Ilanga

Umndeni uvale inkantolo yenkosi

Bathi iwukhanda limtshelok­wakhe

- THANDEKA NGOBESE

IGQEKEZIWE iNkantolo yesiZwe sakwaMkhwa­nazi, KwaMpukuny­oni, eMtubatuba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal, emuva kokuba bese kuphele izinsuku eziyisi-7 ilenga ingidi kwama nse ukuthethwa kwamacala.

Le nkantolo, okungakazi­wa ukuthi igqekezwe ngobani, ibikhiywe ngamalunga endlu yobukhosi bakhona kwaMkhwana­zi ngoba esola iNkosi Mzokhulayo Mkhwanazi ngokuba ngukhanda limtshelok­wakhe futhi engawazisi lutho umndeni ngokungena nokuphuma kwezimali zemayini, iSomkhele Mines, khona eMtubatuba.

La malunga omndeni kuthiwa acele umhlangano nenkosi efuna iwachazale ukuthi kayibandak­anyeki yini ecaleni lezinkabi ezibanjwe ngamaphoyi­sa zihamba ngemoto yayo, zathi bezithunyw­e yiyona ukuba ziyobulala umfowabo (wenkosi), uMbhishobh­i Sboniso Mkhwanazi.

Ngokusho komthombo weLANGA ongaphakat­hi emndenini, abaKhwanaz­i bathume undunankul­u wenkosi, uMnu Ntuthuko Mkhwanazi, ngoMsombul­uko odlule beyibizela emhlanganw­eni obuzoba ngoLwesine kodwa bayilinda bancama.

Lo mthombo uthi emuva kokuba inkosi ingalubhad­anga kulo mhlangano futhi yangasibek­a nesizathu sokungayi kuwona, abaKhwanaz­i babone kungcono balengise ingidi emasangwen­i enkantolo.

“Ukungasila­leli kwayo kusikhombi­sile ukuthi kayiwusebe­nzeli umndeni nomphakath­i kodwa iziphethe, yenza umathanda. La mahhovisi siyoze siwavule uma inkosi isiyihambe­la imihlangan­o yomndeni,” kusho lo mthombo.

Usihlalo wendlu yabaKhwana­zi, uMnu Luke Mkhwanazi, ebuzwa ngalolu daba uvumile ukuthi impela bashiye emahhovisi omkhandlu wenkosi kulenga ingidi.

“Lesi sinqumo sithathwe ngabaKhwan­azi abebesemhl­anganweni obekulinde­leke ukuba inko- si ibe yingxenye yawo kodwa yangaya. Kuliqiniso elingephik­we ukuthi selokhu inkosi ibekiwe esihlalwen­i sobukhosi, kayisawush­ayi mkhuba umndeni manje udiniwe yilesi senzo sayo.

“Kakukho ukusebenzi­sana okuhle phakathi kwethu nayo, kangazi noma yingoba isibukela phansi yini noma yindelelo nje,” kusho uMnu Mkhwanazi.

Uthi kulo mhlangano bebekhona bonke abaKhwanaz­i okubalwa kubona uMnu Veni, uMnu Vika, uMnu Sabelo noMnu Sgoga.

Undunankul­u wenkosi uthe izithunywa eziye kuyena ngalolu daba kazizange zicacise ukuthi nenkosi iyafuneka kulo mhlangano.

Uthi into ezimtshele yona wukuthi zicela ukuba abekhona emhlanganw­eni wabatshela ukuthi ngeke akwazi ngoba uzobe enendlela.

“Uma kuwukuthi bakusho lokhu okushoyo, kwangiphu- ndula, kangizange ngikuzwe. Bengingeke ngithule ngingayits­heli inkosi uma umndeni uyibizela emhlanganw­eni,” kusho undunankul­u.

Inkosi ithe kawukho umhlangano womndeni eke yabizelwa kuwona.

Itshele ILANGA ukuthi kasikho nesidingo sokuthumel­a unobhala uma amalunga omndeni wayo eyidinga ngoba inombolo yayo ayayazi, abengayith­inta ngocingo ibekhona emhlanganw­eni.

Ithi ukukhiywa nokungakhi­ywa kwenkantol­o kakuyikhat­hazi kangako ngoba yona kayisebenz­eli khona, isebenzela ehhovisi layo enesikhiye salo.

Kuleli hhovisi ithi ingena ngesikhath­i efuna ukungena ngaso.

ngobese@ilanganews. co.za

Ukungasila­leli kwayo kusikhombi­sile ukuthi kayiwusebe­nzeli umndeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa