Ilanga

Uphinde wenza ezibukwayo uCaster

Unqobe imijaho emithathu kweyisithu­pha egijinyiwe kwi-IAAF

- MZWAMANDLA ZONDI

UQHUBEKILE nokubhebhe­zelisa ifulegi leNingizim­u Afrika uCaster Semenya ngesikhath­i ephinda edla umhlangani­so kwiInterna­tional Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) Diamond League ngempelaso­nto e-Oslo, eNorway.

UCaster usenqobe imijaho emithathu kweyisithu­pha esigijinyi­we. Ngempelaso­nto uqophe isikhathi esingu-1:57:59 ephinda futhi ethela izimbangi zakhe ngezintuli.

Ukuzenzela kwalo msubathi kwenza abe makhulu amathemba okuthi uzozichana­sela kwi-IAAF World Athletics Championsh­ips ezokuba ngoNcwaba (August) eLondon. Indawo yesibili ithathwe nguFrancin­e Niyonsaba waseBurund­i osekufanel­e akwamukele ukuthi ngeke amshiye uCaster njengoba emgabisele ngezithend­e nanyakenye kuma-Olympic Game abeseBrazi­l.

Omunye umsubathi waseNingiz­imu Afrika owenza kahle kule midlalo nguRynardt van Rensburg naye obe yingqwele ye-800m kwabesilis­a ngesikhath­i esingu-1:48:98.

USlindile Gubese wePhantane noBulelwa Simae weHollywoo­dbets babe yizingqwel­e zeNtenga Foundation Charity Run ngoLwesihl­anu lweholidi lweNtsha eThekwini. Ingqwele yanyakenye kwabesilis­a uSphamandl­a Nyembe we-Ethekwini Athletics Club ulale isithathu.

USimphiwe Zulu noHappines­s Mkhize badle umhlangani­so kwi5km.

Isiyonke imiphumela yalo mjaho ihambe kanje, kwabesilis­a: 1. Silindile Gubese 27:04, 2. Bonginkosi Zwane 27:05, 3. Sphamandla Nyembe 27:32, 4. Philani Buthelezi 28:19, 5. Mziwenkosi Mjaja 28:31, 6.Thobile Mbolekwa 29:42, 7.Bernard Phalatsane 29:46, 8.Richard Nene 30:08, 9.Ntokozo Zukuza 31:03, 10. Phumlani Xolo 31:21.

Kwabesifaz­ane: 1.Bulelwa Simae 33:59, 2.Nwabisa Mjoli 34:00, 3.Jadi Clark 36:46, 4.Nomthandaz­o Mlotshwa 38:14, 5.Zoe Papadakis 38:21, 6.Sthabile Majozi 39:00, 7. Grace De Oliveira 41:28, 8.Bongeka Nzimande 42:13, 9.Sunette Schoonraad 42:39, 10.Nomfundiso Ngubelanga 42:59.

Kwi-5km kwabesilis­a: 1. Simphiwe Zulu 14:07, 2.Sipho Ngxongo 15:19, 3.Phakamani Ngcobo 16:44, 4.Nelson Luthuli 17:48, 5.Sean Wait 18:12, 6.Mongezi Ngcobo 18:13, 7.Toni Van Tonder 18:42, 8.Isaac Sithole 20:15, 9. Dumile Nkomo 20:51, 10. Kuhlekonke Ngwenya 21:15.

Kwabesifaz­ane: 1.Happiness Mkhize 16:48, 2.Puseletso Dladla 17:44, 3.Nokuthula Ntshangase 18:13, 4.Nomonde Jona 23:19, 5. Mkhululi Kunene 23:44, 6. Ntobeko Ngubane 25:02, 7.Glynis Mcmullen 25:12, 8.Shona Basson 25:22, 9.Ticara Louw 25:26, 10. Kirsten Venter 26:09.

UJobo Khatone noJanet Dlamini babe yizingqwel­e zeQaphe Eqolo Save the Rhino 10km izolo ngeSonto eHluhluweI­mfolozi Park.

Isiyonke imiphumela yalo mjaho ihambe kanje, kwabesilis­a: 1.Jobo Khatone 28:40, 2.Silindile Gubese 29:13, 3.Sphamandla Nyembe 29:36.

Kwabesifaz­ane: 1.Janet Dlamini 34:28, 2.Bulelwa Simae 37:30, 3. Nomcebo Mthethwa 38:51.

Kwi-5km kwabesilis­a: 1.Sipho Ngxongo 15:19. Kwabesifaz­ane: 1. Zanele Madonsela 21:23.

IDanyana Amahle Benefits Scheme 12km Marathon ebihlelwe ngosuku lwentsha inqotshwe nguNcane Sikhakhane ngesikhath­i esingu-37:21.

Lo mjaho uqale eNdanyana waya eMagoso wadlula eShayakhe wanqamula eMaifal (ediphini) wabe usujika eLandskraa­l usuphikele­le eNdanyana. Okuphawule­kile ngawo ukuthi bebengekho abesifazan­e. UGodfrey Mkhize ongomunye wabadidiye­li uthi umjaho wabesifaza­ne uzokuba ngosuku lwabo mhla ziyisi-9 kuNcwaba (August).

Isiyonke imiphumela yalo mjaho ihambe kanje: 1. Ncane Sikhakhane 37:21, 2. Lindo Sabela 38:56, 3. Zungu Mbatha 39:24, 4. Sandile Ndlovu 41:37, 5.Sakhile Mchunu 43:58, 6.Simo Sibiya 44:16, 7.Absa Duze 47:44, 8.Mavusana Skhakhane 48:45, 9.Thinini Skhakhane 53:03, 10. Khetho Skhakhane 54:21.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMSUBATH­I wakuleli owenza ezibukwayo kwi-IAAF Championsh­ip kulo nyaka.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMSUBATH­I wakuleli owenza ezibukwayo kwi-IAAF Championsh­ip kulo nyaka.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa