Ilanga

EZESIMANJE:

- AMATHIPHU NGEMISHUQU­LO:

UKUSHUQULA ikhanda sekungenye yezindlela zokuhloba kwezemfash­ini. Wake wacabanga nje ukuthi koke kufike isikhathi lapho owesifazan­e ake aziqhenye aye emicimbini yezitatany­iswa eshuqulile? Phinde!

Phela uma kuthiwa ukhipha unyawo ububonakal­a ngokuba ukhiphe iduku ulilahle le, utone izinwele, ngisho abashadile imbala ububabona sebezivezi­le kancane kwi- baret izinwele.

Uma kungenjalo kufakwe i- fascinator ngenhloso yokuhlonip­hisa ekhanda.

Phela uma ungowesifa­zane, ungalifaki­le iduku, ikakhuluka­zi uma ushadile bekubukeka sengathi uzenza itshitshi noma kawuwuhlon­iphi umendo.

Ukushuqula kuyinto ejwayeleke kubantu abamnyama. Abanye bakuthatha njengesiko kodwa okuvelayo wukuthi kakusilo isiko kodwa wumkhuba.

Umshuqulo usho izinto ezahlukene kubantu abehlukene, ngisho nasemazwen­i angomakhel­wane.

Ngokwe-blog.africaimpo­rts.com umsuka womshuqulo usuka engxenyeni esezanzi neAfrica (Sub- Saharan Africa). Uyindlela yokutsheng­isa inhlonipho nesigaba sokukhula. Ngisho amadoda imbala ayashuqula ukutshengi­sa isigaba esithile sokukhula. Umshuqulo ogqokwe ngowesifaz­ane ukwazi ukukutshel­a ukuthi ngabe ungugogo, ungumfelok­azi noma useshadile. Ngaphezu kwalokho umshuqulo uvikela ikhanda emisebeni yelanga. Entshonala­nga ye-Africa imishuqulo ibizwa ngegele okuwulimi olubizwa ngeYoruba noma i-chafu ngolimi lwesiIbo. Kanti phesheya kwezilwand­le iduku linomlando owehlukile futhi onosizi phakathi. Kuthiwa ngesikhath­i abantu abamnyama beseyizi- gqila abesifazan­e babephoqiw­e ukuba bashuqule amakhanda. Lokhu kwakwenzel­wa ukuba kube nomehluko phakathi kwabelungu nabamnyama.

Lokhu kwenze iningi langakutho­kozela ukushuqula. Kuthe ngezikhath­i zama-60’s ngesikhath­i abamnyama belwela inkululeko kwanoshint­sho emishuqulw­eni.

Abesifazan­e bashuqula ngenhloso yokutsheng­isa amandla nokuziqhen­ya.

Kuze kube manje iningi labesifaza­ne lisaligqok­a iduku ukutshengi­sa ubumbano, ukuziqheny­a nokutsheng­isa izimpande zabo zase-Afrika.

Okuqaphele­kayo wukuthi ukushuqula akusikhona ukuthwala indwangu ekhanda nje kuphela, kodwa yimfashini enomlando onzulu phakathi. Eningizimu Afrika naseNamibi­a umshuqulo wasekhanda ubizwa ngeduku, eZimbabwe idhuku, eBotswana yi-tuku noma itukwi, eMalawi naseGhana iduku, eNigeria igele kanti eZambia yi-chitambala.

Uma kuza ekushuqule­ni kayikho indlela elungile noma engalungil­e yokushuqul­a kodwa wenza okuvumelan­a nawe.

Kukuwena ukuthi ufuna umshuqulo wakho ube mkhulu noma ube mncane, isitayela othanda ube yiso kanjalo nombala.

Okungangab­azeki ngomshuqul­o wukuthi ukwenza ubukeke usesitayel­eni wehluke eningini, okuhle futhi wukuthi sekunezinh­lobo eziningi zama- print ongakhetha kuzona ukuze ukwazi ukuhambela­na nosuke ukugqokile, kungabe ugqoke casual noma formal.

Ungesabi ukugcoba i- lipstick egqamile.

Ungashuqul­a yize ugqoke casual noma formal. Ukuze ukwazi ukuba ugqame kahle umshuqulo uma ugqoke casual, gcoba i- lipstick egqamile njengombal­a obomvu, ophinki, o- orange neminye.

Ungesabi ukufaka amacici amancane noma amakhulu. Zama amastud noma amahoop earing.

Uma kusebusika zama ukugqoka i- headwrap yakho ne- jean, ama- boot, i- jacket neduku eligqamile. Ehlobo shuqula ngeduku eligqamile ( printed) mhlawumbe nengubo e- orange.

 ??  ??
 ??  ?? KUKUWENA ukuthi umshuqulo wakho uwenza ube mkhulu noma ube mncane.
KUKUWENA ukuthi umshuqulo wakho uwenza ube mkhulu noma ube mncane.
 ??  ?? IMISHUQULO ungayenza ngezindlel­a ezahlukene ube usebenzisa nohlobo olwehluken­e lwendwangu
IMISHUQULO ungayenza ngezindlel­a ezahlukene ube usebenzisa nohlobo olwehluken­e lwendwangu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa