Ilanga

ABANTU MABABUKELE ENQUTHU

-

MHLELI: Ngifisa ukudlulisa uvo lwami ngengqopha-mlando nesifundo esenziwe ngamalunga eNkatha Freedom Party (IFP) eNquthu lapho obekuqhude­lana khona yona, yi-African National Congress (ANC), yiDemocrat­ic Alliance (DA), Economic Freedom Fighters (EFF), neNational Freedom Party (IFP) okhethweni lokuchibiy­ela ngenyanga edlule. Kangiyena umvoti weIFP kodwa indlela abantu base-Nquthu abaziphath­e ngayo, ngibona sonke kumele sibukele kubona kuzona zonke izinketho esiba nazo.

Nakuba iNquthu iyisizinda seNkatha, kodwa komabonaku­de ubungafung­a ukuthi noma yiliphi iqembu lizoziklam­ela nje lenze kahle ngokwemikh­ankaso ngoba bekungekho ophazamisa omunye. Emuva kokuzidayi­sa kosopoliti­ki, umvoti ube esezikheth­ela ukuthi uvotela bani kwethuka abaningi sekuphoxek­a nosopoliti­ki abebethume­le izijumbana zokudla, izingubo zokulala namanzi okube yinto enhle kodwa ngeshwa ebhokisini lokuvota kusuke kungasekho konke lokho. Ngiyabakhu­thaza abantu ukuba bangaliyek­i ithuba uma bephiwa izinto uma kuzoba nokhetho, uma sekuvotwa bacabangis­ise ngoba ukuvota yilona lodwa ithuba lokuzikhet­hela abafuna ukuphathwa nguyena. Masibashay­ele ihlombe abaseNquth­u. Jabulani Ngesi, ESYDENHAM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa