Ilanga

ILIBANGISA E-BERLIN INGQWELE YE-COMRADES MARATHON

- MZWAMANDLA ZONDI

BAYOGIJIMA kwiBerlin Marathon ozakwabo bakaBongum­usa Mthembu osematheni kulezi zinsuku ngemuva kokuba ebe yingqwele kwiComrade­s Marathon yanonyaka eqale eThekwini yasongwa eMgungundl­ovu.

Leli phephandab­a lithole ukuthi ozakwabo bakaMthemb­u abane bazokube beyingxeny­e yalo mjaho omkhulukaz­i emhlabeni.

IBerlin iba minyaka yonke ngoMandulo (September) kanti ingomunye wemijaho emikhulu emhlabeni kwazise yilapho abasubathi abaningi benza khona amarekhodi omhlaba eMarathon.

IBerlin ithathwa njengomuny­e wemijaho enemizila emihle kwezokugij­ima. Irekhodi lo mhlaba leMarathon ngu-2:02:57 elenziwe kuwo lo mjaho ngowezi-2014 libekwa nguDennis Kemetto waseKenya.

“UMthembu asikakuqin­isekisi ukuthi uzolibamba yini iqhaza kulo mjaho noma ngeke. Kuzokuya ngokuthi umzimba wakhe usunjani ngosuku lo mjaho kodwa naye uzokube ekhona eyosiza ozakwabo.

"UMthembu uqatha kodwa asifuni ukumjaha. Sithola izimemo eziningi ezifuna ukuba lo msubathi azobamba iqhaza emijahweni eyahlukene.

"Umjaho engingakuq­inisekisa ukuthi uzokube ebambe iqhaza kuwo yiLegends Marathon (68km) ezokuba sekuphelen­i kukaMa- ndulo igijinywa phakathi koMthatha neBisho.

“Omunye amenywe kuwona yi100km trial run enqotshwe nguProdiga­l Khumalo nyakenye. Yona izokuba mhla zimbili kuZibandle­la (December) eCape Town. Kulo mjaho uMthembu uzophinde enzelwe umcimbi wokumbonga ngempumele­lo yakhe kwiComrade­s eCape Town,” kusho uXolani Mabhida ongumqeqes­hi kaMthembu.

UMthembu ngomunye wabasubath­i abangaphan­si kohlelo lo Mnyango WezeMidlal­o waKwaZulu-Natal lapho beziqeqesh­a ePrime High Performanc­e Centre eseMoses Mabhida, eThekwini kanti ubhekwe ngabomvu ukuba akhale emuke nomklomelo omqoka kwiKZN Sports Awards ezokuba ekupheleni konyaka khona belu eThekwini.

UMthembu uzokube eyingxenye ye-10th Associatio­n for Sport Performanc­e Centres (ASPC) Internatio­nal Forum ezokuba ngoLwesith­athu kusuka ngo-10 ekuseni ePrime High Performanc­e Centre, eThekwini.

Kulo mcimbi kuzokube kukhona bonke abasubathi besifundaz­we abenze kahle kwiComrade­s Marathon yanonyaka.

Kulo mcimbi kuzokube kukhona uGideon Sam onguMengam­eli weSouth African Sports Confederat­ion and Olympic Committee (Sascoc) noMnyango WezeMidlal­o waKwaZulu-Natal oholwa nguBongi-Sithole Moloi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMGIJIMI waKwaZulu-Natal uBongumusa Mthembu enqoba iComrades Marathon yalo nyaka ebisuka eThekwini iphelela eMgungundl­ovu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMGIJIMI waKwaZulu-Natal uBongumusa Mthembu enqoba iComrades Marathon yalo nyaka ebisuka eThekwini iphelela eMgungundl­ovu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa