Kusolwa isoka ngowesifazane oklajwe wabulawa
Umphakathi ubone isoka lizulazula
SINYAKAZISE umphakathi isihluku okuhlaselwe kwaklajwa ngaso owesifazane wasoPhondweni, eMtubatuba, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal, otholakale endlini eseshonile ngoLwesihlanu.
UNkz Zama Mthethwa (33), kubikwa ukuthi ugengcwe ekhanda nasemqaleni ngento engaziwa kodwa ngenxa yamanxeba, kuthiwa kusolakala ukuthi ulinyazwe ngesizenze. UMnu Musa Mthethwa okungumfowabo kamufi, obekunguyena abehlala naye, uthi uthuthumele wajuluka kakhulu uma ebona isidumbu sikadadewabo simanxebanxeba.
Utshele ILANGA ukuthi uhambe ntambama ngoLwesihlanu eya emsebenzini kwathi uma ebuya ekuseni ngehora lesihlanu engqongqoza emnyango, kwathuleka kodwa wazitshela ukuthi mhlawumbe udadewabo uzumekile yize bekungajwayelekile ukuba kuze kushaye lesi sikhathi engakavuki.
Uthi obekudida kakhulu wukuthi bekubonakala ukuthi kunomuntu osendlini kwazise bekukhiywe ngaphakathi kodwa kungavulwa kwaze kwaba kugamanxa ihora lesihlanu ememeza udadewabo. Ujikele ewindini ngalapho kulala khona uNkz Mthethwa wangqongqoza nakulona, kwacweba iziziba.
“Ngigqekeze iwindi ngangena ngalo. Ngethuke ngoma uma ngibona igazi embhedeni yena enganyakazi. Ngisondelile kuyena ngabona embozwe ngomcamelo ngathi uma ngiwususa ngabona izingozi zokugencwa ekhanda nasemqaleni.
"Ngiphumile ngayobikela omakhelwane ngalo mhlola. Kulapho kuvele khona izinsolo mayelana nomuntu osolwa ngalesi sigameko,” kusho uMnu Mthethwa. Uthi kukhona amalunga omphakathi abuze kuyena ukuthi bekungekho yini ukungaboni ngasolinye phakathi kukadadewabo nesoka lakhe. UMnu Mthethwa uthi akukho ukuxabana akwaziyo kodwa umphakathi usola isoka ngoba imoto yalo eyiveni emhlophe ibonakalile ngezikhathi zakusihlwa eduzane nomuzi wakwaMthethwa, ilokhu ijikajika.
Uthi uhlukumezekile kakhulu ngokushonelwa ngudadewabo ngoba ubefana nomama wakulo muzi njengoba bebehlala bobabili. “Isoka likadadewethu lingifonelile emuva kwesigameko lathi nakhu selizwa izindaba zokuthi kulimale usisi. Libuze ukuthi udadewethu ushonile yini nokuthi amaphoyisa athini ngalokhu.
"Kungethuse kakhulu lokho,” kusho uMnu Mthethwa. Ngokuthola kweLANGA, isoka lithathwe ngamaphoyisa ngezinsolo zokuthi lingene ngewindi labulala uNkz Mthethwa. Induna yendawo, uMnu Zama Mkhwanazi, ithi izohlangana nomndeni waKwaMthethwa namhlanje ngo- Msombuluko. “Kuyasethusa lokhu okwenzekile endaweni yethu ngoba kubukeka kuzoletha isihlava esibi,” kusho uMnu Mkhwanazi.
Elinye ilunga lomphakathi elicele ukungadalulwa igama lalo, lithi lizibonele imoto yomsolwa ngezikhathi zakusihlwa eduze nomuzi wakwaMthethwa. Litshele leli phephandaba ukuthi indlela okulinyazwe ngayo uNkz Mthethwa iyethusa, bekunzima nokumbheka.
“Lo muntu ugqekeze iwindi wangena ngalo, wenza ngokusemandleni ukuthi uyaqeda nya. Sisadumele namanje kodwa sizokwenza umnyakazo wokulwa nalesi sihlava,” kusho leli lunga lomphakathi. Lithi omama bendawo bazomasha eMtubatuba.
Ngisho umsolwa esevela enkantolo bazoba yingxenye ngoba siyehlula lesi sihlava sokubulawa kwabesifazane. Lithi kuzomele umphakathi uhlangane ube yimbumba ngoba abantu besilisa kabakhuzeki ngalezi zenzo zabo. Liveze nokuthi kakukho okuthathiwe kulo muzi.
“Ngeke kubulawe umuntu wesifazane kabuhlungu kanjena bese kuthuleka nje. Lo muntu uyihlele kahle le nto yakhe ngoba enolwazi lokuthi umfana walapha ekhaya vele usebenza ebusuku, ubuya ekuseni,” kusho leli lunga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe likhona icala elivulwe esiteshini samaphoyisa KwaMsane lokubulawa kowesifazane oneminyaka engama-33 ubudala. “Isigameko senzeke ngoLwesihlanu sekuyoshaya ihora lesi-5 ekuseni kodwa uphenyo lusaqhubeka okwamanje ngoba umsolwa akakaziwa,” kusho uLt Colonel Zwane.