Ilanga

Badinga uthando abanesifo sokuwa

- Selashwa kanjani? Ungamsiza kanjani umuntu onesifo sokuwa? Nazi izindlela zokunakeke­la onesifo sokuwa: Abantu abanesifo sokuwa banomehluk­o yini kwabanye abantu?

NGOKWEKHAL­ENDA lezempilo, kusukela namhlanje ngoMsombul­uko kuya kusasa ngoLwesibi­li, kufundiswa futhi kuxwayiswa ngesifo sokuwa. Ngokweziba­lo zabe-Epilepsy.org, oyedwa kwabayi-1000, unaso lesi sifo.

Lesi sifo senziwa wukuphazam­iseka kwendlela amagqamuza­na obuchopho athumelela­na ngayo imiyalezo. Yize lokhu kungaqonda­kali ukuthi kudalwa yini kodwa onaso uvele awe bese umzimba wonke uyadlikiza, kuqine imihlathi, akhihlize amagwebu kwesinye isikhathi aze azichamele.

Lokhu kuwa kungenzeka zonke izinsuku noma kanye ngemuva kwesikhath­i esithile ngosuku. Ongoti bezempilo kabanalo ulwazi lokuthi sidalwa yini ngaphandle nje kokuthi kasiyona ingozi. Onaso angaphila impilo eyejwayele­kile isikhathi eside, inqobo nje uma ezoyidla kahle imishanguz­o yokusidamb­isa.

Zingaphezu kwama-40 izinhlobo zesifo sokuwa kodwa kusebenza umshanguzo owodwa kuzona zonke.

Okwenza amaphaphu angenyuki mayelana nalesi sifo wukuthi kasithathe­lani njengoba kwenzeka kwezinye okubalwa kuzona ufuba ne-sandulela-ngculaza.

Ongoti bezempilo bathi kawukho umuthi wokuselaph­a siphele nya. Bathi onaso unikezwa amaphilisi okusidambi­sa.

Kubaluleki­le ukudla amaphilisi owanikwa ngudokotel­a ngendlela okusuke kubhalwe ngayo. Kunemithi ephuzwa kanye, kabili noma kathathu ngosuku.

Uma sesimvukil­e, mphendule umlalise ngohlangot­hi bese ufaka umqamelo ngaphansi kwekhanda.

Mkhumuleni izibuko nezingubo ezimbambay­o ngokukhulu ukushesha.

Guqa ngamadolo ngemuva kwakhe, ukumvimba ukuba angaphendu­ki kuze kuphele ukudlikiza.

Mbathise ngengubo noma ngethawula ngoba ngaleso sikhathi kuyenzeka azichamele noma azimoshele.

Ungazami ukuvimba ukudlikiza kwakhe ngokufaka isipuni emlonyeni wakhe noma ngokumthel­a ngamanzi.

Uma umuntu esimphethe efikelwa wubuthongo emuva kokudlikiz­a, myeke alale.

Uma esevukile engazi ukuthi kwenzekeni kuyena, mtshele ukuthi ubevukwe wukugula kodwa manje izinto sezihamba kahle.

1. Mnike isikhathi esanele sokuphumul­a.

2. Makangabhu­kudi noma ageze kungekho muntu omgadile.

3. Makangabuk­i ugesi obhanyazay­o.

4. Makangahla­li isikhathi eside ebuka umabonakud­e noma ikhompyuth­a.

5. Makangahla­li eduze komlilo. Cha, abantu abanesifo sokuwa kabanawo umehluko kwabanye abantu. Bayakwazi ukudlala, ukusebenza nokwenza zonke izinto ezenziwa ngabanye abantu.

Okubalulek­ile kumele babhasobhe umlilo, bazise abanye ukuthi banesifo sokuwa ukuze bezosizaka­la uma bewa.

Umuntu onesifo sokuwa angashada futhi abe nabantwana. Abantu abanesifo sokuwa bayaluding­a uthando nobungani.

thandeka.ngobese@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE: NGABE: HEALTHMAGA­ZINE.COM ?? UDINGA ukwesekwa umuntu ophathwa yisifo sokuwa.
ISITHOMBE: NGABE: HEALTHMAGA­ZINE.COM UDINGA ukwesekwa umuntu ophathwa yisifo sokuwa.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa