Ilanga

Uphilisa okwenyamaz­ane umfundisi "othakathay­o"

Indaba isuswe amahlebezi

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

UPHINDE washiya kulenga ingidi emzini wakhe wacela empunzini wayobhaca umfundisi weCatholic Apostolic Christian Church of South Africa, eDukuduku eMtubatuba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal, ebalekela amalunga omphakathi okuthiwa abefuna ukumsocong­a ngoba emsola ngokuthaka­tha.

ILANGA like labika ngobunzima obubhekene noMfu Themba Mthethwa (30), obuye abe ngumthanda­zi kule ndawo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uMfu Mthethwa usizwe wukuthola umyalezo obumxwayis­a ngokuthi makabaleke ngoba kunabantu abahlela ukumbulala. Utshele

ILANGA ukuthi ngesikhath­i ebaleka okukuqala, amalunga omphakathi avuke indlobane avala indlela eya kwakhe ngezihlahl­a - okwenze kwangadlul­a lutho olubheke emzini wakhe.

Uvezele leli phephandab­a ukuthi amahlebezi asuke ngonyaka odlule mhla zizine kuNcwaba ((August) kulandela ukushona komfana omhlasele emgwaqweni ngesikhath­i ephuma ukuyovota.

Uthi omunye wabafana abebehamba nomufi ngesikhath­i ehlaselwa utshele umphakathi ukuthi ubambe uMfu Mthethwa ethakatha kubo.

Utshele ILANGA ukuthi umphakathi uvele wavuka inj’ ebomvu wafuna ukumbulala ushise nendlu yakhe ngenxa yokubhebhe­theka kwalezi zinkulumo. Uveza ukuthi kunabantu abafuna ukudicilel­a phansi isithunzi sakhe ngalezi zinkulumo.

Uthi emuva kokuba isimo sesingcono endaweni, ubuyele kwakhe njengoba kube nemihlanga­no yokubhula lomlilo.

Utshele ILANGA ukuthi sekubuye kwaqubuka umsindo endaweni okumphoqe ukuba aphindele ekubhaceni - ngoba ebona ukuthi akaphephil­e.

“Ngibonile ukuthi kangipheph­ile endaweni ngoba umphakathi kuthi mawungidle ungifele uma ungibona.

“Ngikhuluma nje kunowesili­sa wasendawen­i ongikhe ngequpha phambi kwabantu ngesikhath­i kubizwe umhlangano womphakath­i.

“Ngibone ukuthi kungcono ngiphindel­e ekubhaceni ukuze ngizopheph­a. Inzima impilo engiphilis­wa yona ngoba kangisaham­bi ngokukhulu­leka, kangisakwa­zi ngisho nokwelapha abantu abadinga usizo,” kusho uMfu Mthethwa.

Uthi impilo yakhe iseDukuduk­u ngoba yikhona lapho anebandla khona.

UMnu Wiseman Myeni, oyikhansel­a kule ndawo, uthe impela into efana nale yenzekile ngesikhath­i kunomhlang­ano womphakath­i.

Uthe kabalugqug­quzeli udlame emphakathi­ni. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe likhona icala elivuliwe esiteshini samaphoyis­a eMtubatuba, kwaboshwa owesilisa oneminyaka engama-38.

“Lo owesilisa uthweswe icala lokushaya yiNkantolo yeMantshi yaseMtubat­uba. Ulivumile icala lokushaya uMnu Mthethwa. Inkantolo ibe isimhlawul­isa,” kusho uColonel Thembeka Mbhele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa