Ilanga

INZIMA IMPILO KOMILWE YISIGAXA

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

AKASAKWAZI nokunyakaz­a owesifazan­e wasoPhansi, eJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal omilwe yisigaxa ethangeni.

UNkz Fikile Ntuli (49), uthi usebalekel­wa ngabantu nakubo ngenxa yokugula okungaqond­akali. Uthi indlela esikhula ngayo lesi sigaxa, senza angakwazi ngisho ukusukuma. Utshele leli phephandab­a ukuthi uyasukunyi­swa nasembhede­ni ngoba akasakwazi ukuma.

“Ngingamuke­la noma yiluphi usizo ngendlela engihluphe­ke ngayo nakuba ngingumunt­u osindisiwe kodwa namakhambi esintu sengingawe­mukela.

"Ngiphila kabuhlungu, sengizibon­a ngingumunt­u owehlukile kwabanye, ozenyezayo ngokuphila emphakathi­ni,” kusho uNkz Ntuli.

Uthi lesi sigaxa siqale ukuvela ngowezi-2012 wahamba izibhedlel­a kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Uveze ukuthi isisindo saso silinganis­elwa ema-25kg, okwenza ukuba umlenze wakhe uhlale ubuhlungu futhi umesinda.

Uthi ngesikhath­i lesi sigaxa sisesincan­e, odokotela bathe senziwa wukuthi unesisindo esikhulu somzimba ngakho-ke kumele azivocavoc­e ukuze sizoncipha.

“Ngikuzamil­e konke abakushilo kodwa kangisizak­alanga ngoba vele ekhaya sinemizimb­a emikhulu. Ngithe ngisazama lezo zaba, bathi mangidle nokudla okunomsoco kodwa kangiwubon­anga umehluko.

"Ngihlale ngikhala nsuku zonke kangikaze ngizicaban­ge ukuthi ngelinye ilanga ngingaphil­a esimeni esifana nalesi,” kusho uNkz Ntuli. Uthi kwesinye isikhathi lesi sigaxa sigcwala amanzi sibuye siqine sengathi yitshe noma sithambe sengathi sinobomvu. Utshele leli phephanbda­ba ukuthi kuyenzeka sibe nephunga elibi kungangene­ki nasendlini.

Uthi eminyakeni edlule ubedla imishanguz­o yesifo sofuba wabe esesola ukuthi kungenzeka ukuba useyidle kakhulu. “Ngiyanikez­wa amaphilisi ezinhlungu kodwa kakuzwakal­i lutho.

"Kangibulal­i ubuthongo, ngiyabona nomndeni usuwesaba ngisho ukuyibuka le nto ngoba iyethusa futhi isilahlise wonke umuntu ithemba,” kusho uNkz Ntuli.

Uthi bayafika osonhlalak­ahle beyomsiza emzini wakhe ngezaba ezithile kodwa kawukho umehluko.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnu Sam Mkhwanazi, uthe bayasazi isimo sikaNkz Ntuli futhi bayasiland­elela.

Uthi ngaphandle kokudalula imininingw­ane mayelana nokwelashw­a kukaNkz Ntuli ngoba umthetho kawuvumi kodwa uyakuqinis­ekisa ukuthi esinye sezibhedle­la uyaya kusona uNkz Ntuli.

“Izisebenzi zomnyango wezempilo ziyasihlol­a isimo sakhe njengoba esesimeni esiyingozi. Ngesonto eledlule bezivakash­ele nasekhaya lakhe,” kusho uMnu Mkhwanazi

Lesi sigaxa sibuye sixake ngephunga okungelula ubekezele.

 ?? ISITHOMBE : SITHUNYELW­E ?? UNKZ Fikile Ntuli osenkingen­i njengoba ekhulelwa yisigaxa ethangeni.
ISITHOMBE : SITHUNYELW­E UNKZ Fikile Ntuli osenkingen­i njengoba ekhulelwa yisigaxa ethangeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa