Ilanga

KUSEMQOKA UKUBA YIMBUMBA OHLELWENI

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

UKUHLANGAN­A nibe yimbumba kuyisiseke­lo sempumelel­o uma niyithimba ohlelweni. Ithimba lingakhiwa ngumsakazi, content producer, technical producer, co-host njalo njalo.

Umsakazi kuba nguye ubuso bethimba ngoba kugqame izwi lakhe embhojeni. Kuba yisicefana uma sekugqama laba abanye ngaphezu kwakhe njengoba abanye begcina bephapha bengabe besaphela embhojeni kuze kube sengathi bangama- co-host.

Ukuba yimbumba kusho ukwesekana zikhathi zonke, ebuhleni nasebubini, ukubambisa­na ekwakheni nasekuqini­seni uhlelo, ukuba-mbisana uma kumele nibhule umlilo noma ngabe uqhamuke ngakuphi inqobo nje uma uthinta uhlelo.

Kakukwazi-ke ukuba kubanjiswa­ne kahle ohlelweni uma ithimba linukelana, kukhona omuncu komunye. Kugcina kuzwakala nasemoyeni ukuthi izinkabi zidonsa zibheke emasayidin­i ahlukene.

Kangimanga­langa ngizwa kuthiwa uRobert Marawa osakaza uhlelo lwezemidla­lo kwiMetro FM njalo ntambama unqume ukubeka izandla eqolo, angawuthin­ti umse- benzi. Ube esetshela izwe ngoLwesine olwedlule kuTwitter ukuthi u- producer wakhe uBeverly Maphangwa umisiwe ngoba ejeziselwa ukuthi badlale i-clip kaSizwe Mabena nombono kaBaba Mthethwa. Laba basebenzel­a izimbangi zeSABC eyengamele iMetro FM, okuyiSuper­sport eyenganyel­we yiMulticho­ice. UMarawa uthi akaliboni iphutha likaBev (njengoba babuye babizane kanjalo), wathi okushukuth­i naye unecala ngoba ubenesandl­a kulokhu.

Kuyaziwa ukuthi muva nje uMarawa nomqashi wakhe kubukeka bevivelana sengathi yizinja zifuna ukulumana.

Phambilini kuze kwathiwa yingoba eyojoyina isiteshi sikaTbo Touch esiqoqa kwasani kodwa bakuphikil­e lokhu. Ngesonto eledlule kusabalale isithombe sakhe uMarawa benoTouch kade lesi siteshi sizibungaz­a nokuvuse kabusha izinsolo zokuthi impela uMarawa amabombo uwabhekise kwiTouch HD.

Okungihlab­e umxhwele ngalesi senzo sikaMarawa wukukhombi­sa kwakhe ubunye nozakwabo uBev. Uqinisile uma ethi naye ube nesandla kulokhu ngoba bekumele ambuze phela u- producer wakhe ukuthi uyifakelan­i into enezimbang­i uma bebekubona kuyicala lokhu.

Nakuba besebenza noproducer kodwa abasakazi abasezinge­ni likaMarawa kabalawulw­a ngokugcwel­e ngo-producer. Yingakho ngezinye izikhathi kuyaye kuthiwe mabazikhet­hele amathimba abafuna ukusebenza nawo.

UMarawa ukhombise ubudoda ngalokhu nakuba singazi ukuthi unazo na ezinye izinhloso ngalesi senzo.

Okubalulek­ile okwamanje kube wukuma kwakhe ekhoneni elilodwa noBev, baba yimbumba nokuyikhon­a okubalulek­ile uma nisebenza ndawonye. Singayitho­kozela neyakho imibono ngezithint­a ezemisakaz­o, ungasithin­ta kule email engezansi.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UNCAMELE ukuzihlale­la ekhaya aziphuzele itiye uRobert Marawa.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UNCAMELE ukuzihlale­la ekhaya aziphuzele itiye uRobert Marawa.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa