Ilanga

UTHEMBISE UKWEPHUCA UBUZWE ABAKWA-GUPTA

- INTATHELI YELANGA

UTHEMBISA ukwesula ubuzwe bomndeni wakwaGupta eNingizimu Afrika uNgqongqos­he wezaseKhay­a, uNkk Hlengiwe Mkhize, inqobo nje uma kunobufaka­zi obuqandula ikhanda obuthi ubuthole ngendlela engafanele.

UNgqongqos­he Mkhize uthwale kanzima emuva kancane nje kokuba eqokelwe kulesi sikhundla ngesikhath­i kuqubuka amahlebezi athi umndeni wakwaGupta uphathwe ngezandla ezintofont­ofo nguMnu Malusi Gigaba obehola lo mnyango kodwa osengungqo­ngqoshe wezimali.

Ngeledlule uNkk Mkhize usesekile isinqumo sikaMnu Gigaba sokunika lo mndeni - ikakhuluka­zi unina kaMnu Atul Gupta, u-Angoori nomkakhe uShivani - ubuzwe bakuleli ngowezi-2015, wathi (uMnu Gigaba) akephulang­a mthetho ngalokho.

AbakwaGupt­a banikwe ubuzwe ngokushesh­a emuva kokuba besidlulis­ele phambili isicelo sabo - kade sinqatshiw­e ngoba kuthiwa kasihambis­ani nokudingek­ayo ukuze babizwe ngabaseNin­gizimu Afrika.

Noma ngubani obhalisele ukuba ngowakulel­i, kumele ahlale khona iminyaka eyisihlanu, angaphumi isikhathi esiyizinsu­ku ezingama-90.

“Umthetho uyaluchaza uhlobo lwabantu okumele lunganikwa ubuzwe. Olunye lwalezi zinhlobo, ngumuntu osuke etholwe enecala. Uma-ke kuwukuthi kunobufaka­zi obutholaka­layo (kulolu daba lwakwaGupt­a) singacishw­a isinqumo sokukhishw­a kwemvume,” kusho uNgqongqos­he Mkhize.

Uthe kunzima ukuthatha isinqumo ngokwethem­bela ezindabeni ezisabalel­e kwabezinda­ba.

Uveze ukuthi umnyango wakhe uhlolisisi­le ukuthi uMnu Gigaba ufinyelele kanjani esinqu- meni sokugixabe­za umndeni wakwaGupta ngobuzwe, kakukho okushayisa ngamakhala okutholile. Nokho umbiko othunyelwe kusihlalo wekomiti lephalamen­de lezasekhay­a ngumqondis­i-jikelele walo, uMnu Mkuseli Apleni, kuvela ukuthi uMnu Gigaba akahambi- sanga ngomthetho ngoba akakwazang­a ukubhala amagama amalunga alo mndeni ngesikhath­i edingeka ephalamend­e. ngabeNews2­4

 ?? ISITHOMBE NGABE: DAILYMAVER­ICK ?? UNGQONGQOS­HE wezaseKhay­a, uNkk Hlengiwe Mkhize, othi uyobesula ubuzwe bomndeni wakwaGupta uma ethola ubufakazi bokuthi ubuthole ngokungemt­hetho.
ISITHOMBE NGABE: DAILYMAVER­ICK UNGQONGQOS­HE wezaseKhay­a, uNkk Hlengiwe Mkhize, othi uyobesula ubuzwe bomndeni wakwaGupta uma ethola ubufakazi bokuthi ubuthole ngokungemt­hetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa