Ibiqukethe abaculi abanohlonze iCrown Gospel Blestival
UBE wubukhazikhazi wadla ngomculo oseqophelweni eliphezulu umcimbi wokugubha iminyaka eli-10 iCrown Gospel Awards yaba khona eCarnival City eGauteng ngoMgqibelo.
Lo mcimbi obizwa ngeCrown Gospel Music Awards Blestival 2017, ubuwenzelwe eCarnival City, Big Top Arena, esifundeni saseGauteng. Ubuhanjelwe yizicukuthwane ebezivela emikhakheni ehlukene endimeni yomculo wokholo nezokungcebeleka nezenkolo kuleli.
Ngaphandle kokugubha le minyaka kubuye kwethulwa iPowerhouse Production, Gospel Musical Maria. IGospel Maria ixoxa udaba lwentombi uMaria eyaba ngunina weNkosi uJesu, abalingisi balo mdlalo ngoBrian Temba ongumlingisi nomculi owaziwayo noJessica Nkosi odlala indawo kaMaria obelingisa uQondi kwiSibaya.
Umsunguli walo mncintiswano osudume ngegama lokuthi nga- maCrown, uNkk Zanele LaMbokazi Nkambule uthe: “Siqale lo mncintiswano ukwenza ushintsho olubonakalayo endimeni yomculo we- gospel lapho sasifuna ukunikeza ithuba kubo bonke abakule ndima.
"Ngokusizwa yiNkosi, sesihambe kwaze kwaba lapha sesiqeda iminyaka eli-10 lo mncintiswano usengohamba phambili kuleli emculweni wo- kholo.
"Siyethemba ukuthi usazoqhubeka eminye iminyaka ngomusa kaNkulunkululu, sizimisele ukuvumbulula amathalente amasha kuleli zwekazi lakithi. Umdlalo uMaria uzoboniswa ezweni lonke kungekudala.”
Kugiye abaculi abaziwayo kulo mcimbi okubalwa uRebecca Malope, uBenjamin Dube, uDumi Mkokstad nabanye.