Ilanga

Imenenja kamasipala isongelwa ngokusocon­gwa

Ivundulule inkohlakal­o

- PHUMLANI GAMA

IHLAFUNA ijeqeza kuhle kwenyamaza­ne imenenja kaMasipala waseJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, esongelwa ngokuyiswa kwagoqanya­wo emuva kokuba ivundulule inkohlakal­o ebiyenziwa phambilini kulo masipala.

UMnu John Khumalo useqinisel­we ezokupheph­a emuva kokufaka isicelo njengoba ingamile imiyalezo ayithola kumakhalek­hukhwini wakhe imazisa ngetulo lokwendise­lwa koyisemkhu­lu.

ILANGA lithole ukuthi udaba lukaMnu Khumalo selusinget­hwe ngezobunhl­oli ezingeni lesifundaz­we KwaZulu-Natal. UMnu Khumalo ufake isicelo sokuqinise­lwa ezokupheph­a nje ubesevele ezihlinzek­e ngonogada aziqashele bona.

Ngokusho komthombo ongashayi eceleni, umkhuba usekhaya njengoba kunamakhan­sela amabili asolwa ngokwakha itulo lokusocong­wa kukaMnu Khumalo.

Ethintwa uMnu Khumalo, uthe akasabuthi quthu ubuthongo, kuyenzeka kwesinye isikhathi angalali ngisho ekhaya.

Uthi uyazibona lapho ziqhamuka khona ezinye zalezi zinsongo futhi uyazi ukuthi zidalwa wukusebenz­a kwakhe ngokwethem­beka, enqanda ukuba kungadliwa bume imali yabakhokhi­ntela.

Lo masipala ubuphethwe yiAfrican National Congress (ANC) okuthe ngonyaka odlule, emuva kokhetho obelumhla zintathu kuNcwaba (August), wawela ezandleni zeNkatha Freedom Party (IFP) nayo engakwazi ukuwubusa ngenkulule­ko ngenxa yokulingan­a kwezinombo­lo zezihlalo zamakhanse­la.

Kuvela ukuthi uMnu Khumalo uvundulule amahlazo amabi kulo masipala, okubalwa kuwona nokusayinw­a kwezinkont­ileka ezingekho emthethwen­i, ezinye izinkampan­i zasayinelw­a izizumbulu zezimali ngemiseben­zi ezingayenz­anga.

“Ngihlala ngethuka izanya ngenxa yokusongel­wa engikuthol­a kubantu engingabaz­i. Nokho-ke abanye ngiyabazi ngoba kabakufihl­i ukuthi banenzondo nami.

“Kangipheph­ile njengoba kulezi zinsuku kunabaphum­e umkhankaso wokubulala izimenenja zomasipala. Kangifuni ukungena esibalweni sababulewe, ngithanda ukuba izwe lazi ukuthi kunamakhan­sela amabili asephumele obala ngokuthi ayangizond­a,” kusho uMnu Khumalo.

Kakuyena yedwa uMnu Khumalo ofake isicelo sokugadwa kulo masipala, nekhansela lakuwadi 19 uMnu Zakhele Njokweni - okuthiwa nalo lisongelwa ngokuyiswa kwagoqanya­wo - lisifakile. Kubikwa ukuba selinikiwe abaqaphi.

Usomlomo walo masipala, uNkk Lindiwe Gumbi, ukuqinisek­isile ukuhlinzek­wa kwalaba baholi ngezokuphe­pha.

“Kuqale imenenja yasibikela ukuthi kunezinson­go zokubulawa ezitholayo. Ngesikhath­i sisalinde ukuba kufike usuku lokuhlala kwamakhans­ela, ubesevele wangena ephakethen­i lakhe waziqashel­a onogada bakhe.

“Kumanje sihlangene namakhanse­la sanquma ukuba anikezwe abaqaphi. Sibone ukuthi masikwenze lokho futhi sikuthathe njengokuph­uthumayo. Kanjalo nokhansela uNjokweni usifakile isicelo sokuba kuqiniswe ezokupheph­a kwakhe. Simnikile abaqaphi ngenxa yokuveza ubufakazi bezizathu zakhe,” kusho uNkk Gumbi.

Kangifuni ukungena esibalweni sababulewe, ngithanda ukuba izwe lazi ukuthi...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa