SITHI SIFUNDE ISIFUNDO ISIKHULU SE-BAROKA FC
UFUNDE isifundo esinzima uKhurishi Mphahlele ongumnikazi weBaroka FC ebuyele kwi-Absa Premiership. IBaroka ibambane neBlack Leopards kuba ngu-1-1 kowokuhlungela ukunyukela kulesi sigaba ngoMgqibelo ntambama eThohoyandou Stadium, eLimpopo. IBaroka iqede imidlalo yokuhlunga inamaphuzu ayisi-8 kwathi iLeopards yaqeda inayisihlanu kanti iStellenbosch sisonge namabili.
IBaroka FC iyona ebone imbobo yamapali kuqala ngesikhathi uVictor Letsoalo eshaya elihle igoli ngomzuzu ka-34 kwathi iLeopards yaphendulelwa nguSiphelele “Stash” Ntshangase ngomzuzu wama-65 obekuyiphenathi etholakale ngokudlaliswa kabi komdlali weLeopards ebhokisini.
UMphahlele utshele ILANGA izolo ngeSonto ekuseni ukuthi akakucabangi okucishe kwamehlela.
Uthi noma yikanjani uzongena emakethe athenge abadlali abazokuba wusizo hhayi uvucu.
“Ngizothenga abadlali abanesipiliyoni sokudlala kwi-Absa Premiership.
"Ngikhathele ukuhlala ngokuminca. Uma kumele ngilahlekelwe yimali ngizokwenza lokho. Ngenhlanhla senginalo uhlu lwabadlali engibadingayo nakuba ngingeke ngi- phumele obala ngenxa yokuthi ebholeni kumele uqale uqede nabadlali ngaphambi kokukhuluma ngabo emaphephandabeni,” kusho uMphahlele ezwakala ukuthi uja-bulile ngomphumela wangoMgqibelo.
Phambilini kuke kwavela ukuthi iBaroka FC ibifuna uSteven Pienaar odlala esiswini okuvela imibiko yokuthi ufisa ukudlalela noma iyiphi ikilabhu eNingizimu Afrika.
Umataniswa neCape Town City ngokunjalo nezinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates.
Umdlalo wangoMgqibelo ume isikhathi eside kulimala u-Avhunani Tshinuna weBaroka ngomzuzu wama-50 okuholele ekutheni kuphume uMwape Musonda kwiLeopards ongqubuzane noTshinuna.
Ngizothenga abadlali abanesipiliyoni...