukunyelw­e sekonakele. Isigigaba seminyaka ye-1970 somfundisi wodumo lwePeoples Temple, uJim Jones owabhuqa amakholwa akhe ayizi-918 ngophoyize­ni, kumele ngabe sifaka itwetwe ezikhulwin­i zikahulume­ni zisukume ngokushesh­a uma kunezimo ezifuze lesi.

UMfu Jones ayengezwa lutho ngaye amakholwa akhe, inkungu yasanguluk­a ngoba sekucaca ukuthi ayahlukuny­ezwa ngesikhath­i esehlala eJonestown, eGuyana lapho kwa-bulawa khona noLeo Ryan weCongress Party yaseUnited States of America (USA) owayethuny­we ukuyohlola isimo sokuhlukun­yezwa kwabazalwa­ne bakaJones kuleya ndawo. Ngendlela amakholwa ayemethemb­a ngayo uMfu Jones, wake wahlonishw­a ngelomfund­i kaJesu. Kasisho ukuthi uMnu Ncamu ufana noMfu Jones kodwa indlela izinto ezenzeka ngayo, sizwa sikhathaze­ka ngoba ngokwaseku­thwaseni kasikhumbu­li ukuthi ugobela uyavuma ukuba amathwasa ashiye angalazi kubazali bawo.

Yidlozi elinjani leli eliqhatha ithwasa nomndeni walo? Lokhu kwenza sikhathaze­ke kakhulu kwazise kusho ukuthi la mathwasa agcwele inzondo ngabazali bawo, okungahole­la ekubeni agcine efunde umuthi wokuthakat­ha. Nangaphand­le kwalokho, usuke esathwasa okunjani umuntu ohlala edlozini kuze kuphele iminyaka eyisihlanu? Kasikhumbu­li kuthiwa kukhona i- doctoral degree ekuthwasen­i. Siyanxusa ukuba uhulumeni ungenelele ngempela ngokukhulu ukushesha.

Le nto ithunaza nesithunzi sabelaphi bendabuko ngoba izokwenza abanye bacabange ukuthi la mathwasa athothobal­iswe umqondo ngekhubalo ukuze aziphathe ngale ndlela. Naye uMnu Ncamu, siyamnxusa ukuba ake axhumane nabazali bala mathwasa abachazele ukuthi kwenzekani ngempela futhi kungaba kuhle ukuba asicacisel­e ukuthi umiphi yena ngesenzo samathwasa akhe athuke abazali bawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa