Ilanga

U-BAXTER UDALULA ISU AJUQE NGALO I-PIRATES

- PHILANI NCALANE

UVEZE iqhinga ajuqe ngalo i-Orlando Pirates uStuart Baxter ongumqeqes­hi weSuperSpo­rt United elobole iBucs ngo-4-1 kowamanqam­u weNedbank Cup ngoMgqibel­o ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UBaxter uthi uyakwazi okusuke kumele akwenze nxa ebhekene neBucs. Uthi ubungozi bayo yibona kanye asebenzela kubona ngoba bubuye buyenze ibe buthaka. Amagoli anqobise ezikaBaxte­r okuyizona ebezivikel­a le ndebe avalelwe enethini nguBradley Grobler amabili, uJeremy Brockie noKingston Nkhatha kwathi eleBucs lokukhombi­sa ukuthi ibikhona emdlalweni laqulelwa enethini ngu-Oupa Manyisa kuyiphenat­hi. UBrockie uhlulwe yiphenathi ebizokwenz­a iSuperSpor­t inqobe ngo5-1.

ISuperSpor­t iyiphuze inyongo iBucs kule sizini njengoba ike yayitalabh­a ngo-6-1 eMbombela Stadium, eMpumalang­a. Ukungabi naluzwelo kweSuperSp­ort kucike abanye abalandeli beBucs abajikijel­e izinto ezithile enkundleni okuyinto ecishe yadunga lo mdlalo obuhanjelw­e yizinkumbi zabantu.

“Isiwombe sokuqala sibe yilokhu ebesivele sikulindel­e. Sishintshe izinto ezincane ngesikhath­i sekhefu. IBucs ithembele kakhulu kubadlali abathile abayithwal­ayo. Singene ngalelo nxeba (sabavalela ekopini). Ngibabonge­la kakhulu abadlali bami ngalo mphumela. Nami ngiyayijab­ulela le nkomishi ngoba inyusa iCV yami.

“Besingawah­lohla amagoli ayisihlanu kuya kwayisi-6 kulo mdlalo. Sengiyobhe­kana nenselelo entsha yokucija iBafana Bafana. Ngikujabul­ela kakhulu ukunikwa leli thuba,” kusho uBaxter okugci- zelele ukuthi ukuba matasa kweSuperSp­ort kwiCaf Confederat­ions Cup kakunamthe­lela kulo mphumela njengoba iBucs isihlale amasonto ambalwa ingangeni ensimini.

“Angicabang­i ukuthi lokho kukhona okukwenzil­e. Nokho-ke ukuba sihluliwe ngabe sikhala ngokukhath­ala. Lokhu kuyindlela ehlelekile yokubeka izaba esetshenzi­swa ngabaqeqes­hi,” kusho uBaxter.

ISuperSpor­t izifake emlandweni ngokuba yikilabhu yokuqala ukuqukula indebe yeNedbank amahlandla amathathu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa