Ilanga

KUYINKINGA UKUFUNDISA UMHOLI

- Paul kaDubandle­la Cele ERICHMOND

MHLELI: Ngivumele ngiphawule ngodaba oluphume kwelakho lamhla zingama-22 kwephezulu isihloko esithi “Kuxabene ubendle kuKhongolo­se.”

Kuyinkinga ukufundisa umholi ngobuholi ngoba ugcina usufana nomuntu mhlawumbe ongahlonip­hi noma onenxa nalowo mholi.

Kuyamangal­isa ukuthi umholi osezingeni likaMnu Amon Zondi angagijime­la kwabezinda­ba ayosebenzi­sa bona ukumlekele­la emkhankasw­eni wokhetho.

UMnu Zondi ubengunobh­ala wesifunda iHarry Gwala isikhathi eside, kuthe uma kusondela ukhetho, waqoma ukuzijuba ayoba yilunga lesishayam­thetho wangaphiki­swa muntu.

Nangesikha­thi sakhe engunobhal­a akusho ukuthi zazingekho izinkinga njengoba esafuna ukuzipenda njengo- muntu ongcwele obehola ngomoya ongcwele nakhu phela esibalela ukuthi ngesikhath­i sakhe, i-ANC ibisezinge­ni elingakana­ni manje isezingeni elingakana­ni.

Okokuqala nje, uMnu Zondi uyawazi umgomo nenqubo ye-ANC.

Ngaphezulu kwalokho, ngokwezing­a lakhe, uma ebona inkinga angakwazi ngisho ukutshela umengameli ukuthi izinto kazihambi kahle ngale kokuba agijimele kwabezinda­ba ayonekela izwe ngezinking­a nezinselel­o ezingaphak­athi enhlanganw­eni.

Ngiyavumel­ana nalo mholi othe uMnu uZondi uyile nhlobo yomholi okuthi uma kungekho yena kulolo hlaka lufana nento engekho.

Kungani uma ebona ukuthi kunezinkin­ga yena njengomhol­i oqavile angahlali nabaholi besifunda abatshele ukuthi kuholwa kanjani? Kungani uMnu uZondi kuthi ngoba nakhu ungenele ukhetho agijimise ukuthi bambheca ngokuthi yingoba uzwana noMnu Senzo Mchunu?

Kungenaphi konke lokho emkhankasw­eni wakhe?

Le nto ayenzayo ikhomba ngokusobal­a ukuthi kwayena usadinga ukulolongw­a kakhulu ngombutho wesizwe kwaANC, kawugiyi ngethambo lobunteken­teke bawo ikakhuluka­zi uma ungumholi.

UMnu Zondi makangenel­e ukhetho uma engaphumel­eli akwamukele ukuthi abantu okwamanje kabamboni njengosihl­alo hhayi le nto yokuphuma uyomemeza entabeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa