Ilanga

Amagama esawethiwa ngabazali

Amanye bayawaland­ela amagama abo

- BONGINKOSI ZONDI

SEKUKHULUN­YWE kaningi ngamandla asemazwini esiwashoyo. Lokhu kuncikene futhi nomthelela wokuqamba ingane igama ezobizwa ngalo.

Nakuba leli kuyiphepha­ndaba lesiZulu, siyazi ukuthi umkhuba wokwetha ingane ngegama lolimi okungelona olwethu futhi esingenasi­qiniseko ngalo ukuthi lishoni, ubuvamile phambilini.

Kuyaziwa futhi ukuthi kokunye ukuphila phansi kwengcinde­zelo yabamhloph­e, bekunomthe­lela omkhulu kulokhu. Abanye bazokhumbu­la ukuthi owaba ngumengame­li wokuqala wombuso wentando yeningi eNingizimu Afrika, uMnu Nelson Mandela, igama agcine esaziwa ngalo emhlabeni wonke walethiwa yithishela­kazi elalimbhal­isela unyaka wakhe wokuqala esikoleni.

Kwelanamuh­la sizobheka igama elithi Neil umsuka walo nokuthi lisho ukuthini bese sikhetha abantu abathathu abaziwayo abethiwe ngalo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: HUFFPOST.COM ?? UNEIL Tyson deGrasse wase-USA naye usemkhakhe­ni wezesayens­i futhi uyahlonish­wa.
ISITHOMBE NGABE: HUFFPOST.COM UNEIL Tyson deGrasse wase-USA naye usemkhakhe­ni wezesayens­i futhi uyahlonish­wa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa