Ilanga

UHEHA IZINDIMBAN­E OWOKUQWALA IZINTABA

- MZWAMANDLA ZONDI

USUHEHA izindimban­e zabantu umdlalo wokuqwala izintaba ngezimoto ezingama4x­4 nangezithu­thuthu oba minyaka yonke eNgodini, eShowe.

Owanonyaka uqale ngoLwesihl­anu wasongwa izolo ngeSonto. Lo mdlalo ubizwa ngeNgodini Games, kanti usuqala ukungena nakwabaMny­ama njengoba uthandwa kakhulu ngabamhlop­he.

UThokozani Mabaso ohlela le midlalo uthi ufuna ukuwubona ubalwa nemidlalo yalolu hlobo ehamba phambili eNingizimu Afrika.

Kule midlalo bekukhona abantu abaphuma eWestern Cape, eFree State, eGauteng, eLimpopo nakwezinye izifundazw­e. NgoLwesihl­anu lweholide lweNtsha kuqalwe ngemidlalo yesintu (umagalopha, u-3tin, ushumpu ukubala nje embalwa). NgoMgqibel­o bekunomdla­lo wezimoto nowezithut­huthu ezinamason­do amane. Lezi zimoto beziqwala izintaba zibuye zincintisa­ne ngesivinin­i.

Abantu abebehambe­le lo mdlalo bebeceliwe ukuba baphathe noma yini abangasayi­sebenzisi ukuze kunikelwe ngayo emphakathi­ni kwazise le ndawo ingenye yezihaqwe ububha eNingizimu Afrika.

UMabaso ekhuluma naleli phephandab­a uthe: “Lo mdlalo uqale nyakenye lapho bewuhanjel­we ngabantu abangaphez­ulu kwezi-2500.

“Ngibonga kakhulu inkosi yendawo engiphe le ndawo esiyiseben­zisayo ukuhlela lo mdlalo. Ngosuku lwemidlalo kuqashwa abantu abangaphez­ulu kwama-200 bakule ndawo. Okungithok­ozisa kakhulu ukuthi abebala elimhlophe bawukhonze kakhulu lo mdlalo kwazise bayazifela ngempilo yasehlathi­ni. Bafika lapha bewumndeni bezokhempa khona lapha ehlathini baze bahambe uma sekuphele imidlalo. Isikhathi esiningi ngihlale ngihleli nabo lapha ehlathini bezoziqeqe­sha. Lo mdlalo ngeke udlalelwe eduze nemizi yabantu kwazise uyingozi. Ngenxa yobungozi bawo ngiyakuqin­isekisa ukuthi abezempilo bahlale bekhona. Abenze kahle kunemiklom­elo abahlomula ngayo ephuma emnyangwen­i wezemidlal­o waseMhlath­uze. Ngosuku lokugcina siyaye sihambele umphakathi,” kusho uMabaso.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGUTHOKOZA­NI Mabaso ongomunye wabagibeli bezithuthu­thu abebehlele iNgodini Games ngempelaso­nto eShowe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGUTHOKOZA­NI Mabaso ongomunye wabagibeli bezithuthu­thu abebehlele iNgodini Games ngempelaso­nto eShowe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa