KUSEMQOKA UKUBA YIMBUMBA OHLELWENI
UKUHLANGANA nibe yimbumba kuyisisekelo sempumelelo uma niyithimba ohlelweni. Ithimba lingakhiwa ngumsakazi, content producer, technical producer, co-host njalo njalo.
Umsakazi kuba nguye ubuso bethimba ngoba kugqame izwi lakhe embhojeni. Kuba yisicefana uma sekugqama laba abanye ngaphezu kwakhe njengoba abanye begcina bephapha bengabe besaphela embhojeni kuze kube sengathi bangama- co-host.
Ukuba yimbumba kusho ukwesekana zikhathi zonke, ebuhleni nasebubini, ukubambisana ekwakheni nasekuqiniseni uhlelo, ukuba-mbisana uma kumele nibhule umlilo noma ngabe uqhamuke ngakuphi inqobo nje uma uthinta uhlelo.
Kakukwazi-ke ukuba kubanjiswane kahle ohlelweni uma ithimba linukelana, kukhona omuncu komunye. Kugcina kuzwakala nasemoyeni ukuthi izinkabi zidonsa zibheke emasayidini ahlukene.
Kangimangalanga ngizwa kuthiwa uRobert Marawa osakaza uhlelo lwezemidlalo kwiMetro FM njalo ntambama unqume ukubeka izandla eqolo, angawuthinti umse- benzi. Ube esetshela izwe ngoLwesine olwedlule kuTwitter ukuthi u- producer wakhe uBeverly Maphangwa umisiwe ngoba ejeziselwa ukuthi badlale i-clip kaSizwe Mabena nombono kaBaba Mthethwa. Laba basebenzela izimbangi zeSABC eyengamele iMetro FM, okuyiSupersport eyenganyelwe yiMultichoice. UMarawa uthi akaliboni iphutha likaBev (njengoba babuye babizane kanjalo), wathi okushukuthi naye unecala ngoba ubenesandla kulokhu.
Kuyaziwa ukuthi muva nje uMarawa nomqashi wakhe kubukeka bevivelana sengathi yizinja zifuna ukulumana.
Phambilini kuze kwathiwa yingoba eyojoyina isiteshi sikaTbo Touch esiqoqa kwasani kodwa bakuphikile lokhu. Ngesonto eledlule kusabalale isithombe sakhe uMarawa benoTouch kade lesi siteshi sizibungaza nokuvuse kabusha izinsolo zokuthi impela uMarawa amabombo uwabhekise kwiTouch HD.
Okungihlabe umxhwele ngalesi senzo sikaMarawa wukukhombisa kwakhe ubunye nozakwabo uBev. Uqinisile uma ethi naye ube nesandla kulokhu ngoba bekumele ambuze phela u- producer wakhe ukuthi uyifakelani into enezimbangi uma bebekubona kuyicala lokhu.
Nakuba besebenza noproducer kodwa abasakazi abasezingeni likaMarawa kabalawulwa ngokugcwele ngo-producer. Yingakho ngezinye izikhathi kuyaye kuthiwe mabazikhethele amathimba abafuna ukusebenza nawo.
UMarawa ukhombise ubudoda ngalokhu nakuba singazi ukuthi unazo na ezinye izinhloso ngalesi senzo.
Okubalulekile okwamanje kube wukuma kwakhe ekhoneni elilodwa noBev, baba yimbumba nokuyikhona okubalulekile uma nisebenza ndawonye. Singayithokozela neyakho imibono ngezithinta ezemisakazo, ungasithinta kule email engezansi.