OSOPOLITIKI BACABANGA UKUTHI SAZALWA NGE-LOAD SHEDDING HOUR
CHA impela uKinati insizwa yakwaShandu laphaya kwaV eMlazi iyathanda ukuthi, “Kuyokusiza ukuthula…” kodwa sengibone kahle, le yokufela phakathi okwebutho likaZulu ngibe ngiyibutho lasemaChunwini, ngeke ingiwinise nhlobo.
Tshelani mina ngitshel’ abelungu, kwenziwa yini ukuba abantu bakahulumeni, angithi nje osopolitiki, bacabange ukuthi bona bahlakaniphe ngendlela yokuthi bangawela uMfula uMkotshane wale ngakithi KwaDlangezwa ngomkhumbi oyi-11 484 GRT ongangoDarro, umkhumbi wase-Argentina owashayisa iSS Mendi 4.230 GTR zili-17 kuNhlolanja (February) we-1917?
Osopolitiki bavele bacabange ukuthi sonke izingqondo zethu zimnyama, sazalwa nge- load sheddi
ng hour, bazovele bazenzele nje izinto besesishaya ihlombe sithi: “Wara! Yaze yamnandi indaba,” sengathi kuxoxwa inganekwane kaMadinqi okwakuqala futhi kugcina ngaye ukumitha kwendoda.
Ngizidlulela nje njengesithengamuzi laphaya enkundleni kanobhutshuzwayo KwaMaMdekazi eMary and Hill, ngibone izinsizwa ezingama-international - ngenhlanhla-ke nami nginegazi lokuba yiinternational phela umkhulu ozala umame uNtongolozi ngowaseMaputo, eMozambique, kakudingi ukuba umuntu ngize ngimuzwe ekhuluma ukuthi uyilona, ngimbona emehlweni - bezishisela isango enku- ndleni obekuzoba khona kuyona idili engingazi ukuthi ngelomculo noma ngelotshwala yini.
Labaya bantu kabakwazi ngisho nokukhuluma isiZulu - okay kangikho lapho ngoba nizoze nithi nginezeno for beer kanti kanginayo ngisho ne-zeno for whiskey - indaba ilaphake, leliya sango sekuneminyaka lingafakiwe kodwa ngoba nakhu besekuza osaziwayo abadlala ko- TV, hhawu sesiyavalelwa.
Kuthiwa abantu mabangene ngoR100 bayoqhuqhwa ngamakhaza ubusuku bonke. Hhayi khona kuyadlalwa ngabantu bakithi ngoba nakhu kucatshangwa ukuthi izingqondo sazishiya kwiCodesa.
Into eyenza mina njengenceku yeNkosi, uRev Mkhekhelezi, iSilo saseMachunwini ngikhathazeke ngaleliya dili ebelingoJune 16, wukuthi ngithe ngiziphumela kubo kababa… cha kithi… eMlazi ebusuku kade sihlangene kumnandi siwumndeni, ngahlangana nabesifazane kuwona lowo mnyama behamba benklunkla utshwala bephuma kuleli dili.
Okubi-ke bekunanezingane ezincane. Ngasho ngenhliziyo ngathi “June 16! Mamdekazi Uprising, silwela inkululeko yokunklunkla imbombothelo.”
Kuyimanje sikhuluma indaba yokuthunjwa kwabesifazane, wukubulawa kwabo yizigcwelegcwele, yithina futhi esenza amagigi asebusuku sibanikela ezigebengwini - ngoba phela nabo banemizwa, uma beke bayizwa nje igumbagumba idukluza isholo phezulu, bazophuma ezingutsheni bashone khona.
Abanye-ke Nkosi yami bebelokhu belunguza ngezikhala ngoba odanariya bekungamabele enyoka.
Khona kuwumqondo omuhle ukuhlanganisa abantu kujatshulwe kodwa hhayi ebusuku sengathi kutadishwa izifundo zokuthakatha.
Mina nje ngiyikhansela noma ngiyinkosi yendawo, bengingeke ngivume kube nemicimbi yasebusuku endaweni yami njengoba sisabhekene nesimo sokuhlaselwa kwabesifazane njengoba lesi simo sibhebhetheka njengomlilo waseWestern Cape kulezi zinsuku.
Ngiyabazi-ke mina osopolitiki, njengoba ngikhuluma, engikushoyo kuzongena ngesivinini somnenke endlebeni yangakwa- right, shwi kuyophuma ngejubane lentulo kweyakwa-left.
Ngikhuluma nje thina esisebenzayo ngeSonto, kasilalanga, kuqhuma nezibhamu, sesinovalo lokuthi sizongenelwa sizophucwa o-2
plate bethu bezitofu. Umsindo wezipikha wona ubungasethusi kangako ngoba vele sakhelene neZayoni namaNazaretha, siyayizwa njalo imisindo efuze le uma kuwu-14, 23 no-25.
Kangisho ukuthi abantu mabangajabuli bakwethu kodwa masingenziwa ojangajanga , impatha eyazibonelwa yizinswa yakwaMasondo kwaV eMlazi ngakoBM, eyayiyisosha, kade sihleli la inkundla yezemidlalo ingenasango, ingenamapali, izingane uma zijima zibeka amatshe - sekufika abantu abavela koTV, sekufakwa isango, ngibabekile abafana be-whoonga, bazodlula nalo njengaleli lasekuqaleni.
Ngiyadlala, nisebenzile madoda ngokufaka isango kodwa kuzofanele nivale ngetshe laphaya njengase-
thuneni likaJesu ngoba amatshe kawadayiswa e- scrab yard njengezinsimbi ezifana nenyama kumawhoongarite. Nokho-ke mina ngeke ngihambe KwaMamdekazi noma ngingawina i- lotto, ngiyabathanda abantu bakuleya ndawo, ngingayaphi nje ngishiye izikhokho zami oSkoro, oMbuso, oBebebe!
Wathi uPeter Tosh - album 1977 - Equal Rights - Track 2, Downpressor Man -
“Ungabaleka kodwa kuyoba nzima ukucasha.” Amen. Nami-ke ngeke ngibaleke, ngizohlala ize ilunge le ndawo, hhayi ngempi, ngolaka nenzondo - love, unity and peace is stronger than steel fence.
La mazwi-ke njalo kawabhekile kimina neKwaMamdekazi kuphela, nawe muntu waKwaSimdlangentsha, waseBhobhonono, waseBizana, waseMkhambathini, waseDududu, waphesheya kweNkonjane ngakithi KwaDlangezwa, wakuKomani le eLusikisiki, kakusizi ukubaleka ushiye indawo yakini ngoba nakhu nje isadunguzela ngenxa yabaholi abane- version ehlukile ye- vision.
Nalapho obalekela khona uyolufica utwayi lwakhona olufana nesarcoptic mange exaka inja uze uyidabukele isiziluma ize ibe maqothuqothu sengathi isinde kwi- porage
attack. Bakwethu i- mange le iyabathelela njalo nabantu nina enifuye izinja kuthi uma seziqothukile nithi yimigodoyi.
KUMANJE SIKHULUMA INDABA YOKUTHUNJWA...