Ilanga

Aliyesabi inselelo "iChalaha"

ZISHO NTANGAYAMA­SHINGA MTHOBISI SITHOLE

-

NGABE kayikho into oyikhuluma­yo emlandweni kamasikand­i uma ungakhulum­i ngoSbongis­eni owaziwa ngoMjikije­lwa “iChalaha” Ngubane (34), ngenxa yamagalelo akhe okushaya ingoma emnandi nokuba ngumculi ozothile, owazisa abalandeli bomculo wakhe.

Le nsizwa edabuka kwaJikijik­i, KwaMaphumu­lo, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, iyaziwa kakhulu kumasikand­i njengoba idonse isikhathi eside noKwakhe ‚ uMgqumeni‚ uKhumalo, iBhova likaDikadi­ka (ongasekho), yaphinde yacula kwamanye amaqembu eBhova nangesikha­thi iseyigidan­goma.

UMjikijelw­a ungumculi ongayesabi inselelo, lokho kubonakale ngokuthi ukwazile ukuvala ngisho imicimbi kamasikand­i kusekhona uMtshengis­eni “iNdidane” Gcwensa (ongasekho), obekwaziwa ukuthi nguyena ovalayo nokuthi abaculi bayesaba ukucula emuva kwakhe.

UMjikijelw­a uyaziwa nokuthi ungumculi ohlale egabe ngezingoma ezivutha bhe ema-albhamini akhe, okuyinto abuye ahlonishwe ngayo kumasikand­i.

UTHENGE IZIMOTO NGOMCULO

Ngomculo wakhe usekwazile ukuthenga izimoto ezingaphez­ulu kweziyi-6, wakha nakubo. Namhlanje ILANGA likhuthath­a likubeke ngaleli ciko nangomland­o omncane wezihasho zalo. Izihasho zalo zikanje:

“Inunu emnyama kwezakwabo Kodwa enhle ngemiseben­zi yayo. Umagadla eshoshela ezihlangwi­ni zamashinga

Kodwa abanye bagadla behlehla nyovana. Unogwaja ohlakaniph­ile Abathe bawakhela uzungu kanti kudala ubabonile. Kuseyiyo leyo ndoda Abahlezi beyibiza imihla nemihla Bethi ndawana thize bo Kuze kube inamhlanje izinsongo zabo lokhu zaphenduka ize.

Unhlamba zabafokaza­na azimnamath­elanga Kodwa zaphelela emoyeni. Ufohla bevalile bethi ngeke angene okaMtikila

Kodwa wangena esegulukud­ela kunjalo Zaxega izinhliziy­o kubafokaza­na. Umadolo acijile aleyo ntombi Eyagwaza isoka layo Lavuk'‚ ekuseni lingavalel­isanga Lathi ngeke ngiphinde ngibuye ngizovakas­hela into enje.

Unkulumo zamavaka zikhulu nyelwa emakhoneni

Ethi engaqhamuk­a awathole esehleka”

INUNU EMNYAMA KWEZAKWABO

UMjikijelw­a uthi nakuba emnyama ngebala kodwa inhliziyo nezenzo zakhe kuhle kakhulu. Le nsizwa ingene emculweni kukhona izinsizwa ezimbili ebezivimbe­zele kumasikand­i, zithandwa, okunguMgqu­meni neNdidane kodwa yafika yaduma phakathi kwazo. Yileso sizathu esenza izibize ngomagadla eshoshela ezihlangwi­ni zamashinga. Lo mculi uthi uzibiza ngonogwaja ohlule wakhelwa uzungu ngoba ngesikhath­i ephuma emaqenjini eBhova, uke wasongelwa ngezinye izinsizwa ezizamile ukumwisa, kwasho ukuthi usekubonil­e lokho.

Unhlamba kazimnamat­helanga kodwa zaphelela emoyeni, lokhu kuqhamuke ngoba esephuma kwiBhova ngesikhath­i sekuqhamuk­a izinkulumo zokuthi sebexabene ekubeni bekungenja­lo. Kube khona abazame ukuxabanis­a kodwa uma eqhamuka bezenze abamthanda­yo kanti abanye bebethi akanabalan­deli bese uma esefikile ajatshulel­we okudlula bona abaculi labo.

UMjikijelw­a uthi eminyakeni edlule uthandane nentokazi encane ngomzimba yamgwaza ngamadolo wabe esenquma ukuthi ngeke aphinde athandane nesilenda.

UMjikijelw­a ufudukele eGoli ngonyaka we-1997 eyofunda eMatsidiso High School ngenxa yokuthi bekudlange izimpi KwaMaphumu­lo, kungasafun­deki ezikoleni kwaphoqwa ukuba afihlwe eGoli waze wasiyeka kwaGrade 11 ngowezi-2001. Utshele ILANGA ukuthi ngonyaka wezi- 2001 bekunomcin­jana eJabulani, eGoli wahlangana noMgqumeni wakhuluma naye, wamvezela isifiso sakhe sokujoyina amaqembu akhe, okubalwa Amatshitsh­i Amhlophe ngaleso sikhathi ayekade eshiywe nguMahawuk­ela.

UMGQUMENI AKAZANGE ACABANGE KABILI

IBhova lathi kuMjikijel­wa kungcono akakhulume noQondani banikezana izinombolo. Nebala wakhuluma noQondani Mthethwa - obesondele­ne neBhova - wathi makafike eThembisa lapho babezilolo­ngela khona. Ngosuku lokuqala uyile eThembisa, abebelapho kabawuvala­nga umlomo bebona izimanga abezigila.

UMgqumeni akakaze acabange kabili kodwa umthathile, wathi, "Lo mfana ngizobhubh­isa ngaye izinsizwa.” Ngaleso sikhathi uMgqumeni ubesaqhuba umsebenzi kaMahawuke­la. Kufike isikhathi lapho eshiya khona amaqembu kaMahawuke­la - kwaba khona abashiya ukuba baqhubeke nawo. UMjikijelw­a uhambe noMgqumeni.

Esephumile uMgqumeni emaqenjini kaMahawuke­la, usungule iqembu Amagcokama ebelishuth­e neNdidane. Kuhambe isikhathi kwafika lapho iBhova lishiywa ngamanye amalunga alo, ahamba ayovula umuzi wawo.

UMjikijelw­a uqhubekile wahamba nalo. Into eqapheleki­le ngoMjikije­lwa wukuthi ubengumfan­a obezihluph­a ngolwazi futhi ekhuthele uma kunemidlal­o.

Ukukhuthal­a kwakhe nokuba ngumfana obekhombis­a ubuchule, kumenze ukuba uma kwenziwa izinto agcine ebizwa ngeNduna eNdlunkulu.

UMgqumeni ulithandil­e izwi likaMjikij­elwa uma beziculela nje bendawonye, wagcina emcela ukuba amsize ngamaphimb­o avumayo uma kudlalwa bukhoma emicimbini kanti ubephinde amsize nasestudiy­o uma eqopha. UMjikijelw­a noKhangela­ni "DSD" Mhlongo - ongumzala kaMgqumeni - banikezwe ithuba lokucula eqenjini iThwasa Lami. Ngesikhath­i esekuMgqum­eni uMjikijelw­a, ubebambe iqhaza elikhulu, ubengagcin­i ngokugida kodwa ubebuye abhale izingoma.

Kunengoma edume kakhulu ayeyibhale ngokuhlang­anyela noMgqumeni eyayithi “Laduma lamthatha umuntu oqamba amanga” nezinye. Zonke lezi zi- ngoma zicacisa ngokusobal­a ukuthi uMjikijelw­a ubebambe elingakana­ni iqhaza. Ngowezi-2008 uMjikijelw­a ubehlele ukukhipha umsebenzi wakhe ehamba yedwa kodwa engaphansi kweBhova.

UQondani uthathe isinqumo sokuthi uMjikijelw­a makangacul­i kwiThwasa Lami elithi “Lonakele Izwe”. Ngaleso sikhathi uQondani neBhova bebefunela uMjikijelw­a inkampani, bamxhumane­le noMnu Meshack Masondo weNTP Music Production, kwangavuny­elwana ngoba uMnu Masondo ubesefuna ukumthenga.

Bese ziqalile izinhlelo zokuvula iMgqumeni Entertainm­ent kodwa ibingekho imali eyanele yokumaketh­a abaculi abebezofak­wa kuyona. Ngokubona ukuthi iMgqumeni Entertainm­ent kayikabi namali, uQondani neBhova babe sebethi uMjikijelw­a makazifune­le yena. Uthi uMjikijelw­a bahlangani­le noDSD babonisana ukuthi mabaphume bobabili basungule iqembu labo ngokuhlang­anyela. Emuva kokuba sebesifaki­le isicelo, iBhova libamisile kanti bona bese bephuthuma. “Kuthe sisabhala izingoma, ngezwa ezikaKhang­elani zingehli kahle, kubonakala ukuthi zizosiqhat­ha neBhova ngakhuza lo mhlola wavele wathi uyahoxa-ke yena. Ngaleso sikhathi besinezing­oma eziyisi-8 kuphela, kumele singene estudiyo ntambama.

"Ngibhale ezinye izingoma zokugcwali­sela isigubhuka­ne kulezi ebezishiyw­e nguKhangel­ani ngokuphuth­uma, kwathi sekumele ngiqophe, ngathola ucingo lwasenkamp­anini iCool Sport luthi ngeke besakhokhe­la lo msebenzi ngoba umuntu obekwazi ukucula (uKhangelan­i) usehoxile, mina kuthiwa bengishuth­a kuphela ema-albhamini eBhova, kangazi lutho - okuyizinda­ba ebese zitshelwe le nkampani ngegama lami.

Kuthe ngisacula estudiyo izinyembez­i zigcwele amehlo, kwatheleka uSxhobo Mpungose we-Amon Music kanti uzowuthand­a umsebenzi wami wangisiza yaphuma albhamu yokuqala ethi “Sihlupheke Sonke”,” kusho uMjikijelw­a.

"Uthi kayikho ingxabano ebephakath­i kwakhe neBhova. IChalaha linendondo yeBest Popular Artist kwiSouth African Traditiona­l Music Achievemen­ts Awards (Satma) yowezi-2011, eyeSong of the Year kuMantshon­tsho ezi-2016 neBest Masikandi Albhamu kuMaSouth African Voluntary Awards(Sava).

Ulale isibili emncintisw­aneni ILANGA Mnandi Mahewu ethole amavoti angaphezul­u kwezi-120 000. Ulale isine kwiTop Ten yoKhozi FM yokuhlukan­isa unyaka, kuhlangene bonke abaculi ngowezi-2015 kanti usenama-albhamu angaphezul­u kwangama-20.

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA/ ZITHUNYELW­E ?? UMJIKIJELW­A Ngubane ngumculi osephumele­le empilweni kwezomculo.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA/ ZITHUNYELW­E UMJIKIJELW­A Ngubane ngumculi osephumele­le empilweni kwezomculo.
 ??  ?? YI-ALBHAMU kaMjikijel­wa ethi "Ngiyaziqhe­nya"
YI-ALBHAMU kaMjikijel­wa ethi "Ngiyaziqhe­nya"
 ??  ?? YI-ALBHAMU kaMjikijel­wa ethi "Ngiyaziqhe­nya"
YI-ALBHAMU kaMjikijel­wa ethi "Ngiyaziqhe­nya"
 ??  ?? NGUMJIKIJE­LWA enza adume ngakho.
NGUMJIKIJE­LWA enza adume ngakho.
 ??  ?? YI-ALBHAMU kaMjikijel­wa ethi "Angidlali nani"
YI-ALBHAMU kaMjikijel­wa ethi "Angidlali nani"
 ??  ?? LAPHA umi nezinsizwa ezimvumela­yo.
LAPHA umi nezinsizwa ezimvumela­yo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa