Uchazwe njengomdayisi uZuma
Kabanandaba nokufa
UCHAZWE yiSouth African Communist Party (SACP) yaseMzimkhulu njengomdayisi - odayisele umndeni wakwaGupta izwe - uMengameli Jacob Zuma, ophelelwe wunembeza, wakhohlwa nokuthi kunabantu abambeke esikhundleni okufanele abacabangele, ngenxa yemali.
Lokhu kwenzeke ngoMgqibelo ngesikhathi iSACP yaseMzimkhulu, eningizimu yeKwaZulu-Natal, inesifundo ngesishoshovu se-African National Congress (ANC) neSACP, uMnu Harry Gwala, esidlule emhlabeni mhla zingama-20 kuNhlangulana (June) we-1995.
Kulesi sifundo ebesisehholo lasedolobheni eMzimkhulu, bekukhona iSekela-sihlalo leSACP kuzwelonke, eliyilunga lesigungu esiphezulu kwiANC futhi linguNgqongqoshe wezeMidlalo, uMnu Thembelani “Thulas” Nxesi.
Kuqale uNobhala weSACP eMzimkhulu, uMnu Lungelo Sibeko, ochaze uMengameli Zuma njengomdayisi, obadayise ngisho sebemvikela odabeni lomuzi wakhe waseNkandla, maphakathi neKwaZuluNatal.
Uthe uMengameli Zuma udayise ngoMnu Nxesi ngesikhathi esengungqongqoshe wezemisebenzi yomphakathi - obuyingxenye yokwakhiwa komuzi waseNkandla odle imali elinganiselwa ku-R253 million - emuva kwalokho waqhamuka esethi uzozikhokhela zonke izindleko zezakhawo ebezingenasidingo ekwakhiweni kwawo.
“Akagcinanga lapho, ususe uMnu Nxesi kwesokuba ngungqongqoshe wezemisebenzi yomphakathi wamenza owezemidlalo engaxoxanga namuntu, wasusa uMnu Mcebisi Jonas noMnu Pravin Gordhan efuna ukufaka abangani bakhe ngoba efuna ukufezekisa izifiso zakhe zenkohlakalo,” kusho uMnu Sibeko.
Uthe kuyimanje abebephethe iNational Youth Development Agency (NYDA) bahlakaziwe ngale kokuba bathole umbiko wabacwaningi-mabhuku onogcobho ngoba nje efuna ukufaka abangani bakhe. I-South African National Civil Organisation (Sanco), nayo ebiyingxenye yalo mcimbi, ithe sekwanele ngoMengameli Zuma, izwe liyashabalala bebhekile njengoba manje usekhankasela ukuba “kungene isalukazi sakhe ezicathulweni zakhe yize azi kahle ukuthi isikhundla sikamengameli wezwe kujwayeleke ukuba siqhoqhobalwe yisekela likamengameli”.
UMnu Nxesi utshele abantu abebegcwele ihholo ukuthi konke kusemandleni abo, kumele basukume balwe, bangavumi ukuvunyiswa noma yini.
“Sesincamela noma yini futhi ngeke kube mnandi, siyazi bazosibulala njengoba sebeqalile lapha eMzimkhulu ukubulala ozakwethu bebulawelwa iqiniso. Sincamela ukufa ngoba sizofela iqiniso nokuba kuphephe izwe elisenkingeni yezimali ngenxa yokuthi lilawulwa wumndeni wakwaGupta, zonke izinqumo zithathwa khona,” kusho uMnu Nxesi.
Uthe sebeqalile ukuhlangana bengamakhomanisi, bazibeka zonke izinkinga abanazo ngakuhulumeni kangangoba nengqungquthela abazoba nayo kazwelonke bazobe bebeka konke abafuna kushintshe ukuze kubuye isithunzi seNingizimu Afrika.
“Siyazi bazonigwazela ngemali, thathani imali nina emuva kwalokho nithathe isinqumo esilungele izwe lenu,” kusho uMnu Nxesi.
Uthe amathambo kaMnu Oliver Tambo noMnu Gwala ayanyakaza lapho ekhona uma ebona abakulwela kuphelela ezandleni zomndeni wokufika wakwaGupta.
Ukhale ngamathenda acebisa abathile, ikakhulukazi abanye beAfrican National Congress Youth League (ANCYL), asebekhukhumala bezenza abantu abangcono yize abanye babo bengafundile, badla izimali ezishisiwe ematshwaleni.
Akakufihlanga ukuthi beseka uMnu Cyril Ramaphosa ukuba angene kwesokwengamela izwe uma sekuphume uMnu Zuma.
UMnu Zuma utinyelwa eMzimkhulu nje, yena ubeseLusikisiki, e-Eastern Cape, ngawo uMgqibelo eyozwa izikhalo zabantu kuleli dolobha elixakwe wubugebengu.