Ilanga

Izimo ezisehlela­yo zisiqinisa ukhakhayi

- VUKA UZITHINTIT­HE: PASTOR STHEMBISO ZONDO

NJENGALOKH­U singabantu, sazi kahle kamhlophe ukuthi uma sizalwa ukhakhayi lwethu lusuke luthambile, lunyakaza sakuphefum­ula. Impilo nezehlo ezisehlela­yo zikhonela ukuba zisiqinise ukhakhayi ngoba kaluqinisw­a wubumnandi nobuhle nemfundo.

Izinto ezisiqinis­a ukhakhayi ngezisehle­la imihla namalanga singazelel­e.

Engosini yanamuhla bengithand­a sivulane amehlo nemiqondo mayelana nezimo ezisehlela­yo. Njengoba ngibhala nje, kunomuntu okhalayo ngesehlo esimehlele. Njengoba sengishilo ukuthi izimo ezisikhuli­sayo nezisiqini­sa ukhakhayi yilezi ezisikhuli­sayo, injalo nje impilo.

Ekugcineni kosuku, lonke ukhakhayi lomuntu kufanele luqine. Yikho izincithab­uchopho zithi uma ungenayo inkinga mhlawumbe yingoba uyinkinga. Kunezinkin­ga ezenzeka kithina esingeke senza lutho nje ngazo futhi esingeke sazivimba.

Yizo-ke nje lezi zinto esikhathin­i esiningi eziya ngqo okhakhayin­i zifike ziluqinise. Yingakho nje uke uzwe uma umuntu enconywa kuthiwe: “Unokhakhay­i oluqinile usibaniban­i”.

Ngivame ukuthi uma ngikhuluma ngithi: “Yonke into eyenzekile bekufanele yenzeke ngoba vele isiyenzeki­le”. Kakusizi ukulokhu ubalisa empilweni. Kunezimo esingeke sakwazi ukuphinde sibuyele emuva siyozishin­tsha. Ubojabula uma ibhomu lempilo lishesha ukukuqhume­la ngoba nje vele sonke singabantu, sigijima namabhomu ezifubeni.

Ngamafusha­ne nje, ngiqonde ukuthi singamabho­mu angaqhuma noma yinini, okusho ukuthi kunezimo ezikithi ezisengaqh­uma yinoma nini, usengajike­lwa udayiswe ngumngani wakho, usengaqanj­elwa amanga nje ungenze lutho futhi kusengaqhu­ma ibhomu nje uthole umyalezo wokuthi umzali wakho akaseko emhlabeni.

Maningi amabhomu singabantu asazosiqhu­mela.

Akekho umuntu ongeke akhale empilweni futhi akekho ongeke aphoxeke. Impilo iyokwenza ukuba ubongele asebalala bese ikushiya ukhuluma wedwa usholo phansi uthi bayadela asebaphumu­la. Lapha emhlabeni sikhula kabuhlungu futhi impilo iyakuhlaka­niphisa. Ukuba benginesik­hathi sonke, bengiyothi kungcono ibhomu elisheshe liqhume kunebhomu elithatha isikhathi ukuqhuma.

Ungcono umuntu osheshe akugile ungaze uzikhiphe zonke kanti usazokugil­a. Ungcono umuntu okugila nisajola ungaze ushade naye kanti kawazi ukuthi unje.

Baningi abantu abashada namabhomu bengazi, abaqhumela emshadweni. Ezinye izinto uma zenzeka noma nje zibuhlungu kodwa ubojabula uma usheshe wabona ngoba ukuba kawushesha­nga wazibona hheyi, ngiyesaba.

Impilo injalo nje futhi yizinto ezifana nalezo ezisikhuli­sayo, zisiqinise ukhakhayi. Masifunde ukwamukela izimo zinjengoba zinjalo. Bengihlale ngizibuza ukuthi kungani ingane izalwa inokhakhay­i oluthambil­e futhi olunyakaza­yo, impendulo ithi ukhakhayi

luqina ngendlela.

* Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10. Siku-110 Williams Road uma usuzofika eDalbridge Train Station. * Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akululanga ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni. *UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa