Ilanga

Luseyindid­a olwezigidi zaseLibya

Elakuleli liyishaya indiva i-United Nations ngodaba lwaseLibya

- INTATHELI YELANGA

ININGIZIMU Afrika, yi-African National Congress (ANC) nenkampani ekhiqiza izikhali, iDenel, bashaye indiva ithimba le-United Nations (UN) mayelana neLibya ngesikhath­i bebuzwa ngamahlebe­zi ezigidi zamarandi zikaMuamma­r Gaddafi - obengumeng­ameli waseLibya, washona ngowezi-2011 - nendlela enyusa izinhloze obekutheng­wa ngayo izikhali.

Lokhu kusembikwe­ni ohlanganis­we yithimba le-UN okwiUN Security Council, mayelana nezikhali nemali okushintsh­ane izandla phakathi kweNingizi­mu Afrika neLibya ebikhunget­hwe yizinkinga.

Ngokwaleli thimba le-UN, izithunywa zaseLibya ezizichaze njengeLiby­an Air Force ne-Air Territory Defence Forces, zi-ode inqwaba yezikhali kwaDenel kubalwa izindiza ezinopheph­ela emhlane ezingama-84 ezaziwa ngeleRooiv­alk, ezinye ezibizwa ngama-Atlas Oryx ezingama-40, yimicibish­olo ekhafula umlilo engama-500 neziqhuman­e eziyizinku­lungwane ngezinkulu­ngwane.

“Isibalo nezinhlobo zezikhali ebezifunwa yiLibya, sikhomba ukuthi yiningi imali ebikhona futhi nezingxoxo bese zikuvuthon­daba. Abantu ababili abebeyingx­enye yezingxoxo baphonswe imibuzo ngokwehluk­ana.

"Bobabili bakuqinise­kisile ukuthi lezi zikhali zizothengw­a wumbuso kaGaddafi ngomcebo wakhe othukuswe eNingizimu Afrika,” ngokusho kwamapheph­a akwi-UN.

Ngokwalo mbiko, uNgqongqos­he wezokuVike­la, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uzesekile izingxoxo zeDenel encwadini ekhuluma ngomhlanga­no obuseGoli mhla ziyisihlan­u kuNdasa (March) wezi-2013. Lokhu kwenzeke yize iLibya ibinswinyi­we ukuba ithengisel­we izikhali.

Leli thimba lisophe nokuqinise­kisa amadokodo amayelana nemali ewu-R10.2 billion esuswe egatsheni lakwaStand­ard Bank eNingizimu Afrika, yafakwa kwiakhawun­ti yakwaStabi­c eKenya. “Leli thimba lithole amadokodo akhombisa ukuthi kunesigaxa semali esikhishwe kwenye i-akhawunti safakwa kwenye - egameni leLibya Africa Investment Portfolio [LAIP] - esigabeni sesibili sonyaka wezi-2011.

"Le mali ikhokhwe nguBashir Saleh al-Shrkawi (obechazwa njengosoma­bhange kaGaddafi) eyisusa kwaStandar­d Bank. Abaphathi beLAIP batshele ithimba le-UN ukuthi kabazi ukuthi le mali ibi- yaphi kodwa kuvela ukuthi kunemali ethile yaseLibya efihliwe kodwa ekwazi ukutholwa ngamalunga ombuso kaGaddafi aseNingizi­mu Afrika,” ngokusho kombiko wethimba le-UN.

Ngokwalo mbiko, u-Al-Shrkawi uvumile ukuthi uke wasebenzis­ana neLAIP ngowezi-2009 kodwa wathi akaze azihlangan­ise nezimali zayo kusukela ngowezi-2011. UMnyango wezoBudlel­wano namaZwe angaPhandl­e nokuXhuman­a, wuMnyango wezokuVike­la neNational Convention­al Arms Control Committee kabayiphen­dulanga imibuzo yeRapport, okuyipheph­andaba elingudade­wabo weCity Press.

Leli phephandab­a lithi lize layogaya neStandard Bank ingakaphen­duli mayelana nezimali ebeziphuma kwenye i-akhawunti ziyiswa kqwenye. News24

 ?? ISITHOMBE NGABE: MG.CO.ZA ?? UMUAMMAR Gaddafi enoMengame­li Jacob Zuma ngomunye unyaka beseNingiz­imu Afrika.
ISITHOMBE NGABE: MG.CO.ZA UMUAMMAR Gaddafi enoMengame­li Jacob Zuma ngomunye unyaka beseNingiz­imu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa