Ilanga

Makuchazel­we abantu ngolukages­i

-

MHLELI: Kakumele sidlale ngezinhliz­iyo zabantu uma kukhona esikudinga­yo kubona, uma sesikuthol­ile bese siyaqhela singabe sisabanaka, sibashaye indiva.

Lokhu ngikusho emuva kokuthola ukuthi abantu bahleli kabi eNanda ngenxa yokuthi bacinyelwa ugesi. Ngesikhath­i kuphunywa imikhankas­o abantu basuke bethenjisw­a izulu nomhlaba ukuze kutholakal­e amavoti abo kuthi uma sebebavote­le labo abathile, bese kucweba isiziba uma sekumele banikezwe zonke izinto abebethenj­iswa zona.

Ngikusho lokhu nje, kamuva sisuka okhethweni lohulumeni basekhaya kodwa kunomphaka­thi onganakiwe yize kunamakhan­sela owakhethil­e ukuze athumele izidingo nentuthuko. Ngicabanga ukuthi sekuyisikh­athi sokuba amakhansel­a aphake amabhodwe ayewapheka ngazo zonke izinongo ngesikhath­i ekhankasa kubantu.

Ngikhuluma nje, sekuyisikh­athi eside yaziwa inkinga ebhekene neNanda ngodaba lukagesi kodwa lutho iminyakazo. Lokhu thina njengeNkat­ha sikubona kungekuhle futhi kuwukwedel­ela abantu abavotile, bevotela izidingo.

Nokho ngeke kwasisiza ukuba kuqagulisw­ane ngamagama, kodwa thina njengeNkat­ha, sicela umnyango kagesi kuMasipala weTheku wakhe noma wenezele izithuthim­andla zikagesi iNanda yonkana. Lesi sicelo silandela ukungenami kwabantu baseNanda emuva kokuba ugesi wakuleya ndawo ucisha njalo ngezikhath­i zokupheka ntambama, sebebaning­i abantu abasebenzi­sa izimpahla zikagesi, kutholakal­a ukuthi isithuthi sikagesi siyakhatha­la bese siyacisha ngoba singasenaw­o amandla okumumatha wonke umthamo wakuleya ndawo.

Kusukela ngamasonto edlule, ugesi wakule ndawo ubulokhu ucisha ulayitha ngaso lesi simo esiwukhung­ethe wokusindel­wa. Ugcine ucisha ngithi isonto lonke obesekuhol­ela ekubeni abantu babhikishe kuleya ndawo, bekhala ngokuthi kungani umasipala ungabakhel­i ezinye izithuthim­andla zikagesi.

Ngisho lokhu nje, kuze kwathikame­zeka amabhizini­si angaphakat­hi okubalwa amatekisi ngoba abantu bebevale umgwaqo izimoto zingakwazi ukuphuma nokungena kule ndawo. Sengipheth­a, thina njengeNkat­ha siyabanxus­a abantu baseNanda ukuba bangadicil­eli izimpahla nemigwaqo ngoba basazokudi­nga kodwa futhi siyakuqond­a kakhulu ukukhathaz­eka kwabo ngokucishe­lwa ugesi ngoba kunezinto nokudla emakhaya okumosheka­yo.

Umasipala kuzomele uhlele umhlangano uchazele abantu ukuthi inkinga ikuphi futhi ngabe yiziphi izinyathel­o onazo ukuyilungi­sa le nkiyankiya kagesi. Thembinkos­i Biyela Ikhansela le-IFP enyakatho yeTheku (North Central of Durban)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa