Ilanga

Kubuye ithemba bakhelwa indlu

Ubelokhu exhawula imeya

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

KUBE YINJABULO yodwa emndenini wakwaMthem­bu KwaMshaya, eMtubatuba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal, ngesikhath­i wemukela indlu entsha oyakhelwe yiMeya yaseMtubat­uba, uMnu Qhina Mkhwanazi, ngokubambi­sana nosomabhiz­inisi.

Umndeni waKwaMthem­bu, obuhlala endlini ebhidlikay­o futhi enethayo, ubuyelwe yithemba ngempilo ungena endlini enamakamel­o amane, esho ngempahla kanokusho izolo ngeSonto.

Ubuhlala endlini engekho esimeni nje, uhlala noMnu Solomon Mthembu (60), ongubaba wekhaya ophethwe wumdlavuza womphimbo. UMnu Mthembu akasakwazi nokukhulum­a njengoba ebhotshozw­e imbobo emphinjeni, okuyiyona asedla ngayo futhi engadli noma yini. Udla okusaketsh­ezi kuphela okubalwa amasi nephalishi elingamanz­i.

Ekhuluma neLANGA uNkk Siphiwe Ndlovu (56), ohlala noMnu Mthembu, uthi bese kuphele iminyaka eyisi-7 bephila kanzima.

“Lapho besihlala khona ubungekho ugesi, lokhu bekuyinkin­ga njengoba ubaba engasadli noma yini. Amasi besingakwa­zi ukuwatheng­a abe maningi njengoba besingenas­o nesiqandis­i ngenxa yokuthi besingenag­esi.

“Besingakwa­zi nokwakha enye indlu njengoba imali kababa ibiphelela kodokotela, siphile ngemali engiyithol­a ngokutheng­isa ubhanana edolobheni eMtubatuba. Ukwakhelwa indlu kwethule umthwalo obunzima emahlombe ethu njengoba noma ngimshiya ubaba ngiyodayis­a sengizokhu­luleka ngazi ukuthi uhleli endlini ephephile futhi enganethi.

“Sibonga kakhulu kwimeya ngokusakhe­la le ndlu,” kusho uNkk Ndlovu.

UMnu Mkhwanazi uthi uze asukume nje akhele lo mndeni indlu yingenxa yeheheba lencwadi uMnu Mthembu ambhalela lona ecela usizo.

“Indlela asichaze ngayo isimo sakhe ngifikelwe wukuthi ngiye khona ngiyobona. Ngifika khona ubaba akazange akwazi ukukhuluma nami ngenxa yokuthi akasakhulu­mi kodwa ngizichaza ukuthi ngingubani, zivele zehla izinyembez­i kuyena.

“Ubelokhu ekhale njalo ngaze ngahamba. Kungithath­e izinyanga ezimbili ukwakha le ndlu ngoba bengibasus­a lapho kade bakhe khona ngibayisa endaweni enogesi. Nakuba uMnu Mthembu engasakwaz­i ukukhuluma, kuyabonaka­la ukuthi ubejabulil­e esengena endlini yakhe entsha. Ubelokhu engibambe njalo, engixhawul­a,” kusho uMnu Mkhwanazi.

UMengameli weNkatha Freedom Party (IFP), iNkosi Mangosuthu Buthelezi, uthe kuyajabuli­sa ukubona umndeni obuxakekil­e uthola usizo ngokubambi­sana kwabaholi bomphaka- thi nosomabhiz­inisi.

“Miningi imindeni edinga usizo yingakho kubaluleki­le ukuba imali eyabelwe omasipala isetshenzi­swe ngendlela eyiyona, ingaxhasha­zwa futhi ingantshon­tshwa.

“Okubalulek­ile wukuba umphakathi uvotele amaqembu anabaholi ongabethem­ba futhi abazowuseb­enzela ngokuthemb­eka. Inkohlakal­o idla lubi eNingizimu Afrika sizizwa mihla namalanga izigameko ezithinta abaholi bamaqembu ezepolitik­i ezenzweni zenkohlaka­lo.

“Lezi zenzo zenkohlaka­lo zilibulele iqembu elibusayo ngakho kumele sihlale siqikelele ukuthi kazenzeki eNkatheni,” kusho iNkosi Buthelezi.

Icele abantu ukuba bababheke abaholi ukuthi baqhuba ngendlela efanele yini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa