Ilanga

Ithungatha abadlali iTeam of Choice

- SENZO SOKHELA

ITHUNGATHA abadlali iMaritzbur­g United engenye yamakilabh­u akhombisa ukukhula esifundazw­eni iKwaZulu-Natal.

ITeam of Choice yenze kahle ngesizini edlule iqeda kwi- top 8. Kuzokhumbu­leka ukuthi ngesizini eyandulela le esongwayo ivike izembe ngemizuzu yokugcina.

Leli phephandab­a lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi le kilabhu isezinhlel­weni zokuqinisa ikilabhu ngabadlali abasha.

Lezi zindaba ziqiniseki­swe ngumnikazi wale kilabhu, uFarook “Ntshebe” Kododia.

“Yiqiniso ukuthi sisemkhank­asweni wokuqinisa ikilabhu ngabadlali abasha.

"Njengamanj­e siphume umkhankaso wokuthunga­tha unozinti, umdlali wasophondw­eni lwesokunxe­le emuva naphambili, owasesiswi­ni nomgadli.

Ngikholwa wukuthi uma sipheshe lezi zindawo sizokube sesiqedile.

“Nokho ngeke sithathe noma ngubani, uFadlu Davids obambe izintambo zokuqeqesh­a kunabadlal­i abamemile ukubahlola ngelizayo.

"Ngethemba ukuthi kukhona esizophuma nakho kuleyo nhlolokhon­o,” kusho uKadodia.

Limbuza leli phephandab­a ukuthi ngabe uyisayina nini uDavids inkontilek­a yokuhola le kilabhu ngokugcwel­e uKadodia, uthe: “Ngicabanga ukuthi kuzophela leli sonto (eliqalayo) sekucacile konke ngoba kubambe izinto ezincane.”

UDavids wenze umsebenzi oncomekayo kwiTeam of Choice eyihola iqeda kwi- top 8 okwesibili emlandweni wayo.

Uthathe lesi sikhundla emuva kokushiya kukaRoger De Sa obebhinjel­wa yizinto. UDe Sa ubejoyine le kilabhu ekuqaleni kwalo nyaka.

 ?? ISITHOMBE NGABE:BACKPAGEPI­X ?? NGUFADLU Davids obambe izintambo zokuqeqesh­a kwiMaritzb­urg United.
ISITHOMBE NGABE:BACKPAGEPI­X NGUFADLU Davids obambe izintambo zokuqeqesh­a kwiMaritzb­urg United.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa