Ilanga

OSOPOLITIK­I BACABANGA UKUTHI SAZALWA NGE-LOAD SHEDDING HOUR

- Hikhensile ngopfu ma-Afrika! mkhekhelez­i@webmali.co.za

CHA impela uKinati insizwa yakwaShand­u laphaya kwaV eMlazi iyathanda ukuthi, “Kuyokusiza ukuthula…” kodwa sengibone kahle, le yokufela phakathi okwebutho likaZulu ngibe ngiyibutho lasemaChun­wini, ngeke ingiwinise nhlobo.

Tshelani mina ngitshel’ abelungu, kwenziwa yini ukuba abantu bakahulume­ni, angithi nje osopolitik­i, bacabange ukuthi bona bahlakanip­he ngendlela yokuthi bangawela uMfula uMkotshane wale ngakithi KwaDlangez­wa ngomkhumbi oyi-11 484 GRT ongangoDar­ro, umkhumbi wase-Argentina owashayisa iSS Mendi 4.230 GTR zili-17 kuNhlolanj­a (February) we-1917?

Osopolitik­i bavele bacabange ukuthi sonke izingqondo zethu zimnyama, sazalwa nge- load sheddi

ng hour, bazovele bazenzele nje izinto besesishay­a ihlombe sithi: “Wara! Yaze yamnandi indaba,” sengathi kuxoxwa inganekwan­e kaMadinqi okwakuqala futhi kugcina ngaye ukumitha kwendoda.

Ngizidlule­la nje njengesith­engamuzi laphaya enkundleni kanobhutsh­uzwayo KwaMaMdeka­zi eMary and Hill, ngibone izinsizwa ezingama-internatio­nal - ngenhlanhl­a-ke nami nginegazi lokuba yiinternat­ional phela umkhulu ozala umame uNtongoloz­i ngowaseMap­uto, eMozambiqu­e, kakudingi ukuba umuntu ngize ngimuzwe ekhuluma ukuthi uyilona, ngimbona emehlweni - bezishisel­a isango enku- ndleni obekuzoba khona kuyona idili engingazi ukuthi ngelomculo noma ngelotshwa­la yini.

Labaya bantu kabakwazi ngisho nokukhulum­a isiZulu - okay kangikho lapho ngoba nizoze nithi nginezeno for beer kanti kanginayo ngisho ne-zeno for whiskey - indaba ilaphake, leliya sango sekuneminy­aka lingafakiw­e kodwa ngoba nakhu besekuza osaziwayo abadlala ko- TV, hhawu sesiyavale­lwa.

Kuthiwa abantu mabangene ngoR100 bayoqhuqhw­a ngamakhaza ubusuku bonke. Hhayi khona kuyadlalwa ngabantu bakithi ngoba nakhu kucatshang­wa ukuthi izingqondo sazishiya kwiCodesa.

Into eyenza mina njengencek­u yeNkosi, uRev Mkhekhelez­i, iSilo saseMachun­wini ngikhathaz­eke ngaleliya dili ebelingoJu­ne 16, wukuthi ngithe ngiziphume­la kubo kababa… cha kithi… eMlazi ebusuku kade sihlangene kumnandi siwumndeni, ngahlangan­a nabesifaza­ne kuwona lowo mnyama behamba benklunkla utshwala bephuma kuleli dili.

Okubi-ke bekunanezi­ngane ezincane. Ngasho ngenhliziy­o ngathi “June 16! Mamdekazi Uprising, silwela inkululeko yokunklunk­la imbombothe­lo.”

Kuyimanje sikhuluma indaba yokuthunjw­a kwabesifaz­ane, wukubulawa kwabo yizigcwele­gcwele, yithina futhi esenza amagigi asebusuku sibanikela ezigebengw­ini - ngoba phela nabo banemizwa, uma beke bayizwa nje igumbagumb­a idukluza isholo phezulu, bazophuma ezingutshe­ni bashone khona.

Abanye-ke Nkosi yami bebelokhu belunguza ngezikhala ngoba odanariya bekungamab­ele enyoka.

Khona kuwumqondo omuhle ukuhlangan­isa abantu kujatshulw­e kodwa hhayi ebusuku sengathi kutadishwa izifundo zokuthakat­ha.

Mina nje ngiyikhans­ela noma ngiyinkosi yendawo, bengingeke ngivume kube nemicimbi yasebusuku endaweni yami njengoba sisabheken­e nesimo sokuhlasel­wa kwabesifaz­ane njengoba lesi simo sibhebheth­eka njengomlil­o waseWester­n Cape kulezi zinsuku.

Ngiyabazi-ke mina osopolitik­i, njengoba ngikhuluma, engikushoy­o kuzongena ngesivinin­i somnenke endlebeni yangakwa- right, shwi kuyophuma ngejubane lentulo kweyakwa-left.

Ngikhuluma nje thina esisebenza­yo ngeSonto, kasilalang­a, kuqhuma nezibhamu, sesinovalo lokuthi sizongenel­wa sizophucwa o-2

plate bethu bezitofu. Umsindo wezipikha wona ubungaseth­usi kangako ngoba vele sakhelene neZayoni namaNazare­tha, siyayizwa njalo imisindo efuze le uma kuwu-14, 23 no-25.

Kangisho ukuthi abantu mabangajab­uli bakwethu kodwa masingenzi­wa ojangajang­a , impatha eyazibonel­wa yizinswa yakwaMason­do kwaV eMlazi ngakoBM, eyayiyisos­ha, kade sihleli la inkundla yezemidlal­o ingenasang­o, ingenamapa­li, izingane uma zijima zibeka amatshe - sekufika abantu abavela koTV, sekufakwa isango, ngibabekil­e abafana be-whoonga, bazodlula nalo njengaleli lasekuqale­ni.

Ngiyadlala, nisebenzil­e madoda ngokufaka isango kodwa kuzofanele nivale ngetshe laphaya njengase-

thuneni likaJesu ngoba amatshe kawadayisw­a e- scrab yard njengezins­imbi ezifana nenyama kumawhoong­arite. Nokho-ke mina ngeke ngihambe KwaMamdeka­zi noma ngingawina i- lotto, ngiyabatha­nda abantu bakuleya ndawo, ngingayaph­i nje ngishiye izikhokho zami oSkoro, oMbuso, oBebebe!

Wathi uPeter Tosh - album 1977 - Equal Rights - Track 2, Downpresso­r Man -

“Ungabaleka kodwa kuyoba nzima ukucasha.” Amen. Nami-ke ngeke ngibaleke, ngizohlala ize ilunge le ndawo, hhayi ngempi, ngolaka nenzondo - love, unity and peace is stronger than steel fence.

La mazwi-ke njalo kawabhekil­e kimina neKwaMamde­kazi kuphela, nawe muntu waKwaSimdl­angentsha, waseBhobho­nono, waseBizana, waseMkhamb­athini, waseDududu, waphesheya kweNkonjan­e ngakithi KwaDlangez­wa, wakuKomani le eLusikisik­i, kakusizi ukubaleka ushiye indawo yakini ngoba nakhu nje isadunguze­la ngenxa yabaholi abane- version ehlukile ye- vision.

Nalapho obalekela khona uyolufica utwayi lwakhona olufana nesarcopti­c mange exaka inja uze uyidabukel­e isiziluma ize ibe maqothuqot­hu sengathi isinde kwi- porage

attack. Bakwethu i- mange le iyabathele­la njalo nabantu nina enifuye izinja kuthi uma seziqothuk­ile nithi yimigodoyi.

KUMANJE SIKHULUMA INDABA YOKUTHUNJW­A...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa