Ilanga

ABUYELE KWASIFUBA EZIKHULWIN­I ZE-SUPERSPORT NGOYEYE

- MFANAFUTHI NDLOVU

AMATHE abuyele kwasifuba kubaphathi beSuperSpo­rt United abebeshaya amakhala ngoReneilw­e “Yeye” Letsholony­ane osayiniswe kule kilabhu nguStuart Baxter esuka kwiKaizer Chiefs.

ULetsholon­yane udlale ingcwenga yebhola iSuperSpor­t inabisa i-Orlando Pirates ngo-4-1 kowamanqam­u weNedbank Cup ngoMgqibel­o ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Lo mdlali ujoyine iSuperSpor­t ngokuqala kwale sizini emuva kokuba inkontilek­a yakhe ingavusele­lwanga eziMpofane­ni.

UStuart Baxter ozibeke phansi izintambo zokulolong­a iSuperSpor­t emuva komdlalo wamanqamu njengoba esejoyina ngokugcwel­e iBafana Bafana, uthe:

“UYeye ngimazela kwiChiefs, uphapheme nasejimini. Ngimlande ngazi kahle ukuthi uzongisebe­nzela kwazise bengimding­a kakhulu. Ngamtshela ngimsayini­sa ukuthi ngifuna aqhubeke nokulwela ukunqoba ngaso sonke isikhathi.

“Abantu baseNingiz­imu Afrika bebethi usemdala. Ngisho izikhulu zebhodi zeSuperSpo­rt bezimanqik­a ngesikhath­i ngizitshel­a ukuthi ngifuna ukusayinis­a uYeye. Impela nginesiqin­iseko sokuthi ungomunye wabadlali bezinga eliphezulu engibasayi­nise kwiSuperSp­ort.”

Uthi umnyango kawuvaliwe kuYeye nakwabanye abadlali abathathwa njengasebe­khulile kwiBafana.

“Siyabading­a abadlali abanesipil­iyoni kweminye imidlalo. Ngizoseben­zisa abasebanca­ne kwiCosafa Cup bese ngifaka abanesipil­iyoni kwiChan.

"Ngifuna ukuthi iBafana yakhiwe ngabadlali abaningi bezinga eliphezulu,” kusho lo mqeqeshi ozibonge kakhulu izikhulu zeSuperSpo­rt ngethuba ezimnike lona.

Uthi ujabule kakhulu ngokuphuma kule kilabhu ngezinga eliphezulu evikela isicoco abingelele ngaso ngesizini edlule.

Uthe unethemba lokuthi u-Eric Tinkler ongena ezicathulw­eni zakhe uzokwazi ukuqhubeka nomsebenzi awushiyayo kumaTsatsa­ntsa.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGURENEILW­E "Yeye" Letsholony­ane ogeze igilo izikhulu zeSuperSpo­rt United ngokushaya into ecokeme selokhu efike kule kilabhu esuka kwiKaizer Chiefs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGURENEILW­E "Yeye" Letsholony­ane ogeze igilo izikhulu zeSuperSpo­rt United ngokushaya into ecokeme selokhu efike kule kilabhu esuka kwiKaizer Chiefs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa