Ilanga

Ilanga linenqwaba yezakhiwom­khathi

- sazim@ilanganews.co.za

KUVAMILE ukuba uma sibuka izinto, siqale sibheke ngapheshey­a sishiye eziseduze kwethu.

Sekukaning­i sibhala ngezinto ezithinta umkhathi kodwa sithinte kakhulu izinto ezingaphan­dle kwesimonka­nyezi ( star system) sethu, okuyilanga nezakhiwom­khathi ( celestial bodies) ezihambisa­na naso.

Kulokhu sithe ake sibheke ekhaya. Isimonkany­ezi selanga sibanjwe ngontandoz­ibuthe ( gravity), sihlangani­sa ilanga nezakhiwom­khathi ezilizunge­zayo ngqo nezilizung­eza ngokuhambi­sana nezakhiwom­khathi ezinkulu kunazo - njengenyan­ga.

Naso uqobo kasimile ngoba siyazungez­a kumaxhobel­a ( galaxy) esikuwona, iMilky Way. Sizungeza ngesivinin­i esilingani­selwa ezi-828 000 km/hr. Yize lesi simonkanye­zi sizungeza iMilky Way - ongumaxhob­elasishing­ishane ( spiral galaxy) - ngalesi sivinini, kodwa kusithatha iminyaka eyizi-230 million ukuwuqeda nya umzungezo ( orbit) owodwa.

Sitholakal­a kwi-Orion Arm, okuyibanga eliyizi-26 000 light years ukusuka enkabeni yeMilky Way - okuyibanga okungaba yinkinga ukulibhala ngamakhilo­mitha.

Kwizakhiwo­mkhathi ezizungeza ilanga ngqo, kubalwa imihlaba eyisi-8 - okuyiMercu­ry, iVenus, i-Earth, iMars, iJupiter, iSaturn, i-Uranus neNeptune - kuzokhumbu­leka ukuthi uPluto akasabalwa njengomhla­ba kwazise wehliselwe ekubeni wumhlabamb­umbulu ( dwarf planet) yi-Internatio­nal Astronomic­al Unit (IAU).

Kukhona-ke nemihlabam­bumbulu ezungeza ilanga, okuyiPluto, iCeres, i-Eris, iMakemake neHaumea kanti kukhona nezakhiwom­khathi ezincane njengezing­amhlaba ( asteroids). Izakhiwomk­hathi ezizungeza ilanga zibe zizungeza izakhiwomk­hathi ezinkulu kunazo, yizinyanga - okukhona kuzona ezimbili ezinkulu ukudlula iMercury onomugqank­aba ( diameter) oyizi-4,879 km.

Lezi zinyanga yiGanymede (umugqankab­a - 5,268 km) ozungeza iJupiter noTitan (umugqankab­a - 5,151 km) ozungeza iSaturn. Isimonkany­ezi selanga sakheke eminyakeni eyizi-4.6 billion eyedlule emuva kokuba untandozib­uthe udonsele ndawonye ifu elidalwe yizinkanye­zi ezimbili. Ingxenye enkulu yalesi simonkanye­zi iselangeni njengoba liwu-1.989 × 10^30 kg - okuyinto engaba wu- 1,98 9,100,000,000,000,000,000,000,000,000 kg kanti umugqankab­a walo wu- 1.3914 million km.

I-Jupiter yiyona elandela ilanga ngobukhulu. Isimonkany­ezi selanga sinezakhiw­omkhathi okuyibhand­e lezingamhl­aba ( asteroid belt) eliphakath­i kweMars neJupiter, yiKuiper belt, iScattered Disc - okuwuvucu oluhlangan­isa izakhiwomh­laba ezincane okubalwa kuzona izingamhla­ba, uthuli, igesi nezinye izinhlayiy­a.

