Ilanga

Ukhonjwa e-Russia umdlali weSundowns

Amakilabhu akhala ngentengo kaR30 million

- SENZO SOKHELA

UKHONJWA e-Russia umdlali weMamelodi Sundowns ongazange abe nesizini enhle ngenxa yokulimala.

Leli phephandab­a lincinzwe yimithombo yalo ukuthi uKhama Billiat odlala phambili kwiDowns angase alibhekise e-Europe njengoba kunamakila­bhu amfunayo.

UBilliat odabuka eZimbabwe akazange abe nayo isizini enhle njengoba ubephuma engena kodokotela ngenxa yokulimala.

Nakuba engazange abonakale isikhathi eside ngesizini eyedlule kodwa amakilabhu ase-Europe kuthiwa ayamlandel­a.

Leli phephandab­a lithole ukuthi kunekilabh­u yaseRussia emfuna phansi phezulu. Kuthiwa imfuna ngesizini ezayo. Nokho kuthiwa into engase ibalekise le kilabhu wukuthi imali yokuthenga inkontilek­a yakhe ingaphezul­u kuka-R30-million okuyinto ekhalisa kwayena lo mdlali.

Leli phephandab­a lishayela uThulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwiDowns ngalolu daba uthe:

“Ukufunwa yena uyafunwa kodwa akekho osaqhamuke nento ephathekay­o ngakho-ke ayikho into esingayikh­uluma.

"Thina sikhuluma ngento ebhalwe phansi hhayi eyokulokhu ubuza ngomdlali wethu. Abadlali bethu bayafunwa ngapha nangapha kodwa akekho oqhamuka nento ebhaliwe,” kusho uThuswa.

Abadlali beDowns bayinyama emakilabhi­ni aphesheya ngemuva kokunqoba iCaf Champions League neCaf Super Cup.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUKHAMA Billiat ofunwa ngamakilab­hu ase-Europe.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUKHAMA Billiat ofunwa ngamakilab­hu ase-Europe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa