Kubanjwe umoya ngesitobha seDowns
Kubuya uHlompho Kekana emdlalweni weCaf Champions League
IMAMELODI Sundowns ibambe umoya ngomdlali wayo omqoka ukululama ngokugcwele ngaphambi komdlalo obucayi neTunis Esperance koweCaf Champions League ozokuba ngoLwesithathu ngo-23h00 ekuhambeni eTunisia.
ISundowns inqume ukufulathela iNingizimu Afrika ngoLwesihlanu ebusuku ibhekisa amabombo eTunisia ngenhloso yokuyozijwayeza umoya wakhona.
UManqoba “TV” Mngqithi oyisekela likaPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi weSundowns, utshele ILANGA ukuthi bahlalele ethembeni lokuthi bazokwazi ukusebenzisa uWayne Arendse kulo mdlalo. Uthi bahambe naye yize engekho qatha ngokugcwele. Banethemba lokuthi uzokube esekulungele ukudlala ngosuku lomdlalo.
Uqhube ngokuthi izindaba ezinhle kubathandi bale kilabhu eyizingqwele zase-Afrika ngezokubuya ekulimaleni kukaHlompho Kekana ongukaputeni wale kilabhu noYannick Zakri.
“Silwenzile ucwaningo nge-Esperance ngendlela egijima ngayo nxa isekhaya. Sazi kahle ukuthi idlala ibhola elinjani. Sizimisele ngokujika umphumela esiwuthole emlenzeni wokuqala (iDowns iguqe ngo-2-1 isekhaya). Siyazi ukuthi ngeke kube lula.
“Okuzosisiza kakhulu wukuthi kabahlali emuva, lokho kwenza bavuleke. Nokho banabadlali abayingozi kakhulu okumele sibaqaphe ngelokhozi,” kusho uMngqithi ogcizelela ukuthi kuseseqhulwini lezinhloso zale kila-bhu ukuvikela lesi sicoco esingesikhulukazi kwezidlalelwa ngamakilabhu ezwenikazini i-Afrika.
Okunye okubanika ugqozi lokwenza kahle eTunisia yirekhodi elihle leSundowns uma idlalela ekuhambeni njengoba ibhuquzise i-AS Vita yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) ngo-3-1 emdlalweni obusekuhambeni kulesi sigaba samaqoqo.
Nokho emidlalweni yasekhaya kayenzi kahle iDowns njengoba iqale yabanjelwa ekhaya yiSaint George yase-Ethiopia ngo-0-0 yase iguqiswa yiEsperance ngo-2-1.
ISundowns izokuya kulo mdlalo ilele endaweni yesithathu kwi-log kaGroup C ngamaphuzu amane emidlalweni emithathu kanti kuqhwakele i-Esperance ngamaphuzu ayisi-7 emidlalweni efanayo.
Endaweni yesibili kuhleli iSaint George ngamaphuzu ayisi-5 emidlalweni emithathu kanti ibhuleki ibanjwe yiVita engenaphuzu.
Lo mdlalo uzoboniswa bukhoma kwiSS4.