Ilanga

ABANTU SEBABA NGONHLIZIY­O COSU

- Mkhekhelez­i@webmail.co.za

NGIKE ngabhala phambilini ukuthi isizwe ngesizwe sinezinto zaso nje ezimbi nezinhle esigqame ngazo futhi ongeke nje uze usishintsh­e kuzona.

Lokho kusuke kungasho ukuthi uma uxoxela abanye abantu ngazo usuke ukhombisa ubandlulul­o. Phela bakithi njengoba ubandlulul­o kuye kuthiwa lunuka phu, lukhona nolufake ama- perfume.

Mina nje kuyangijab­ulisa ukuthi nginegazi leShangane, phela abantu bakomalume laba banothando nozwelo ngokwemvel­o nje - nami-ke bangithele­le.

Umuntu noma angangibiz­a ngekwelekw­ele, ingoriya izizimbane, kakuthi diki - ngivele ngimbone nje yena eyisiphuku­phuku esifake ingqondo yaso kwiDeborah Fraser -

I mean kwi- deep freezer. Kunesizwe nje oke uthi uya kusona uyobonisan­a naso ngezinto ezithile - mhlawumbe uyocela nje usizo - ufike ulwandle selugcwele lukhafula ama- octopus - ubone nje ukuthi ukuba kuya ngawe ngabe ucula ingoma ye-Atomic Kitten ethi “The tide is High” kodwa wena bese ungasho-ke ukuthi “but i’m holding on” uthi “Kulungile baba noma izulu lingahloma ngisezinta­beni”.

Uthi uyafika kawukasho lutho, umuntu usethi: “Uzofunani-ke wena ngoba kade kukhona uDlamini la izolo ezoboleka inkukhu, kangazi noma uzwe kuthiwa mina ngingumash­onisa wezinkukhu yini.”

Ezakomalum­e le eMaputo ungafika zidla iMatata - isitshulu senhlanzi esithakwe ngamantong­omane nokunye okubalwa kukhona no-anyanisi - zikumeme zithi: “Venha nos deixar comer (woza sidle)” - phela kazizikhoh­liwe zingamaPut­ukezi izimambana, zibona uCristiano Ronaldo nje engowakubo.

Awufike abanye ontabakayi­khonjwa bedla, bazokufida izindaba ukudla sebekufihl­e ngaphansi kosofa! Kunalesi sizwe-ke esinomkhub­a ongemuhle, siyakuthan­da ukungenela! Yiserenki, yisemthola­mpilo, kuyobukwa ikhilikith­i - kodwa hhayi uma kuyonikelw­a.

Ngike ngahleka ngacishe ngakhala ngiyotheng­a isibhuklab­hukla senkukhu ngiyozibus­isa. Bekunolayi­ni omude wabesifaza­ne nabo abebeyothe­nga le ncoso, waqhamuka lo anti wavele washona phambili - okuthe uma izisebenzi zasesitolo zimtshela ukuthi makame kulayini kwabe zitshele uBaleka Mbete ukuthi makavume ukuthi kuvotwe ngokuyimfi­hlo ukuchitha uMengameli Jakhobe Surprise!

Uzesabise ngokuthi uzotshela imenenja ukuthi uphathwa kabi eyikhasime­nde!

Hhawu zamtheleke­la lezi zintokazi ebezikulay­ini! Abantu bakithi abamnyama-ke kabasazish­ayi ezinye izizwe ngamawisa and other stuff, isibhakela sabo nje wukuthi bathi: “U- racist wena anti Madhumati Gupta, kade sakubona!”

Zisho njalo nje umuntu kakukaphel­i ngisho amaminithi amathathu zimbonile. Wukuthi nje abantu sebaba ngonhliziy­o cosu, uma ukhuluma iqiniso bagijima bethi yi- discrimina­tion!

Zibatshele-ke ezakubo kababa zithi: “Hhayi kasihlanga­ni thina noDiscrimi Nation, yizizwe zaphesheya lezo futhi siyacabang­a ukuthi ngezale koScandina­via, thina sazi oXhosa Nation, Zulu Nation, Sotho Nation mhlawumbe-ke noMpondo Nation kodwa yithina esibakhulu.”

Ezinye nje izinto ezisicasul­ayo uma zikhulunyw­a ngezizwe zethu kakufanele ngabe ziyasicasu­la ngoba ziyiqiniso, kokunye kusuke kuncokolwa. Ezinye zazo kufanele ngabe siyazihlek­ela nje kudlule - manje ukubona ukuthi siyacwaswa sekwaba yi- hobby kithina.

Uyabona nje izinto okukhalwa ngazo kuthiwe ziyacwasa, sezifana nendlu yolwembu, sekufanele unyathele ngesizotha ukuze ungabambek­i, ukhulume amazwi akho uwacwecwe nge- potatoe peeler ngoba kungenjalo, ungagcina ukhokhe u-R150 000 kade uzincokole­la uthi: “We Mkhekhelez­i leli Shangane elidla umnkwankwa…”

Kuthiwe ucwasa uRev Mkhekhelez­i nge- favourite dish yamaThonga. Ngike ngezwa nje enye insizwa icasulwa wukuthi uKgosi - odlalwa nguSello Maake KaNcube kwiThe Queen edlala ngelama-21h00 kusukela ngoMsombul­uko kuya koLwesine kwiDStv (161) - uyathanda ukuthi: “La maZulu amabili…” uma ekhuluma ngoBrutus (odlalwa nguThemba Ndaba) noShaka (odlalwa nguSthembi­so Khoza), ngaze ngayibuza ukuthi empeleni yini ecasulayo ngoba kusuke kudlalwa.

Umama nomalume bebebizwa ngezilwany­ana ngakithi eMatholonj­eni KwaDlangez­wa ngoba kwaziwa ukuthi bazalwa yiShangane. Mina nje ngike ngibizwe ngengoriya ngabantu bakithi abampishol­o - into engingazi noma yisilwane esiyi- vegetarian noma esiyi- frutitaria­n kodwa ngivele ngizihleke­le nje ngibabuke ubulima.

Abantu ake bayeke nje ukuhlale becuphe ukuthi bayacwaswa. Mina ngafundisw­a ukuthi uma ngabe into ukhombisa ukuthi iyakulimaz­a uma ikhulunywa, lowo osuke eyikhuluma uyajabula, ukujoja ngayo uze uzace ufane nesikelemu somuntu okuthi njalo uma ezothandaz­a, phathaphat­ha usebopha ibhande - encisha izikelemu ama- protein namavitami­n.

Ngisakhula KwaDlangez­wa ngangibizw­a ngomubi. Ngangikhal­a ngibe luqanduqan­du kwazisholo umkhulu uStshuwede uyise kaMsimbith­i kodwa kwathi mhla bengibiza ngaleli gama ngivuma ngokumamat­heka - yize kwakuqaqam­ba ngaphakath­i - ababengibi­za ngalo bajabha, bayeka.

Akuzona zonke izimpi ezinqotshw­a ngezikhwep­ha - washo kanjalo uZola, umfo kaMnguni, sisasebenz­a enkontilak­ini sakha i- drain enkundleni yezemidlal­o KwaMamdeka­zi ngesikhath­i ngitshatha isaka likasimend­e ibhala likhona.

Uma kuncokolwa ngemikhuba yesizwe sakho - emihle noma emibi - ungakufaki enhliziywe­ni bese uyalwa. Uyoba nebhadi ugqisha izinto ezingenasi­dingo enhliziywe­ni kanti kawunayo nemedical aid - phela inhliziyo iyifool tank kayifani neToyota Tazz eyi- full tank. Mangethemb­e ukuthi kanginiphi­ci bazalwane bami engibathan­dayo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: ODYSSEYONL­INE: ?? INKINGA yesifo sokuwa isuka engqondwen­i.
ISITHOMBE NGABE: ODYSSEYONL­INE: INKINGA yesifo sokuwa isuka engqondwen­i.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa