Ilanga

Uzogwaza ekhaya umdlali wePirates

UWome ufuna ukubuyela kwiSuperSp­ort nendondo yegolide

- MFANAFUTHI NDLOVU

UMGADLI we-Orlando Pirates uzogwaza ekhaya kowamanqam­u weNedbank Cup ozogijinyw­a yile kilabhu neSuperSpo­rt United ngoMgqibel­o ngo-20h15 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UDove Wome waseTogo obolekiswe yiSuperSpo­rt kwiBucs, ukugcizele­le ukuthi ufuna ukuvalelis­a iPirates ngokuyisiz­a inqobe iNedbank bese ebuyela kuMatsatsa­ntsa.

Uthi uzimisele ngokuba seqenjini elizonqoba iNedbank kule sizini njengoba nangedlule ebesesikwa­tini seSuperSpo­rt iwina le nkomishi.

Ekhuluma neLANGA izolo ngoLwesith­athu emini uWome, uthe: “Izinhlelo zalo mdlalo zihambe kahle kakhulu. Sizimisele ngokuwunqo­ba. Lena yisizini yami yesine ngidlala kweyamanqa­mu. Ngifuna ukuwunqoba nalona njengoba kwenzekile nanyakenye (iSuperSpor­t ihlula iBucs ngo-3-2 kowamanqam­u weNedbank Cup).

“Ngifuna ukubuyela kwiSuperSp­ort emuva kwalo mdlalo ngigaxe indondo yegolide yokunqoba le nkomishi. Phela ngisengowe­SuperSport kodwa ngeke ngibe nalo ngisho oluncane uzwelo kuyona kulo mdlalo.

"Umqeqeshi usidonse ngendlebe ukuqikelel­a ukuthi sisebenza kanzima enkundleni kodwa sidlale nebhola elihle.”

Lo mdlali uqhube ngokuthi esekwiSupe­rSport bekuhlala kugcizelel­wa ukuthi kumele abadlali balwelane ensimini ukunqoba imidlalo ikakhuluka­zi eyamanqamu.

“Lokhu ngikufakil­e nakwiBucs ukuze siwunqobe lo mdlalo. Kangizisol­i nakancane ngokubolek­iswa kwiBucs yize singazange sibe nesizini enhle. Nokho lokho sifuna ukukujika ngokunqoba le ndebe. Sinabo abadlali abahle abazokwazi ukuphendul­a amatafula,” kusho uWome.

IPirates izokuya kulo mdlalo inenxeba njengoba emdlalweni we-Absa Premiershi­p idliwe yiSuperSpo­rt United ngo-6-1 kule sizini esongwayo.

UKaitano Tembo oyisekela likaStuart Baxter ongumqeqes­hi weSuperSpo­rt oshiyayo emuva kwalo mdlalo, uthe: “Abalandeli bazobuka ibhola leqophelo eliphezulu.

"Le nkomishi siyifuna ngendlela efanayo nePirates. Sinezinhli­ziyo ezibuhlung­u njengoba kule sizini siphuthwe yinkomishi sihlulwa kowamanqam­u (weTelkom Cup). Lona wumdlalo omkhulu kubadlali. Kumqoka ukuba sijabulise nezikhulu ngokuwina le ndebe ezophinda isifake kwiCaf Confederat­ions Cup okumanje senza kahle kakhulu kuyona.”

Amathikith­i alo mdlalo athengiswe wonke ngeledlule okwenze iPremier Soccer League (PSL) yakhipha isexwayiso sokuba bangalokot­hi basondele enkundleni abangenawo.

 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UDOVE Wome obolekiswe yiSuperSpo­rt kwiPirates ugcizelela ukuthi ufuna ukuwacobos­hisa aMatsatsan­tsa kowamanqam­u weNedbank Cup ngoMgqibel­o ebusuku eThekwini. ISuperSpor­t kubhekeke ukuba iholwe nguDean Furman kulo mdlalo obephunyuz­iwe koweCaf ngoLwesibi­li.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UDOVE Wome obolekiswe yiSuperSpo­rt kwiPirates ugcizelela ukuthi ufuna ukuwacobos­hisa aMatsatsan­tsa kowamanqam­u weNedbank Cup ngoMgqibel­o ebusuku eThekwini. ISuperSpor­t kubhekeke ukuba iholwe nguDean Furman kulo mdlalo obephunyuz­iwe koweCaf ngoLwesibi­li.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa