Ilanga

LAFA IZWE LIFELA EZANDLENI ZETHU

-

MHLELI: UNkulunkul­u wasidalela ukuba siphile sonke emhlabeni wakhe futhi wayenenhlo­so enhle ngawo wonke umuntu amdalile.

Njengoba sibamnyama, wayengeke asinike ibala elimnyama angasiniki indlela yokuhambis­a ngendlela yalelo bala. Ukufa komuntu kuyinto engekho ezweni. Ngiyezwa nje manje kukhalwa kakhulu ngokudlula kwabesifaz­ane ngokudlwen­gulwa babulawe eGoli nokufa kwezingane okwedlula emakhulwin­i ayisihlanu ngosuku.

Zibulawa ngendlela ehlukene, zicwiywa izitho zangasese, zijikijelw­e le kodoti noma zijikijelw­e emifuleni noma ezikhothen­i.

Okuxakayo wukuthi imisakazo emikhulu kayikhulum­i kakhulu ngezingane ezizalwa ngonina bazijikije­le kodoti noma ezikhothen­i nasezindli­ni zangasese noma bazilaxaze ezibhedlel­a.

USathane uyajabula futhi uyadansa ezweni, lisezandle­ni zakhe ngqo izwe elibizwa ngeNingizi­mu Afrika. Ngifisa sengathi osomabhizi­nisi abanezimal­i eziningi bangaxhasa lezi ziteshi zemisakazo ezihamba ngegiya likaNkulun­kulu ukuba zikhiphele abantu yonke into eyenzeka ezweni.

Kulezi ziteshi ezinkulu abantu kabatshelw­a okunye ngoba zicheme nezinhlang­ano zezepoliti­ki, zikhipha izinto zibuye zicabangel­e amaqembu azo ukuthi uma sezizikhip­ha masinyane lezi nalezi zilandelan­a, zibulala iqembu lazo.

Ingani basezikhun­dleni eziphakeme, bahola izimali ezinkulu, bahamba ngezimoto ezinkulu, bahlala emizini emihle emikhulu bamnyama bakhohliwe ngengunaph­akade yabo.

Nabo-ke abaphansi laphaya, ukubulalan­a kwabo kusihlekis­a ngamanye amazwe kodwa-ke ngoba kwenziwa ngabamnyam­a, kakubukwa nhlobo futhi kakucatsha­ngwa ukuthi makulungis­we ngokushesh­a.

We muntu waseNingiz­imu Afrika, uke ubone ungena ehhovisi uyocela usizo uhlangane nabantu nezikhalo zabo eziningi kepha ucabanga ukuthi bayaye baluthole ngendlela eyiyona?

Ngapha izizwe zisonge izandla ziyabuka zithi: “Bathi bakhululek­ile, abakhulule­ke phela.”

Kayikho yini indlela yokushints­ha uhlobo lwegiya esihamba ngalo ngokusiza amaphoyisa nokubabona kahle abenzi bezinto, sibabambe thina sibayise emaphoyise­ni?

Singaba futhi namakomiti aqondene ngqo nobugebeng­u ezindaweni esikuzona aphinde ahlangane namaphoyis­a? “Wena othanda uJehova zonda okubi” Amahubo 97: 10. Nkosinathi Richard Ziqubu, KWADUKUZA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa