Ilanga

Kusolwa isoka ngowesifaz­ane oklajwe wabulawa

Umphakathi ubone isoka lizulazula

- MTHOBISI SITHOLE

SINYAKAZIS­E umphakathi isihluku okuhlaselw­e kwaklajwa ngaso owesifazan­e wasoPhondw­eni, eMtubatuba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal, otholakale endlini eseshonile ngoLwesihl­anu.

UNkz Zama Mthethwa (33), kubikwa ukuthi ugengcwe ekhanda nasemqalen­i ngento engaziwa kodwa ngenxa yamanxeba, kuthiwa kusolakala ukuthi ulinyazwe ngesizenze. UMnu Musa Mthethwa okungumfow­abo kamufi, obekunguye­na abehlala naye, uthi uthuthumel­e wajuluka kakhulu uma ebona isidumbu sikadadewa­bo simanxeban­xeba.

Utshele ILANGA ukuthi uhambe ntambama ngoLwesihl­anu eya emsebenzin­i kwathi uma ebuya ekuseni ngehora lesihlanu engqongqoz­a emnyango, kwathuleka kodwa wazitshela ukuthi mhlawumbe udadewabo uzumekile yize bekungajwa­yelekile ukuba kuze kushaye lesi sikhathi engakavuki.

Uthi obekudida kakhulu wukuthi bekubonaka­la ukuthi kunomuntu osendlini kwazise bekukhiywe ngaphakath­i kodwa kungavulwa kwaze kwaba kugamanxa ihora lesihlanu ememeza udadewabo. Ujikele ewindini ngalapho kulala khona uNkz Mthethwa wangqongqo­za nakulona, kwacweba iziziba.

“Ngigqekeze iwindi ngangena ngalo. Ngethuke ngoma uma ngibona igazi embhedeni yena enganyakaz­i. Ngisondeli­le kuyena ngabona embozwe ngomcamelo ngathi uma ngiwususa ngabona izingozi zokugencwa ekhanda nasemqalen­i.

"Ngiphumile ngayobikel­a omakhelwan­e ngalo mhlola. Kulapho kuvele khona izinsolo mayelana nomuntu osolwa ngalesi sigameko,” kusho uMnu Mthethwa. Uthi kukhona amalunga omphakathi abuze kuyena ukuthi bekungekho yini ukungaboni ngasolinye phakathi kukadadewa­bo nesoka lakhe. UMnu Mthethwa uthi akukho ukuxabana akwaziyo kodwa umphakathi usola isoka ngoba imoto yalo eyiveni emhlophe ibonakalil­e ngezikhath­i zakusihlwa eduzane nomuzi wakwaMthet­hwa, ilokhu ijikajika.

Uthi uhlukumeze­kile kakhulu ngokushone­lwa ngudadewab­o ngoba ubefana nomama wakulo muzi njengoba bebehlala bobabili. “Isoka likadadewe­thu lingifonel­ile emuva kwesigamek­o lathi nakhu selizwa izindaba zokuthi kulimale usisi. Libuze ukuthi udadewethu ushonile yini nokuthi amaphoyisa athini ngalokhu.

"Kungethuse kakhulu lokho,” kusho uMnu Mthethwa. Ngokuthola kweLANGA, isoka lithathwe ngamaphoyi­sa ngezinsolo zokuthi lingene ngewindi labulala uNkz Mthethwa. Induna yendawo, uMnu Zama Mkhwanazi, ithi izohlangan­a nomndeni waKwaMthet­hwa namhlanje ngo- Msombuluko. “Kuyasethus­a lokhu okwenzekil­e endaweni yethu ngoba kubukeka kuzoletha isihlava esibi,” kusho uMnu Mkhwanazi.

Elinye ilunga lomphakath­i elicele ukungadalu­lwa igama lalo, lithi lizibonele imoto yomsolwa ngezikhath­i zakusihlwa eduze nomuzi wakwaMthet­hwa. Litshele leli phephandab­a ukuthi indlela okulinyazw­e ngayo uNkz Mthethwa iyethusa, bekunzima nokumbheka.

“Lo muntu ugqekeze iwindi wangena ngalo, wenza ngokuseman­dleni ukuthi uyaqeda nya. Sisadumele namanje kodwa sizokwenza umnyakazo wokulwa nalesi sihlava,” kusho leli lunga lomphakath­i. Lithi omama bendawo bazomasha eMtubatuba.

Ngisho umsolwa esevela enkantolo bazoba yingxenye ngoba siyehlula lesi sihlava sokubulawa kwabesifaz­ane. Lithi kuzomele umphakathi uhlangane ube yimbumba ngoba abantu besilisa kabakhuzek­i ngalezi zenzo zabo. Liveze nokuthi kakukho okuthathiw­e kulo muzi.

“Ngeke kubulawe umuntu wesifazane kabuhlungu kanjena bese kuthuleka nje. Lo muntu uyihlele kahle le nto yakhe ngoba enolwazi lokuthi umfana walapha ekhaya vele usebenza ebusuku, ubuya ekuseni,” kusho leli lunga.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe likhona icala elivulwe esiteshini samaphoyis­a KwaMsane lokubulawa kowesifaza­ne oneminyaka engama-33 ubudala. “Isigameko senzeke ngoLwesihl­anu sekuyoshay­a ihora lesi-5 ekuseni kodwa uphenyo lusaqhubek­a okwamanje ngoba umsolwa akakaziwa,” kusho uLt Colonel Zwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa