KUFUNEKA IZINGUQUKO EZINKULU KWI-BUCS
Kugxekwa no-Irvin Khoza ngodaka lweZimnyama
KUFUNEKA izinguquko ezinkulu kwi-Orlando Pirates ephinde yaphoxa abalandeli bayo ibhudluzwa yiSuperSport United ngo4-1 ovuthayo kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Abathandi beBucs bebephume ngobuningi kulo mdlalo ngethemba lokuthi le kilabhu izobasula izinyembezi emuva kokuba nesizini embi.
Nokho baphume enkundleni benxapha abanye behlengezela izinyembezi becikwa ngabakubize ngokweyiswa nokungacatshangelwa ngabadlali nezikhulu zale kilabhu.
Abanye bebelibeka ngesihloko elokuthi kumele kukhucululwe kusuka kusihlalo wayo uDkt Irvin “Iron Duke” Khoza abamsola ngokungayikhathaleli le kilabhu muva nje.
Ukudemelayisa kwabalandeli beBucs kususwe ngamagoli abhakuziswe enethini nguBradley Grobler amabili, nguJeremy Brockie noKingston Nkhatha. Elokuzama ukugqiba ihlazo leZimnyama lishaywe ngu-Oupa Manyisa kuyiphenathi.
UKjell Jonevret ongumqeqeshi wePirates, uvumile emuva kwalo mdlalo ukuthi kudingeka izinguquko kule kilabhu egubha ngenothi elibi iminyaka engama-80 yasungulwa.
“Kudingeka izinguquko ekilabhini. Nokho lesi kakusona isikhathi esikahle sokukhuluma lolu daba.
"Kusafanele ngihlale phansi nabaphathi sikhulume ngekusasa lami nelabadlali abathile emuva kokubanika umbiko wesizini (esiphuma kuyona),” kusho uJonevret ojoyine eZimnyama ezinyangeni ezine ezedlule engena ezicathulweni zika-Augusto “Njenje” Palacios ophume esenuka iqaqa kulesi sikhundla emuva kokubhaxabulwa yiMamelodi Sundowns ngo-6-0 koweligi.
UPalacios ubethathe lo msebenzi emuva kokuba ulaxazwe nguMuhsin Ertugral ocikwe yihlazo lokudliwa yiSuperSport ngo-6-1 koweligi ngasekupheleni konyaka odlule.
“Sibenzele phansi kakhulu abalandeli kule sizini. Sibaphoxe kakhulu. Kulo mdlalo sivele senza izinto zaba nzima kakhulu kithina. Besiphisana kalula ngamabhola esiswini,” kusho uJonevret obebhocobele okwenkukhu ekhishwe emdokweni wotshwala ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva kwalo mdlalo.
Abadlali abebengamakhongco abuthaka esiswini kwiBucs nguIssa Sarr noManyisa obekungathi baqashelwe ukulahla amabhola, uPatrick Phungwayo oyisitobha ovele waphenduka umgwaqo omkhulu kaThuso Phala obeyiphela endlebeni kulo mdlalo kumaBhakaniya.
“Lolu kube wusuku olubi kakhulu, kwenzeke ebesingakuhlelele.
"Ukungena kwegoli lesibili kusithene amandla. Empeleni bekumele sishaywe ngembudlu yamagoli (ngenxa yamaphutha ebese siwenza). Ngiyayibongela kakhulu iSuperSport,” kusho uJonevret.
ISuperSport iqophe umlando wokuba yikilabhu yokuqala uku- vikela iNedbank Cup egubha iminyaka eli-10 yasungulwa kanjalo nokuqukula le ndebe kathathu. Inqobe u-R7 million kulo mqhudelwano oyisango lokubuyela kwiCaf Confederation Cup ngonyaka ozayo. Nonyaka yenza kahle kwiCaf njengoba isisesigabeni samaqoqo.