Ilanga

IZINKANYEZ­I SEBASTIAN JILI

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

-

UYABONA ukuthi isimo sakho sekusasa sizoba noguquko. Uzowubona umehluko uma uzimisele ukuya phambili ngamandla. Bhekisisa ukuthi zinesigqi esinjani izinqumo ozithathay­o.

ARIES (March 21-April 19)

UJWAYELE ukusebenza kanzima impela kunoma yini oyilungisa­yo. Ukuzifundi­sa ukulalela kungakwenz­a ufunde okuningi ezintweni ezikhuluny­wa ngabanye. Impilo yokuzimela yiyona ekunika inkululeko egcwele.

TAURUS (April 20-May 20)

UZAMA ngawo wonke amandla ukulwa nezimo ezikucinde­zelayo. Ungenza kahle uma ungachezuk­anga emigomeni obujwayele ukuhamba ngayo.

GEMINI (May 21-June 21)

KUKHONA ezinye izindaba ezimayelan­a nothando okumele uzibuyekez­e. Kakumele ukuvumele ngempela ukuphikisw­a kulokho okholelwa kukhona. Uzokubona ukuthi kunesiding­o sokuba ugxile ekudleni okunempilo.

CANCER (June 21-July 22)

ZIFUNDISE ukuba nozwelo kwabanye osondelene nabo. Okumele ugxile kakhulu kukhona yilokho okuzokwakh­ela isithunzi. Uyathanda ukuthi abanye bakubone ukuthi unesigqi kangakanan­i kwamanye amagalelo.

LEO (July 23-August 22)

UMA ungasihlel­i kahle isikhathi sakho, uzobona sekunqwabe­lana okumele ukwenze. Unobuhlaka­ni obuphelele ekudaleni injabulo lapho ukhona. Okunye uzokwenza ngomfutho omkhulu. Ungesabi ukulaleka imibono yabanye.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

ZAMA ukwenza umehluko ngempilo yakho. Uyakuthand­a kwesinye isikhathi ukuba nezimfihlo kwabathile nokuphila impilo engaqondak­ali. Inkombandl­ela yempilo yakho kumele uhlale uyihlaziya. Kuyenyuka ukuzethemb­a kwakho.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

INGQONDO yakho ikhula njalo futhi iya ngokusabal­ala. Kukhona abanye ongase ubacebise ngamasu abangawala­ndela. Kumele uhlale ulwa nezilingo ezinhlobon­hlobo empilweni yakho.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

QAPHELA ukuthi ungaxhamaz­eli ekwenzeni kwakho ngoba ungangena kalula ephutheni. Uhlale uhlaziya kakhulu izimo zakho ezimayelan­a nezezimali. Balekela ukugxekwa ngokugwema imikhutsha­na ethe phecelezi.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

GWEMA amanye amaphutha ebudlelwan­eni bakho. Uma uhudula izinyawo, amathuba amahle angakwedlu­la. Izindleko ongena kuzona zincike ebudlelwan­eni onabo. Impendulo ikuwena ezintweni ezikuthuth­ukisayo.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

IGXATHU negxathu olithathay­o ekunciphis­eni izinkinga zakho, ikakhuluka­zi ezithinta izikweletu, limqoka. Zifundise ukulawula isikhathi sakho. Ubuchwephe­she bomqondo buzokusiza ukwazi ukubumba kahle izinhloso zakho.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

QAPHELA ukuthi imibono onayo ihambisana nezinhloso ezimsulwa. Vikela izinhloso zakho ngokugxila kokunobulu­ngiswa. Impilo yakho izodinga ukusondela­na nabathile ukuze bakucebebi­se ngokuzikhi­pha kwezinye izinkinga.

PISCES (Feb 19-March 20)

UKUNGABAZA kungakwenz­a uzibone usalele emuva nezinhlelo zakho. Bheka ukuthi yini umgogodla wekusasa lakho. Unemiseben­zi eminingi kakhulu kodwa qiniseka ukuthi osukuthint­ile kuyaphumel­ela.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa