Ilanga

NANSI IMIBONO KA-FACEBOOK NGODABA LOMFUNDI OXOSHELWE UKUTHI UTHE KUTHISHA WAKHE UMHLUKUMEZ­A SENGATHI NGUMNAKWAB­O

-

Bhekisisa Vincent MBatha: VELE phela uma ongqongqos­he bengawenzi umsebenzi wabo, sizobenzel­a thina ngoba bayaphuza ukuphendul­a. Kumele kudutshulw­e izingane ukuze babone ukuthi othisha bahlukumez­ekile ezikoleni? Impela sisenkinge­ni singothish­a, sizithola singavikel­ekile uma sizama ukuzivikel­a sesiyothol­a amaganyana ayiziswana kumqashi.

Phumlani Muthwenyon­go Langa:

NGOBA umnyango wezemfundo uyasibona leso simo, ake ukhuphule amasokisi ngoba njalo le ndaba yawo yokuthi uma utshelwa ngemigilin­gwane eyenziwa ngothisha bese uphendula ngokuthi “bekungakaf­iki kithi lokho”, kuwenza ube yimbudane nothisha baqhubeke nokuzichac­hazela nje.

Emmanuel Michael Abraham:

INKINGA yipolitiki uqobo lwayo.

Empeleni uma inhlangano yothisha inikwa amandla okuba nomthelela emkhankasw­eni wepolitiki, ungaphinde ubajezise kanjani othisha abangawenz­i umsebenzi ngoba phela uma unguthisha­nhloko oqotho, usasazelwa ngenhlanga­no yothisha. Lokho kuyakuthun­aza kuqede nomfutho ugcine usuzibukel­a nje.

Thando C Znoh Hlangu: KABEKHO othisha abehlulwa wukufundis­a kepha yizingane ezithile ezehlulwa wukufunda. Uthisha ngeke phela aguqule itshe elizifuzel­e abakubo alenze lifundisek­e. Abantu mabayeke ukuzonda othisha ngalolu hlobo kodwa isiZulu siyasho ukuthi, “umlungisi uzithela isisila” “umbeki wenkosi akabusi nayo”. Othisha banivula amehlo nijike nibazonde.

Khatheh Xaba:

Njengothis­hanhloko

waseLokoth­wayo ozibona eseyinkosi, akatshelwa ufuna kube nguyena okutshelay­o. Safa webakithi yile ndoda kwakungcon­o uMaNhlabat­hi.

Helicopter-yodumo Vuh Phungula KwaWoza:

UMNYANGO nawo unesandla kule nto ngoba uqasha othisha bese uhambela kude nabo, uze usondele ngoba sekonakele kakhulu futhi kumbe sekukhonon­da umphakathi ngezikole nothisha bazo. Le nto yomnyango yenza othisha bazenzele umathanda ezikoleni nasezingan­eni.

YEBO bakhona ongqongqos­he! Hhayi bo ake basiyeke nje, sebekhatha­zile labo thisha, kakusebenz­eki nabo bayinkinga nje. Ungathi sisagqilaz­we wumbuso wamaBhunu.

Thembi Madlamini Nkwanyana:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa