Ilanga

INTOMBI NTO IDLWENGULW­E ETHOYILETH­I LASEBHISHI

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

IYAQAQAMBA inhliziyo yowesilisa waseMaceka­ne, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, okudlwengu­lwe indodakazi yakhe eyintombi nto, ebihamba uMkhosi woMhlanga, ngowesilis­a waseMozamb­ique besolwandl­e.

Lona wesilisa, esiligodli­le igama lakhe ukuvikela isithunzi sendodakaz­i yakhe, uthinte ILANGA ekhala mi, ebuza ukuthi kanti abokufika bayobahluk­umeza kuze kube nini uhulumeni uthule.

Echaza ngalesi sigameko, uthi indodakazi yakhe eneminyaka eli-15 ubudala, efunda ibanga le-11 eSihubela High School, idlwengulw­e izikhiphil­e nabangani bayo besolwandl­e lwaseRicha­rds Bay, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal, zili16 kwephezulu - okuwusuku lwentsha.

Uthi izingane zakhe nezinye zasendawen­i beziqashe imoto zaya olwandle.

Uthi indodakazi yakhe ibihamba nodadewabo - ozalwa ngumfowabo - onguntanga wayo, naye ohamba uMkhosi woMhlanga.

“Kuthe laba abami sebesemotw­eni, belungisel­ela ukugoduka, kwasho ukuthi abanye bebengakaf­iki. Bathe abanye besayobhek­a abanye abebengaka­ngeni emotweni, lona wami waya endlini encane kanti kuzothi esengaphak­athi alandelwe yilo muntu ofike wamdlwengu­la kungekho muntu ngaphakath­i. Yize kade ekhala kodwa akekho omzwile njengoba amatekisi abebanga umsindo ngomculo.

“Umdlwengul­e waze waqeda lo muntu wamdedela, okuyilapho ethole khona intuba yokubaleka eyobika kwabehamba nabo ngosekumeh­lele. Bambambile lo muntu bamshaya babiza namaphoyis­a waboshwa,” kusho uyise wengane.

Uthi selokhu senzekile lesi sigameko, indodakazi yakhe kayisenzi kahle nasesikole­ni. Ike izivalele yodwa endlini ingakhulum­i namuntu.

Uthe udokotela obeyihlola indodakazi yakhe nguyena oqinisekis­e ukuthi idlwenguli­we, wamzamela usonhlalak­ahle ozoyelulek­a ngokwengqo­ndo.

“Ubengakayi kusonhlala­kahle njengoba ubesalinde ukuba aqede ukubhala izivivinyo zakhe. Okubuhlung­u kakhulu wukuthi selokhu eboshiwe umsolwa amaphoyisa abengakaze asitshele lutho ngokuqhube­ka kwecala,” kuchaza uyise wesisulu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi umsolwa uboshiwe wavela eNkantolo yeMantshi yaseMpange­ni zili-19 kuNhlangul­ana (June).

Uthi umndeni uzobizwa enkantolo uma sekufanele uyophendul­a kodwa okwamanje kawukading­eki.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa