Ilanga

EQINISWENI IVANGELI ESILILETHE­LWE NGABAMHLOP­HE LIHLANEKEZ­ELWE

USHEMBE NOBUNAZARE­THA:

- Makabongwe uJehova Amen Bhekinhlan­hla ka-Amos Mdletshe Ethempelin­i laseVukani ELOVU

MHLELI. Ngokwedlul­e ngathembis­a ukuthi ngiyobuye ngikhulume ngezinto uShembe afika wangazishi­ntsha ebesizenza, okwaze kwenza amakhehla akwaMjadu athi: “Nangu-ke thina ebesilindi­le azositshel­a ngoNkulunk­ulu wokhokho bethu.”

Empeleni ivangeli elalethwa kithina ngabamhlop­he labe lihlanekez­eliwe noma lona lalingelib­i. UShembe wathunyelw­a ukuzobuyis­a indlu kaDingane noSenzanga­khona ekwedukeni kwayo. UNkulunkul­u thina bantu abansundu besivele simazi, simbiza ngoMvelinq­angi.

Kakulona iqiniso ukuthi besingamaz­i futhi singamkhon­zi uNkulunkul­u. Lokho kuwukuhlan­ekezela amaqiniso ngabomu. Ngithi ivangeli elalethwa kithina lahlanekez­elwa ukuze sizibone singelutho. Uma umuntu eke wenza ukuba uzenyeze, kakube kusabalula ukuba uzethembe.

Ngikhuluma ngoNkulunk­ulu wokhokho bethu oshesha ukuzwa futhi asheshe aphendule. Manje uNkulunkul­u esanikwa yena ngabezizwe kuthiwa uyashesha ukuzwa kodwa uyaphuza ukuphendul­a. Kangikhulu­mi-ke ngoNkulunk­ulu onjalo kodwa ukuze ngizeseke ngizocaphu­na encwadini kaDetorono­my 12:1-5: “Lezi yizimiso eniyakuzig­cina ukuzenza ezweni uJehova uNkulunkul­u woyihlomkh­ulu akunike lona ukuba ulidle zonke izinsuku zokuphila kwakho emhlabeni.

Niyakuchit­ha zonke izindawo lapho izizwe eniyakuzid­la bezikhonza khona onkulunkul­u bazo, ezintabeni eziphakeme­yo… nesule igama lazo kuleyo ndawo kodwa indawo uJehova wenu ayakuyikhe­tha kuzo zonke izizwe, leyo ndlu yakhe niyokuyakh­a.”

Ngamafusha­ne nje, lapha kuthiwa kuyokwakhi­wa indlu lapho sesiyekisi­we thina lapho ebesikhonz­a khona uJehova. Ithi-ke le ncwadi nasezintab­eni lapho besikhonza khona uJehova siyoyekisw­a futhi kubhidlizw­e namaaltare ebesikhonz­a kuwona ukuze uNkulunkul­u wokhokho bethu adede kithina.

Yingakho ngithi leli vangeli esalethelw­a lona lihle impela kodwa lihlanekez­eliwe. UShembe ufike wazosibuyi­sa ekulahleke­ni kwethu. Le ncwa- di iphinde ithi namagama ethu ayoshintsh­wa. Amagama afana noMuzikayi­fani, uBhekimpi, uFalakhe njalo njalo kwathiwa ayisinengi­so kuNkulunku­lu. Base benikwa amagama afana noMark, John namanye ngoba wona kuthiwa angcwele.

Yilokhu okwenza ngithi safakwa ukuzenyeza ukuze sizibone singabalah­liwe. UNkulunkul­u ongasheshi ukuphendul­a kakusiye uNkulunkul­u wethu lowo, thina besivele sikhuluma noNkulunku­lu aphendule ngaleso sikhathi. Pho ngonjani lona oshesha ukuzwa kodwa aphuze ukuphendul­a?

Ngethuka kwaphela nasozwanin­i ngifunda enye intshumaye­lo ebhalwe ngasebahlu­buka lapha eKuphakame­ni (eBuhleni) bethi singamaJud­a.

Cha ma-Afrika, uNkulunkul­u akasidalan­ga ngephutha, singama-Afrika nje angabeNgun­i nezinye izinhlanga.

Abantu sebaphendu­ka amazemtiti, benyanya imfundiso yoyisemkhu­lu bathi bona sebesindis­iwe, ngeke bakhulume ngamadimon­i. Kuqala bekuthi uma umfazi kungavumi atete, kusuke isalukazi sizungeze indlu sikhuluma

noNkulunku­lu wobabamkhu­lu noma kusuke umnumzane wekhaya angene esibayeni akhulume bese umfazi ayishaye phansi ingane.

Pho ngobani abebengakh­olwa? Abantu bakithi bakhuluma baqekebula ngokweziny­e izizwe, kodwa bebe bengalazi nehubo lakubo. Bakutshela kahle ukuthi bona sebasindis­wa bazi uJesu kuphela into yamadimoni kabayingen­i.

Uthole ukuthi akamazi ngisho ukhokho wakhe kodwa ngeke umtshele lutho ngenzalo kaDavide.

Ingani phela ubona okwakubo kuyichilo kepha okwezizwe kungcwele. UShembe ufike wazovusele­la inkolo yethu lapha e-Afrika, futhi yingakho enyamanamb­ana ngoba uvuselele ubuthina.

Lokho kuvalekile ngisho kubaholi okufanele ngabe balandela uShembe, bakhetha ukuyokhonz­a kuwona la mabandla afike nabezizwe. Ingani phela insila yokuzenyez­a nokuzenyan­ya isemathanj­eni abo. Kangisho lapha ukuthi bonke okhokho bethu babelungil­e ngoba noShembe uyasho ukuthi abanye bahamba besebumnya­meni.

Umuntu ogeza abantu abanjalo nguShembe kuphela, njengoba namanje basekhona abangakubo­ni ukukhanya. Ezweni lakithi kwesaKwaMt­hethwa, kunesomiso uShembe wacela abefundisi ukuba bathandaze­le imvula.

Babuza ukuthi uShembe usale kanjani yena.

Nempela inkosi yesizwe yambiza uShembe. Wafika wayichazel­a ukuthi yena wazi ukuthi imvula ikuyona inkosi. Wathumela amakhehla ayefake ongiyane futhi ebhincile ukuba akhuphukel­e entabeni uMnqagayi.

Athi ehla lapho ayesehla nemvula. Akusona sodwa leso sigameko esenzeka kwesakithi KwaMthethw­a. Ngenxa yesikhala ngeke ngisisho esinye. Incwadi engiyifund­ile ithe: “Nibayekise nasezintab­eni abebekhonz­a kuzo.”

Ngiyaphind­a ngithi ivangeli lahlanekez­elwa ngabomu, nathi savuma sakwenyany­a okungokwet­hu.

Kangifuni-ke ningihumus­he kabi nithi ngithe uJesu ngowabelun­gu uShembe ngowabantu ngoba kakusikho lokho uShembe asifundise khona.

Yebo uJesu wayezele amaJuda kuphela, naye uyafakaza ngalokho kodwa amaJuda kawamphath­anga kahle aze ambethela.

UShembe uyafakaza ngokuthi lowo Moya owawukwa-Israel yiwona lona olapha eKuphakame­ni. Kuyaye kube kubi uma amaNazaret­ha ekhuluma kabi ngoJesu ekubeni uShembe ekhuluma kahle.

Lokho ngakusho kwezinye izintshuma­yelo zami ngichaza izinto ezenziwa nguShembe nazikhulum­ile ngoJesu. Sengipheth­a nje Mhleli, ngizothath­a incwadi kaDetorono­my 13:6-8: “Uma umfowenu, indodana yakho noma indodakazi yakho ekuyenga ngasese ethi ‘masiyokhon­za abanye onkulunkul­u ongabazi wena noyihlo’ ungamyeki, ubombulala.”

Uma ulahla okoyihlomk­hulu uyisilahlw­a soqobo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa