Umndeni uvale inkantolo yenkosi
Bathi iwukhanda limtshelokwakhe
IGQEKEZIWE iNkantolo yesiZwe sakwaMkhwanazi, KwaMpukunyoni, eMtubatuba, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal, emuva kokuba bese kuphele izinsuku eziyisi-7 ilenga ingidi kwama nse ukuthethwa kwamacala.
Le nkantolo, okungakaziwa ukuthi igqekezwe ngobani, ibikhiywe ngamalunga endlu yobukhosi bakhona kwaMkhwanazi ngoba esola iNkosi Mzokhulayo Mkhwanazi ngokuba ngukhanda limtshelokwakhe futhi engawazisi lutho umndeni ngokungena nokuphuma kwezimali zemayini, iSomkhele Mines, khona eMtubatuba.
La malunga omndeni kuthiwa acele umhlangano nenkosi efuna iwachazale ukuthi kayibandakanyeki yini ecaleni lezinkabi ezibanjwe ngamaphoyisa zihamba ngemoto yayo, zathi bezithunywe yiyona ukuba ziyobulala umfowabo (wenkosi), uMbhishobhi Sboniso Mkhwanazi.
Ngokusho komthombo weLANGA ongaphakathi emndenini, abaKhwanazi bathume undunankulu wenkosi, uMnu Ntuthuko Mkhwanazi, ngoMsombuluko odlule beyibizela emhlanganweni obuzoba ngoLwesine kodwa bayilinda bancama.
Lo mthombo uthi emuva kokuba inkosi ingalubhadanga kulo mhlangano futhi yangasibeka nesizathu sokungayi kuwona, abaKhwanazi babone kungcono balengise ingidi emasangweni enkantolo.
“Ukungasilaleli kwayo kusikhombisile ukuthi kayiwusebenzeli umndeni nomphakathi kodwa iziphethe, yenza umathanda. La mahhovisi siyoze siwavule uma inkosi isiyihambela imihlangano yomndeni,” kusho lo mthombo.
Usihlalo wendlu yabaKhwanazi, uMnu Luke Mkhwanazi, ebuzwa ngalolu daba uvumile ukuthi impela bashiye emahhovisi omkhandlu wenkosi kulenga ingidi.
“Lesi sinqumo sithathwe ngabaKhwanazi abebesemhlanganweni obekulindeleke ukuba inko- si ibe yingxenye yawo kodwa yangaya. Kuliqiniso elingephikwe ukuthi selokhu inkosi ibekiwe esihlalweni sobukhosi, kayisawushayi mkhuba umndeni manje udiniwe yilesi senzo sayo.
“Kakukho ukusebenzisana okuhle phakathi kwethu nayo, kangazi noma yingoba isibukela phansi yini noma yindelelo nje,” kusho uMnu Mkhwanazi.
Uthi kulo mhlangano bebekhona bonke abaKhwanazi okubalwa kubona uMnu Veni, uMnu Vika, uMnu Sabelo noMnu Sgoga.
Undunankulu wenkosi uthe izithunywa eziye kuyena ngalolu daba kazizange zicacise ukuthi nenkosi iyafuneka kulo mhlangano.
Uthi into ezimtshele yona wukuthi zicela ukuba abekhona emhlanganweni wabatshela ukuthi ngeke akwazi ngoba uzobe enendlela.
“Uma kuwukuthi bakusho lokhu okushoyo, kwangiphu- ndula, kangizange ngikuzwe. Bengingeke ngithule ngingayitsheli inkosi uma umndeni uyibizela emhlanganweni,” kusho undunankulu.
Inkosi ithe kawukho umhlangano womndeni eke yabizelwa kuwona.
Itshele ILANGA ukuthi kasikho nesidingo sokuthumela unobhala uma amalunga omndeni wayo eyidinga ngoba inombolo yayo ayayazi, abengayithinta ngocingo ibekhona emhlanganweni.
Ithi ukukhiywa nokungakhiywa kwenkantolo kakuyikhathazi kangako ngoba yona kayisebenzeli khona, isebenzela ehhovisi layo enesikhiye salo.
Kuleli hhovisi ithi ingena ngesikhathi efuna ukungena ngaso.
ngobese@ilanganews. co.za
Ukungasilaleli kwayo kusikhombisile ukuthi kayiwusebenzeli umndeni.