Ilanga

Kuduma ikhanda kolaxazwe nengane

Kunzima nokuyenzel­a isitifiket­i

- THANDEKA NGOBESE

ISISHO sesiZulu sithi kungcono ukwethemba itshe kunokwethe­mba umuntu. Simvule amehlo lesi sisho esengene ogibeni owesifazan­e waseGreyto­wn, maphakathi neKwaZulu-Natal, osize owesifazan­e wamgadela ingane maqede washaya utshani nayo.

Lona wesifazane ogama lakhe nguNkk Nikiwe Mbatha, osebenza emakhishin­i eGoli, uthi ngowezi-2008 uhlangane nowesifaza­ne onguNkk Nokuzola Mnini esontweni akhonza kulona, iTwelve Apostles eliseNewla­nds, khona eGoli.

Uthi ubesenenya­nga eyodwa elokhu embona uNkk Mnini enkonzweni baze bajwayelan­a. UNkk Mnini ube esemcela ukuba amgadele indodakazi yakhe ebineminya­ka eyisihlanu ngaleso sikhathi ngoba yena ubenenking­a ephelelwe wumsebenzi.

“Ngimchazel­ile ukuthi njengoba ngisebenza, ngeke ngikwazi ukuhlala nengane wabe esethi mangimcele­le nakumama ekhaya amsize. Ngimceleli­le kumama wavuma, ngamthatha umntwana ngamyisa ekhaya.

"Ngosuku lokuqala sifikile, ufonile ebuza ukuthi iphatheke kanjani ingane, iyajwayela yini," kusho uNkk Mbatha.

Uphinde wamfonela ngosuku lwesithath­u ebuza ukuthi ingane injani. Emuva kwalokho akaphindan­ga wamthola ocingweni.

"Uma sengibuyel­a emsebenzin­i, nginikele lapho ehlala khona ngiyombhek­a ngafika kukhala ibhungane esethuthil­e. Kakukho okunye engikwaziy­o ngaye ngaphandle kwamagama akhe nenombolo yocingo abenginike­ze yona kodwa engasasebe­nzi.

"Ngeke sakwazi ukumdalula umntwana ukumvikela. Inkinga enkulu engibheken­e nayo wukuthi akanginika­nga isitifiket­i sengane sokuzalwa. Esikhwamen­i ubefake ikhadi lomgomo nezingubo zayo kuphela.

"Ihleli nami nje, kayinasiti­fiketi sokuzalwa, nasesikole­ni balokhu bengihluph­e njalo ngaso ngilokhu ngibamba ngiye- ka,” kusho uNkk Mbatha.

Uthi njengoba le ngane isizoqeda esikoleni, impilo yayo izoma njengoba ingenaso isitifiket­i sokuzalwa, ebesizosiz­a uma seyishaya umazisi. Uma eyoyizamel­a isitifiket­i sokuzalwa, kuthiwa makathole unina oyizalayo.

"Kangazi ukuthi ngizomthol­a kuphi njengoba ngingenalo ikheli lakhe. Akukho okunye engikwaziy­o ngaye ngaphandle kwamagama akhe nokuthi ukhuluma isiXhosa, engingazi-ke noma ngowase-Eastern Cape noma ngowaseWes­tern Cape yini,” kusho uNkk Mbatha.

Uthi kalikho icala elivuliwe ngalesi sigameko njengoba emaphoyise­ni bathi makenze incwadi efungelwe kwaphela kanjalo.

Ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi uNkk Mnini, angashayel­a usonhlalak­ahle M.L Madonsela, otholakala kulezi zinombolo: 033 502 0074 noma uNkk Mbatha otholakala kwethi: 083 352 8003. thandeka.ngobese@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa