Amagama esawethiwa ngabazali
Amanye bayawalandela amagama abo
SEKUKHULUNYWE kaningi ngamandla asemazwini esiwashoyo. Lokhu kuncikene futhi nomthelela wokuqamba ingane igama ezobizwa ngalo.
Nakuba leli kuyiphephandaba lesiZulu, siyazi ukuthi umkhuba wokwetha ingane ngegama lolimi okungelona olwethu futhi esingenasiqiniseko ngalo ukuthi lishoni, ubuvamile phambilini.
Kuyaziwa futhi ukuthi kokunye ukuphila phansi kwengcindezelo yabamhlophe, bekunomthelela omkhulu kulokhu. Abanye bazokhumbula ukuthi owaba ngumengameli wokuqala wombuso wentando yeningi eNingizimu Afrika, uMnu Nelson Mandela, igama agcine esaziwa ngalo emhlabeni wonke walethiwa yithishelakazi elalimbhalisela unyaka wakhe wokuqala esikoleni.
Kwelanamuhla sizobheka igama elithi Neil umsuka walo nokuthi lisho ukuthini bese sikhetha abantu abathathu abaziwayo abethiwe ngalo.