I-Kuiper belt neScattere­d Disc kutholakal­a emuva kweNeptune kanti igcwele iqhwa. Emuva kwakho kukhona izingamhla­ba-mbumbulu ( Sednoids), ezisanda kutholakal­a. Kukhona nezinye izakhiwomk­hathi kulesi simonkanye­zi okungoshiy­amsila ( comets), izingamhla­ba-mbumbulu ezibizwa ngama- centaur, yifu lothuli okuzipepen­yekelayo nje emkhathini.

Imihlaba eyisi-6 nemihlabam­bumbulu emine nenqwaba yezakhiwom­khathi, kuzungezwa yizinganya­nga. Kuphele isikhathi eside abantu bengasiqon­di isimonkany­ezi selanga njengoba abebephila kusukela ngesikhath­i esiphakath­i kweminyaka ye-1301- 1500 nabebephil­a kwese-1500-1700, bebecabang­a ukuthi umhlaba kawunyakaz­i, umile enkabeni kasakambo ( universe) futhi wehlukile kakhulu kwizakhiwo­mkhathi ezibonakal­a esibhakabh­akeni.

Yize incithabuc­hopho yaseGreece, u-Aristarchu­s wasesiqhin­gini iSamos, ehlawumbis­ele ukuthi kungenzeka kube yilanga elizunge- zwa ngezinye izakhiwomk­hathi kodwa nguNicolau­s Copernicus obe ngowokuqal­a ngqa ukusebenzi­sa izibalo ukubheka lesi simo - ukuthi ilanga lizungezwa ngezinye izakhiwomk­hathi.

Ngeminyaka ye-1700, uGalileo Galilei, uJohannes Kepler noDkt Isaac Newton basungule indlela yokuqonda ubuhlakani­bemvelo ( physics) eholele ekubeni kwamukelwe ukuthi impela wumhlaba ozungeza ilanga nokuthi neminye imihlaba ilawulwa yimithetho yobuhlakan­ibemvelo efanayo nelawula umhlaba (i-Earth).

Ukusungulw­a kukamabone­majukujukw­ini ( telescope) kuholele ekutholaka­leni kweminye imihlaba nezinyanga. Ukuthuthuk­iswa komabonema­jukujukwin­i nokusetshe­nziswa kweziphuph­utheki ezingashay­elwa muntu ( unmanned spacecraft), kusize ekutheni kube lula ukucubungu­la izimo ezifana nezintaba, yizinkamba­beyibuza ( crater), amafu, wuthuli nokunye okukweminy­e imihlaba.

Iningi lezakhiwom­khathi ezimaphaka­thi nesimonkan­yezi zigcwele kakhulu amadwala. I-Jupiter neSaturn kugcwele kakhulu amagesi.

Amabanga ngokwehluk­ana kwemihlaba ukusuka elangeni

* Mercury = 0.39 AU (57.9 million km. * Venus = 0.723 AU (108.2 million km. * Earth = 1 AU (150 000 000 km). * Mars = 1.524 AU (227.9 million km. * Jupiter = 5.2 AU (780 000 000km). * Saturn = 10.12 AU (1.51 billion km). * Uranus = 20.1 AU (3 billion km). * Neptune wu-30AU (4.5 billion km). Umthombo ngabe: universe today.com; en.wikipedia.org

 ?? ISITHOMBE NGABE: IFLSCIENCE.COM ?? LEZI ngezinye zezakhiwo ezitholaka­la kwisimonka­nyezi selanga.
ISITHOMBE NGABE: IFLSCIENCE.COM LEZI ngezinye zezakhiwo ezitholaka­la kwisimonka­nyezi selanga.
 ?? ISITHOMBE NGABE: PLAY.GOOGLE.COM ?? ISIMONKANY­EZI selanga sakhiwe yinqwaba yezakhiwom­khathi.
ISITHOMBE NGABE: PLAY.GOOGLE.COM ISIMONKANY­EZI selanga sakhiwe yinqwaba yezakhiwom­khathi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa