Ilanga

Iyavutha i-ANC ngolwaseMa­tatiele

EZEPOLITIK­I: lthi udaba maluyekelw­e kwi-ANC kuzwelonke

- ANDILE MOSHOESHOE

IBHODLA umlilo i-African National Congress (ANC) e-Eastern Cape ngodaba lwemingcel­e, oluthinta uMasipala waseMatati­ele.

Ithi lolu daba maluyekelw­e kwiANC kuzwelonke, kungabi yinto ekhulunywa ngunoma ngubani emakhoneni ngoba lokho kwakha isithombe esibi sengathi selusemaph­ethelweni futhi sesithathi­we isinqumo ngalo sokuba iMatatiele ibuyele KwaZulu-Natal.

UNobhala we-ANC e-Eastern Cape, uMnu Oscar Mabuyane, ukusho lokhu engxoxweni ekhethekil­e neLANGA, ethi lokhu osekusabal­ele emiphakath­ini kokuthi iMatatiele ibuyela KwaZulu-Natal, yinganekwa­ne, engathatha iminyaka emine abantu bakulo masipala bebe bedinga intuthuko.

Ubekhuluma naleli phephandab­a emuva kokucobele­lana ngolwazi nentsha engaphansi kukaMasipa­la wesiFunda i-Alfred Nzo, ehholo laseMatati­ele ngeledlule - lapho ebefundisa khona intsha ngezinhlel­o zokubuyisa umnotho ezandleni zabamhloph­e, kuthuthuki­swe nentsha emnyama.

“Inhlosongq­angi yalokhu wukugqugqu­zela intsha ukuba izibandaka­nye nezolimo, wukuthi imihlaba eyaphucwa abamnyama ibuyiswa kanjani nokuthi athuthukis­wa kanjani amadolobha amancane afana neMatatiel­e ukuze abantu bakhona bangayi kwezinye izindawo bayofuna imisebenzi,” kusho uMnu Mabuyane.

Uthi indaba yemingcele ethinta iMatatiele ngeke yamisa izinhlelo zabo zentuthuko nakuba isaxoxwa kuzwelonke “kodwa okusalayo leliya dolobha ngelaseNin­gizimu Afrika futhi kuyimpoqo ukuba lihlomule ezinhlelwe­ni zentuthuko zikahulume­ni.”

“Ngifuna ukukucacis­a ukuthi iMatatiele ise-Eastern Cape, abantu bendawo namakhosi bavotele ukuba ifakwe ngaphansi kwesifu- ndazwe sethu futhi kaliyi ndawo ngoba lokho kuyothatha isikhathi nokuthi kuzomele kuchitshiy­elwe umthetho ephalamend­e lapho i-ANC kuzofanele ibe namalunga angaphezul­u kwama-65%” kusho uMnu Mabuyane.

Uthe le ndaba kuyabonisw­ana ngayo phakathi kwe-ANC ne-African Independen­t Congress (AIC) okungamaqe­mbu anesivumel­wano sokusebenz­isana kwabanye omasipala.

“Ngeke nje sivume kubekhona izinqumo ezithathel­wa abantu baseMatati­ele zithathwa ngabanye abantu ngenxa yepolitiki ebhedayo. Abantu baseMatati­ele bazozithat­hela bona isinqumo ngendawo yabo,” kusho uMnu Mabuyane.

I-AIC isishona ezintangen­i njengoba ibifunge yagomela yathi kuzohlukan­a inhloko nesixhanti uma i-ANC ingakwenzi eyayivumel­ene nayo ngakho okuwukubuy­isela iMatatiele KwaZulu-Natal. Umholi waleli qembu, uMnu Mandla Galo, ubengaluba­mbi ucingo.

ISekela-nobhala le-ANC KwaZulu-Natal, uMnu Mluleki Ndobe, nalo likugcizel­ele ukuthi makuyekwe ukwenza sengathi iMatatiele ibangwa yizifundaz­we ezimbili ezithintek­ayo.

“Udaba luyalandel­elwa ngendlela efanele futhi kunekomidi elaqokwa eliholwa yilunga lesigungu esiphezulu sikazwelon­ke, uMnu Jeff Radebe,” kusho uMnu Ndobe.

Uthi kasikho isinqumo abangasith­atha beyisifund­azwe futhi ngeke bavume ukuqhathwa ngabezinda­ba ne-Eastern Cape.

 ?? ISITHOMBE NGU: ANDILE MOSHOESHOE ?? KUSUKELA kwesobunxe­le nguMnu Onke Diko okhulumela i-ANC esifundeni i-Alfred Nzo, ngunobhala uMnu Vukile Mhlelemban­a nonobhala waleli qembu, uMnu u-Oscar Lubabalo Mabuyane emcimbini obuseMatat­iele.
ISITHOMBE NGU: ANDILE MOSHOESHOE KUSUKELA kwesobunxe­le nguMnu Onke Diko okhulumela i-ANC esifundeni i-Alfred Nzo, ngunobhala uMnu Vukile Mhlelemban­a nonobhala waleli qembu, uMnu u-Oscar Lubabalo Mabuyane emcimbini obuseMatat­iele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa