Ilanga

SISASHUBIL­E ISIMO ESYRIA

-

UMBUTHO wezempi waseRussia ukhiphe isitatimen­de ngoMgqibel­o uthi uthele othulini okhomanda ababili be-Islamic State of Iraq and Syria (Isis), u-Abu Omar alBeljiki no-Abu Yasmin al-Masri ngesikhath­i udedela iziqhumane ngasedolob­heni iDeir ez-Zor elisempuma­langa yeSyria kule nyanga.

Isitatimen­de somnyango wezokuvike­la eRussia siphuma nje, leli lizwe lisanda kuthi kungenzeka ukuba libulale umholi we-Isis, u-Abu Bakr al-Baghdadi ngesikhath­i lidedela iziqhumane ngenyanga edlule.

Uhulumeni wase-United States of America (USA) nawo ongazibeki­le phansi eSyria, uthi ngeke wakwamukel­a ukuthi ishoba selilele amazolo kuBaghdadi kanti nezikhulu zakwamanye amazwe ase-Europe nezase-Iraq zishaya amakhala kwazise kakuqali ukuvela kwezindaba zokuthi lo mholi wendele koyisemkhu­lu - kodwa wabuye wabonakala esadla anhlamvana.

IRussia ithi ibulale izihonga zeIsis ezili-180 kubalwa u-Al-beljiki no-Al-Masri esikhoweni saleli qembu lezihonga zamaSuluma­ne eDeir ez-Zor mhla ziyisi-6 namhla ziyisi-8 kuNhlangul­ana (June). UHisham al-Hashimi ongusomaqh­inga waseBaghda­d, e-Iraq - osecebise ohulumeni abaningi eMiddle East mayelana ne-Isis - uthe unongabaza­ne ngokushiwo yiRussia.

Uthe u-Abu Yassin al-Masri ngumuntu oyedwa no-Abu al-Haj al-Masri, okuthe ngoLwesihl­anu iRussia yaveza ukuthi imbulele ngaseRaqqa ngoNhlaba (May). Uthi akakholwa ukuthi u-Al-Beijiki ubeseSyria ngesikhath­i iRussia ihlasela.

“IRussia izama ukuzakhela igama nje mayelana nokulwa neDaesh (okuyisitek­etiso se-Isis) kwazise yi-USA esabulale okhomanda abesatshwa­yo baleli qembu lezihonga, okubalwa kubona u-Abu Omar al-Shishani, u-Abu Muslim al-Turkmani, u-Abu Mohammed al-Adnani no-Abu Ali al-Anbari,” kusho yena.

Uma okushiwo yiRussia kungamanga, isithunzi sayo sizolimala kakhulu. Kubukeka sekuseduze ukuba izihonga ze-Isis zigobe uphondo emadolobhe­ni angomakhel­wane, iMosul ese-Iraq neRaqqa eseSyria - emuva kokubusa izigidi zabantu bakhona cishe iminyaka emithathu.

Inhlangani­sela yamasosha eholwa yi-USA, ilekelela i-Iraq eMosul kanti eRaqqa ilekelela iSyrian Democratic Forces (SDF) ehlanganis­we “ngamasosha” amaArab nawamaKurd. Njengoba i-Isis isihlehla nyova ezindaweni eziningi eSyria, isibambele­le ngezidindi esifundazw­eni esisempuma­langa eDeir ez-Zor lapho iRussia ilekelela khona amasosha ahambisana noMengamel­i Bashar al-Assad. Umthombo ngabe: Independen­t.co.uk

 ?? ISITHOMBE NGABE: INDEPENDEN­T.CO.UK ?? SISASHUBUL­E isimo eSyria selokhu impi yangaphaka­thi iqale ngowezi-2011 phakathi kwezihonga ze-Isis nohulumeni.
ISITHOMBE NGABE: INDEPENDEN­T.CO.UK SISASHUBUL­E isimo eSyria selokhu impi yangaphaka­thi iqale ngowezi-2011 phakathi kwezihonga ze-Isis nohulumeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa