BADUMELE NGESINQUMO SENKANTOLO KOLUKATHISHA
BEKUYINDUMALO yodwa eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesihlanu ngesikhathi kuchithwa isicelo sokubuyekezwa kwesigwebo esibhekene nobenguthishanhloko waseThembeni Junior Secondary School, olahlwe ngecala lokudlwengula umfundi (15).
UDavid Zimeme waseMzimkhulu, ubengaphandle ngebheyili emuva kokuphuma ejele esehlale iminyaka emibili esigwebeni sakhe seminyaka eli-18. Uphume ngowezi-2016 emuva kokuba kukhona obekungagculisi ngesinqumo sokumlahla ngecala, esithathwe yiNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu phambilini.
Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA libike kabanzi ngodaba lukaZimeme ngesikhathi ededelwa ejele laseKokstad emuva kokuba ebelahlwe yicala ngowezi-2012 eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu.
NgoLwesihlanu bekulindeleke ukuba iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ikhiphe isinqumo esizocacisa ngekusasa lakhe. Isithichile isicelo sakhe yanikeza abameli bakhe izinsuku ezili-14 ukuba bafake amaphepha okudlulisa leli cala eNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala.
Uma kuwukuthi lokhu kakwenzeki noma siyachithwa leso sicelo, kuyobe sekusho ukuthi uZimeme uphindela ejele ayoqhubeka nesigwebo sakhe. UMnu Derick Mdluli, weJustice for Prisoners and Detainees Trust, uthi uphoxeke kakhulu ngesinqumo senkantolo.
Uthi yena nethimba labameli bebenethemba lokuthi izofinyelela kwesinye isinqumo kunaleso seyaseMzimkhulu. Uthi iyacabanga uku- thi amajaji kawathathanga izethulo zabameli bakaZimeme ngesikhathi leli cala lihleli okokuqala kule nkantolo enkulu kodwa bavele bathatha lokhu okwakuqulwa kweyaseMzimkhulu. UZimeme naye uhambe emazwini kaMnu Mdluli ngokuphoxeka kwakhe ngalesi sinqumo.
"Ngeke ngiqambe amanga ngithi kangiphathekile kabi, bengingazitsheni ukuthi inkantolo enkulu ingakhipha lesi sinqumo. Kuningi okuvezwe ngabameli bami obekukhombisa ukuthi kangilenzanga leli cala.
"Ngizohlala ngilinde ukuba abameli bami bafake isicelo sokulidlulisela phambili leli cala. Uma kuwukuthi nakhona liyangilahla, kayikho inkinga, ngizodonsa ejele yize ngazi ukuthi kangikwenzanga engisolwa ngakho,” kusho uZimeme.
Kayikho inkinga ngizodonsa.